24 May
24May

Kungani kuvota abantu abahluphekayo kodwa kuvune izicebi ezingavoti? Sengathi lo mbuzo uyabuzana nalo othi kungani uMzansi usabuswa ngemithetho yamaNgisi kepha kuthiwa kuphethe uhulumeni omnyama? Kungani iRandi lilokhu lingaphansi kakhulu kwePhawundi laseBrithani neDollar laseMelika ngokwamandla kodwa uMzansi unezimbiwa zawo iBrithani neMelika engenazo.

Abakufihli ukuthi ziyaduma emuva kokhetho, zonke zibuyela esihogweni

Yingoba asiyilaleli imiyalelo kaNkulunkulu efika ngabapholofithi phakathi kwethu. Engakafiki umlungu uNkulunkulu uthume uMpholofithi kwelakwaXhosa la babezofikela khona ukuthi awaphaphamise ngezidalwa ezizofika ngemikhumbi ziphethe izinto ezimbili. Okunye uma ekuchaza uNtsikana wathi kuwumqulu, esho iBhayibheli, okunye wathi kuyobukeka njengenkinobho, echaza imali. Wathi uQamatha umtshele ukuthi abakwaXhosa bangalinge bakwemukele lokhu okuyinkinobho ngoba uma beke benza njalo bayolahlekelwa yiko konke. Wathi bakwemukele lokhu okunye okungumqulu lezi zidalwa ezizofika zikuphethe ngoba kuYizwi likaQamatha, iBhayibheli. 

AmaXhosa awahlonipha amazwi oMpholofithi wawo uNtsikana kwazise wayengakaze ashaye phansi ngezipholofitho zakhe. Umyalezo awedlulisela ngezizukulwane ngezizukulwane. Nangempela agcina efikile amankengane njengoba uNkulunkulu ayebikezelile kwaXhosa ngoMpholifithi wakhona. Nangempela amankengane afika ephethe zombili lezi zinto uNtsikana ayethe ayofika eziphethe. Awemukela umqulu njengokusho koMpholifithi amaXhosa kodwa athi cha, ayakubonga lokhu okusankinobho ecwebezelayo, imali, ngoba banelisekile ngemfuyo abanayo namasimu abawalimayo, abadinge nkece empilweni yabo. AmaXhosa awuhloniphile umyalelo kaNtsikana iminyaka ngeminyaka, kwaze kwaphela cishe iminyaka engama-200 yonke engavumi ukuhwebelana nabelungu ngemali. 

Kuthe uma bebona abelungu ukuthi impande yesono ayisebenzi ukuxhopha amaXhosa, base befuna umuntu ngaphakathi kwalesi sizwe oyisethenjwa kakhulu owayenguMpholofithi wangaleso sikhathi, bamthenga. Lowo nguNongqawuse umntaka Mhlakaza. Angithi base bezwile ukuthi umuntu owayebaxwayisile ngokungcola kwabo wuMpholithi uNtsikana, banquma ukuthi iva balikhiphe ngelinye. Akwaziwa ukuthi yiliphi iqiniso phakathi kokuthi uNongqawuse wathengwa abelungu ukubhubhisa isizwe sakubo ngokusedukisa ngamanga, nalombiko othi abelungu bamxhopha, baqhamuka kuye esemfuleni begqoke amakhoshumi angajwayelekile behamba ngalezinduku ezinde zasemasekisini ezenza umuntu abukeke samungcwi, bathi bayizingelosi ezithunywe wuQamatha ukuthi badlulise lowo myalezo abawutshela uNongqawuse.

Kuthiwa nasebusweni bazezibhixe ngomlotha ukuzenza izidalwa ezivela komunye umhlaba. Kona babengamdida uma ayengakaze ayibone leyanto empilweni yakhe uNongqawuse ngoba wayengeke azi ukuthi izinduku ezixhunyiweyo lezi ababehamba ngazo. Bamtshela lowo myalezo-ke abamtshela wona ukukholisa isizwe sakwaXhosa. Ngenxa yomuntu oyedwa esasimethemba ngempilo yaso yonke isizwe sakwaXhosa njengoMpholifithi waso owathi akushiswe amasimu kubulawe nemfuyo ngoba konke sekuyozimilela, sabhubha isizwe sajika saba yizinqibi zabelungu. 

