•  2023/11/01 11:02

Bo-Ndabezitha, njengosuku lokugcina lokwahlulela, nawo lo mphambanandlela bewulokhu uza kancane unyelela. Sekunjalo beNdlovu enamandla, senibhajwe ebhaxeni manje lapho ingasekho enye indlela yokuphunyula ngaphandle kokuthi nihambe phezu kwamakhanda amadoda. Akujiki, kuphakathi kokuthi niyagwaza nisinde noma niyagwazwa niphele. Izitha seziwuphonsile umkhonto kinina, wahlaba 12 yamakhosi, kwalala 42 yezinduna kwelikaMthaniya. Sikhuluma nje izibalo azimile ziyakhuphuka. Inswelaboya ifana nenja. Ike yagadla kuwe awangaphindiselela iphinda igadle futhi. Nibhekene nomlingi ogadla engaphezi kwazise wagadla eSilweni sikaZulu uZwelithini nezinyane laso uLethukuthula kwadlula kwacweba iziziba. Umuzi ofelwa njalo kudlule kucwebe iziziba ugcina usulinxiwa esalimila imbuya ngoba noma yiliphi ivaka elifisa ukuzizwa amandla nokuzitholela udumo nokwesatshwa endaweni lizuza ngawo iqunga. Yingakho isisho sithi: "Wena onyela kwesami isivande nami ngizonyela kwesakho." Injalo nje impilo. Makhosi oselwa, sebesingcolise kakhulu abathakathi isivande senu. Ake ningcolise esabo ukuze nibuyelwe yisithunzi. Uma ningaluthezi phezulu emthakathini anisezuphuma kulelibhaxa kuhle kukanonkoboshe ziwuvalele emgodini. Nali ikhambi... AUDIO SIZE: 35. 03MB

Read More
  •  2023/03/30 18:23

The real Zulu King: "Putin is showing us the way..."

Read More
I BUILT MY SITE FOR FREE USING