Akuyena uRamaphosa lo namhlanje oniphinde ngenduku efanayo ngokukhohlisa isizwe saseMzansi ukuthi akudayiswe ama-State Owned Enterprises ukuze kuxazululeke izinkinga zikagesi ebezingakaze zibe khona, ebezidalwa abelungu ngabomu ngoba befuna kube yibo abathatha ibhizinisi lokudayisa ngogesi kuhulumeni, kwajike kwaba mnyama ezweni, ngenxa nje yomuntu oyedwa enimethembayo? 

Okwehlela isizwe sakwaXhosa sesilwe cishe iminyaka enga-200 yonke namankengane ezama ukusilutha ngemali kwasabalala nezwekazi lonke lase-Afrika eseNingizimu, amakhosi anquma ukuthi abelungu akuyona into yokwethenjwa, akube omabonwabulawe ezweni ngoba wambatha ngubonye nje nabo bazokujikela esiswini njengotshwala bakuhlinzele ezibini. Bafika nje ngale kuShaka ka Senzakhona kwaZulu basathwele kanzima ngale kwaXhosa ngoba abasafunwa muntu. Bazenza izinqibi ezingodingindawo kanti bazingelana nezizwe zakwa-Israyeli ezingu-12 lezi ezithe chithi saka umhlaba wonke emva kokuxoshwa amaRoma kwa-Israyeli ngonyanka ka-70 AD, ezingabantu abamnyama. 

Uyatuseka lo mlando wakwaXhosa wokulandela umyalelo woMpholofithi wawo uNtsikana kuze kuba badayiswa wumuntu wakubo. Ngoba unzima uSathane esehlome ngomuntu wakini, obuza thina iZazi. Futhi uSathane akaqali nhlobo ukulwa nesitha sakhe engakalitholi inxusa lakhe ngaphakathi emndenini wesitha. Kuthe sebehlulekile-ke wuShaka ngale kwaZulu kwazise wayesewufunde wawuqeda umqondo wabo, bamthengela umndeni nesihlobo sakhe uMbopha ka Sithayi, bamgiba. Nawe-ke muntu omnyama lowo mndeni abakuthengele wona namhlanje yilo mholi wakho wepolitiki omethembayo nomvotelayo. Vele kwaSathane udliwa ngomuntu omethembayo.

Ama-Edomite abuke abuka abona ukuthi amakhosi ahlakaniphe kakhulu, awathengeki ukuphanisa ngomhlaba nomnotho wezwe. Base bakha amaNyuvesi, kwathiwa akuqeqeshwe kuwo izifundiswa ezizokwazi ukusebenza emafemini abelungu abazowakha ngoba sekunezinhlelo zokwakha umnotho omusha. Kanti sekucabelwa ukuthi izwe libuswe ongxuwankulu ngemali kusetshenziswa osopolitiki njengezimenenja zomphakathi. 

Baqale ukukwenza kube semthethweni lokhu emuva kuka-1913, sebenesitifiketi sobunikazi bezwe lethu nomnotho walo ngeLand (Dispossession) Act eyasayindwa ngawo lo nyaka. Le-project abayibulalayo nonyaka okuthiwa yi-ANC, silokhu sithi ngeyamakhosi nje kahle-hle nawo amakhosi ayeluthiwe. Base bebonile ukuthi amakhosi awawubambi umshini ngokuntshontshwa komhlaba, kwathiwa akukhandwe izifundiswa ezingosopolitiki zifakwe ezikolweni zibulawe imiqondo. Babazi kamhlophe ukuthi eke wavuma nje ukulengisa uthayi entanyeni umuntu omnyama kuyobe kuphelile ngobunsizwa bakhe, angeke esalilwela izwe lakhe. 

Angithi isikole sizokwenza isiqiniseko ukuthi ufundiswa ukuthi ukulwela umhlaba wubuqaba. Sikufundise 'impucuzeko' le ethi izinto azisalwelwa ngesikhali, sezilwelwa ngepeni. Kusho isigebengu esithathe umhlaba wethu ngesikhali, sanele sawuthatha sathi akuyekwe ukuliwa manje, sekuyisikhathi sokuswenka kuhlalwe etafuleni kuliwe ngepeni nangevoti. 

Yingakho nje namhlanje singenamhlaba nosopolitiki bengasenandaba nokubuyiswa kwawo. Ikhona into ephusile umuntu okwemuke umhlaba angakufundisa yona esikoleni ngaphandle kobugwala nobulima? Nangempela zangena iziphuphutheki zansondo emadeleni engqondo okuthiwa zikole zakhishwa ubuchopho zaphuma sezingamagobolondo. Kunjani-ke namhlanje? 

Olwethu ucwaningo luthola ukuthi inhlangano kaKhongolose kahle-hle ife ngowe-1955, mhla ama-Edomite ayezibiza ngamaKhomanisi ngaphakathi embuthweni edweba iFreedom Charter. Eyidweba engekho owayenguMengameli wenhlangano ngaleso sikhathi inkosi u-Albert Luthuli. Kuthiwa wafika seliyoshona ilanga kuleyo ngqungquthela yaseKliptown yomkokotelo, izinqumo ezinqala sezithathiwe amaJudambumbulu. Okwathi uma eyifunda, wakhalaza ngayo, akangayisayina, efunga ukuthi akunaKhongolose wangempela owawungaphasisa ukuthi uMzansi usungokanoma ubani ohlala kuwo.

Kuthe uma ebona lama Judambumbulu ayizigebengu zeFreedom Charter ukuthi uLuthuli akabuphasisi ubugebengu bawo, azama ukumthenga ngeNobel Peace Prize. Asikholwa nokuthi wawemukela nokuwemukela lowo mklomelo uLuthuli ngoba siyabazi abawemukelayo ukuthi kuyajika ukukhuluma kwabo ulimi lube mbaxambili okwelenyoka, bahheme njengoMbhishobhi uDesmond Tutu ezinsukwini zakhe zokugcina. Phela lo mklomelo uhamba nogqumgqum wesizumbulu semali engango R6 million. Ubani-ke ongakudizela ngemali engaka ajike engakufuni ocansini?

Nokho uLuthuli waqhubeka-ke yena nokulwela inkululeko noma sebemgidlabeze ngawo, kwaze kwathi uma bebona ukuthi akathengeki, ufana noMnu Chris Hani etafuleni lezingxoxo ze-Codesa, bamsoconga engozini okwathiwa eyesitimela ngowe-1967. Ingozi-mbumbulu esikholelwa ukuthi yayihleliwe. Ukube wayewuthathile ngempela lowo gqumgqum kaSathane uLuthuli, wayeyoba ezihambela ngonyanyavu lwemoto kanokusho kunokugibela isitimela.

UMnu Anton Lembede, odliswe ushevu washona ngowe-1947 enguMengameli wophiko lwentsha lwe-ANC, uqhamuka ndawonye noLuthuli, ezinkalweni zakoMbumbulu budebuduze neTheku. ULuthuli wayedabuka eGroutville naye, budebuduze neTheku. ULembede naye wayengawubambi umshini womcindezeli, esola izingwevu kuKhongolose ngobugwala nokuthengeka nangokudayisa ngomzabalazo wokubuyiswa komhlaba wabantu. Ebakhumbuza ukuthi amakhosi ayethume uKhongolose belu ukuthi ulwele ukubuyiswa komhlaba. Kanti imfundisoze yomlungu eNyuvesi isizojikisa labaholi endleleni eya eNinive ibashonise eThalashishi okukaJonah eBhayibhelini edukiswa wuSathane.

Ithe uma ifa i-ANC eKliptown ngowe-1955 ibulawa zithunywa zabacindezeli ezingamaJudambumbulu ezasezingene njengamaKhomanisi embuthweni, ithimba lophiko lwentsha olwaluholwa wuLembede lisungulwa lwaqembuka ngalo lelo langa, liphikisana neFreedom Charter yokunuka. Umdonsiswano owadonsa iminyaka emine yonke kungatholakali isixazululo, amazemtiti, (phecelezi izifundiswa zikaKhongolose ezase zidliwe abelungu), zinxexa ezikaLembede ukuthi zithengeke kufakwe umuntu omnyama endalini, waphelela ekusungulweni kweqembu elisha ngowe-1959, lisungulwa wumngane kaLembede omkhulu uMnu Robert Sobukwe.

PAC Founder Robert Sobukwe

Leyo-ANC yangempela yethiwa igama elisha kwathiwa yi-Pan Africanist Congress of Azania (PAC). Basala kanjalo benkemile abadayisi nabanikazi babo okungabelungu kwi-ANC. Bona kanye laba belungu asebezibiza nge-DA namhlanje asebekhipha i-ANC ezindlini zombuso ngeyi-29 zikaMeyi. Vele kuthiwa ifa leziwula lidliwa yizihlakaniphi. Umthemba kanjani umuntu owakuthathela impilo yakho yonke okungumhlaba? Akangagcina lapho, wabulala amakhosi akini wawanquma amakhanda amanye wawavalela eRobben Island aze akhothamela khona. Kumanje iNdlovukazi yabo iphuza iwayini ngezingebhezi zamakhosi ase-Afrika eNgilandi. Bese wena wethembela kulowo mphuphe womholi.

Ngamanye amazwi i-ANC iquleke ngowe-1955, yalala e-ICU iminyaka emithathu yonke, kwathi kulo wesine yalala umlalela wafuthi, nokho wayibuyisa uSobukwe emathuneni njengedlozi wayibiza nge-PAC ngowe-1959. Leyo-PAC akuyona le esiholwa wuMzwanele Nyhotso ePhalamdende kumanje, ehamba icelana nevoti.

I-PAC yangempela yayingeke ihlale ePhalamende uMandela esebeke phansi izintambo ngowe-1998 kwazise uMandela uduba nje naye wayesebonile ukuthi uMnu O.R. Tambo umdayisile ngokumkhipha ejele wamgibelisa ihhashi eeseliphethwe wumkhuhlane, wathi akahubhe ngalo inyamazane okuthiwa yinkululeko. Emshiya nebhomu elingaqhuma noma yinini esandleni, naye okuthe selititiza lifuna ukuqhumela ezandleni zakhe waledlulisela kuMbeki, wathi bona nawe ndodana kaGovan ukuthi wenzenjani ngalo.

Le-PAC esikhuluma ngayo ingaphandle kwePhalamende kumanje, iholwa wuMnu Narius Moloto.

PAC President Narius Moloto

Akuna-ANC yangempela ebingahlalela le mbudane yenkululeko-mbumbulu yonke le minyaka ePhalamende ingabuyeli ehlathini ukuyoqedelela eyase ikuqale ngaphandle ngowe-1961. Ngamanye amazwi noma yimuphi umholi wezepolitiki embuthweni ohlale kuleliyasekisi lamahlaya okuthiwa yiPhalamende laseMzansi esephumile uMandela wumdayisi. Umdayisi obesazi kahle ukuthi leya nto ayisoze yamsebenzela umuntu omnyama kwazise uMandela wayitshela i-ANC mhla eshiyayo ukuthi uxoshwa ubuxoki bongxuwankulu babelungu, osekuphele iminyaka emihlanu yonke bengazifezi izethembiso ababezenze kuye ezingxoxweni zeCodesa ukuze abantu abamnyama bajike bazonde yena, bamthathe njengomdayisi owenza izethembiso angazifezi. Lokhu kufakazelwe wuMama uWinnie Mandela ekhuluma nentaheli yaseBrithani ngowezi-2011.

Into eyacika uMandela ci ukungafezi kwabo izethembiso zokwakha inqwaba yamathuba emisebenzi ababemthembise yona ngohlelo lwe-job rotation, phecelezi ukudedelana kwabasebenzi ngehora ngehora, okuyindlela umgomo weGEAR owawudayiswe ngayo kuye, kanti bafuna ukudiliza abasebenzi abaqashwe ngokugcwele emafemini babenze otoho abahola amakinati ukuze babaxhaphaze kalula bengasenamalungelo. Ngenxa yama-Labour Broker i-ANC isizakhele isicefe kabi ezweni kubasebenzi. Sikhuluma nje eThekwini Metro kume nse yonke into ngenxa yamaholo angagculisi, baqhathwa wumlungu osefuna ukungena ngalelo nxeba elavulwa wuye kubusa uMandela athathe iSifundazwe ngevoti lezilima.

Namanje, umzabalazo wangempela wokubuyiswa komhlaba wagcina ngempi yenkosi yakwaZondi eMsinga uBhambatha ka Mancinza ngowe-1906, eminyakeni eyisithupha elandelayo kwasungulwa inhlangano yezepolitiki i-ANC ngowe-1912, waphela nya-ke umzabalazo wokubuyiswa komhlaba emveni kwalokho. Imfundo yasemaNyuvesi yatshela izifundiswa ezingosopolitiki ukuthi abayeke ukulwela umhlaba ngesikhali, kunalokho balwele ukuyoqhetha nabelungu ePhalamende ngepeni. Intombi abayishele iminyaka engama-49 yonke ingabaqomi, kwaze kwathi ngowe-1961 yabakhafulela ebusweni ngokubadingisa ezweni. Kwayima beqala ukulwa-ke.

Inkosi uBhambatha Zondi

Sesiphenye saphenya sizama ukuthola ukuthi bekuyini ngempela umsebenzi kaKhongolose ezweni kusukela ngowe-1912 kuze kufike kowe-1944 kusungulwa uphiko lwayo lwentsha i-ANC Youth League, asitholi lutho olubambekayo. Umlando kaKhongolose wesuliwe nje kuleminyaka. Kuyacaca ukuthi kwakuhlanganwa nje ndawondawo namadlagusha, mhlawumbe kuhletshwa amakhosi kwakhiwa namatulo okuthi angaphucwa kanjani imihlaba yawo asasele nayo, imvamisa ebese kuyimigubane, nokuthi angavalelwa kanjani ngaphandle kwingomuso lezwe ngoba 'awaphucuzekile njengezifundiswa', nawo okubukeka sengathi ayesathembele nokho embuthweni ka-ANC kuleminyaka ngoba ayethule nje, yize kungacaci ukuthi yini eyayilungiseka.

Ukubulawa kwamakhosi

Lokhu sikushiso ukuthi nanamhlanje, iphunga likaKhongolose ekusocongweni kwamakhosi liyafuquka ngoba uhulumeni wawo awenzi lutho ngokubulawa kwawo, okwenza kusolakale ukuthi uhulumeni unesandla yize singangabazi ukuthi obhongoza kulento amasela omhlaba okungabelungu. Phela inkosi uma ungayifuni angeke uyithengele u-IEC ukuthi uyirobhe ivoti okhethweni njengosopolitiki.

Lokho-ke kukushiya nomgudu owodwa vo ongawulandela ukugudlula inkosi eyinkinga; okungukuyisoconga ufake isichuse. Ungabona abantu abaqavile ezweni begingqika ubuthaphuthaphu kodwa kungaboshwa muntu, noma kanjani uhulumeni lowo obulala abantu.

Namanje sisola iqembu leNkatha ngokubulawa kwenkosi yakwaMabaso uThembitshe eMsinga, ngokunjalo nasekwedluleni kwenkosi uPano Ngubane eMabomvini. Nangokwedlula futhi kukaMdidiyeli wamabutho amaBomvu aseMsinga uMthembeni Mntungwa, sisola iqembu leNkatha. Kunezigameko eziningi esike sazibala khona la ezenza sisole iqembu leNkatha ngokugxambukela kwalo emibangweni yobukhosi kwelikaMthaniya lisetshenziwa abakwa-Oppenheimer.

Emva kwalezigameko; ubukhosi bakwaMabaso, njengobaseMabomvini eMsinga, nabo sebugaxele embangweni ongapheli. AbakwaMabaso, njengabaseMabomvini sebeyafana nabantu abangasenankosi selo kukhotheme inkosi uThembitshe. Sezwa ngandlebenye ukuthi la eNkatheni kukhona abese behamba befafaza amanga ukuthi inkosi uThembitshe idayisa ngomhlaba wesizwe. Esikwaziyo thina ukuthi inkosi ibizama ukuletha intuthuko esizweni sayo ngokwakha idolobha lesibili kwaMabaso eMphelankani ngokubambisana nohulumeni wesiFundazwe. Inkosi uMabaso ibicikwa wukuthi akuzuzi isizwe sayo ngalowa mnotho waseTugela Ferry, ngaphandle kwegcunswana lezichuse zabelungu eNkatheni eziwudla nabelungu, amaNdiya namaPakistani.

Akusoze kwaba wukuqondana kwezinto ukuthi njalo uma inkosi yoselwa izama ukukhipha abantu bayo otakwini lobubha nokwesweleka kwemisebenzi ngokwakha amathuba okusungula amabhizinisi okungawabo, ivelelwe wumshophi. 

Inkosi uKhayelihle Mathaba ongasekho

Enyangeni ka-Agasti ngowezi-2014, inkosi yaseMacambini kwaZulu uKhayelihle Mathaba uvelelwe yingozi eyemuka nomphefumulo wakhe khona kulendawo kulandela ukuvinjwa kwentuthuko eyayilethwa osozimboni abavela eDubai, lapho osozimboni bakulelizwe base besayine isivumelwano nenkosi ukuza eMacambini bezokwelekelela inkosi ukuvula idolobha labantu abamnyama namathuba emisebenzi. 

Inkosi uMathaba yabhikishelwa abalandeli beqembu le-IFP kwama nse yonke into, kwezakala umholi we-IFP ongasekho uMangosuthu Buthelezi emisakazweni ngesikhathi salemibhikisho enika izakhamizi zakulendawo isiqiniseko sokuthi akuzushayeka muntu ngokuvinjwa kwalentuthuko yaseDubai "ebifuna ukwakha izimboni phezu kwamathuna okhokho benu". 

Kuzokhumbuleka ukuthi nangesikhathi iqembu leNkatha livimba intuthuko yokulethwa kwetiyela eMabomvini yizelamani zakwaNgubane eNqoleni ezazingabaholi be-ANC, kuthiwa latshela umphakathi ukuthi itiyela elilethwa yi-ANC eMsinga lizophula izinselo zezinkomo zawo, ugesi uxhophe amadlozi. Kodwa itiyela elifanayo elalifakwe abelungu belihamba lize liyongena emagcekeni kwaPhindangene eMahlabathini kungaphuki zinselo zankomo yamuntu.

Ephawula uButhelezi ngalemibhikiso yokuvimba intuthuko eyayenziwa abalandeli bakhe eMacambini, wathi abakhululeke abantu besizwe senkosi uMathaba ngoba kukhona osozimboni bamazwe aseNtshonalanga abezayo ukuzovula izimboni ezintsha. Namhlanje wunyaka wezi-2024, lezo zimboni ezazethenjiswe wuButhelezi azibonwa nangokhalo eMacambini. Kodwa kusenomuntu omnyama nosopolitiki ocabanga ukuthi kunamathuba emisebenzi angavela ezweni edalwa zimboni zaseNtshonalanga.

Kuthe uma kwedlula iminyaka lezo zethembiso ezazenziwe wuButhelezi zingafezeki, yaqala inkosi uMathaba ukubuza imibuzo ukuthi babevinjelwani pho osozimboni baseDubai ukuvula idilobha esizweni sayo njengoba osozimboni baseNtshonalanga bengasaveli nje. Wasevelwa yilengozi yemoto. 

Ephawula lowo owayenguMengameli  weNFP nowayesondelene kakhulu nenkosi uMathaba ikhothama ngowezi-2014 uNkk Zanele Magwaza-Msibi wathi: "Ngidumele kakhulu ngokwedlula kwenkosi uMathaba emhlabeni ngoba ibuwumuntu ozithobe kakhulu futhi isikhonzile isizwe sayo, ifisa ukusithuthukisa ngakho konke okusemandleni ayo ngokwakha izikole namaklinikhi. Ibiyisibonelo esihle ebuholini bendabuko."

Nenkosi yakwaMabaso ikhothama nje ibisezinhlelweni zokuvula amabhusha azodayisa inyama yembuzi eMphelankani, okuyisona silwane esiyimfuyo esimchumayo umuntu omnyama eMsinga. Kusobala ukuthi abelungu bawucosha lo moya, bathinta izincelebana zabo kwathiwa azimgibe uNdabezitha. Abelungu bayicisha zisuka nje intuthuko ehlose ukwenza umuntu omnyama azimele geqe ngokomnotho, anganciki kubo. 

Siyazi thina njengabacwaningi nezinthatheli ezingachemile ukuthi noma ubani okuthiwa wabulawa yi-Covid wasocongwa. Inhloso ngokubulala amakhosi ukuqeda nya ngemibuso yendabuko ezweni ukuze kukhonye osopolitiki, umsebenzi wabo okunguthatha umnotho wabantu bawedlulisele ebelungwini. Akuseyona imfihlo ukuthi i-ANC kaRamaphosa ibeke abelungu phambili kunabantu abamnyama njengeNkatha.

UMengameli weIFP uVelenkosini Hlabisa iqembu lakhe elithole ugqumgqum wemali yokukhankasela ukhetho engango R20 million kwabakwa-Oppenheimer. Izazi zisola lo mndeni wakwa-Oppenheimer ekusocongweni kwamakhosi. Yonke into onayo lo mndeni wayiqola emakhosini, ngakho-ke yibona abangalahlekelwa yikho konke uma umhlaba ungabuyiselwa emakhosini. Manje sebethembele kosopolitiki ukuthi babavikele njengoba bebaxhasa ngezizumbulu zemali engaka nje

Njengoba kulonyaka sebephelelwa yinkontileka nje yokuzenza ababusi bezwe bengebona oRamaphosa; iNdlovukazi yamaNgisi isibakhipha nasePhalamende layo ukuze ibuyise ingcindezelo yomuntu omnyama ezweni ngokusemthethweni, kuyashaqisa ukuthi kuyithathe iminyakana nje engama-29 ukuphendula uKhongolose i-National Party emnyama bhuqe ngebala ngamathenda nje, amaBEE deals, izimoto ezinamalambu ambuka phezulu nangezindlu zikanokusho esilungwini. Cha bashibhile osopolitiki la ngaphandle. Ngesoso nje lenyama eyosiwe nebhodlela le-whisky usungaze ufake abantu bakini endalini!!! Kuthiwa uMnu Velenkosini Hlabisa we-IFP wuyena ozoba wubuso obumnyama be-DA uma ithatha izwe njenge-Coalition for Multi-party Democracy mhlaka-29 Meyi. 

Engabe AmaJudambumbulu ayogqoka imaski kuze kube nini ukubusa lelizwe laseMzansi ngoba kwa-National Party leyo ebeyaziwa njengombuso wamaBhunu babecashe ngayo, bekuyibona empeleni abacindezeli bangempela bomuntu omnyama ezweni. Namhlanje sebefuna ukucasha nge-IFP ukusicindezela, kade becashe nge-ANC yonke leminyaka engama-29 edlule! Uma sebemoshile futhi nge-IFP bazofuna obunye ubuso obumnyama bagange ngabo ezweni. Ayikhohliwe ihlakaniphe ukwedlula wonke umuntu inzalo ka-Esau emhlabeni.

Lokhu kuzoqhubeka uma oyedwa nje wenu bantu abamnyama eke wavota ngeyi-29 zikaMeyi. Vele besavota bodwa abelungu bebengakutholi ukuphumula. Bebewadla bejeqeza amantshontsho okwebiwa lawa ukuvota kwenu osekubanike igunya lokuwahlafuna ngokukhululeka.

Selilonke...

Sayilahla ngokuvumela ipolitiki idlale indima ezimpilweni zethu ngowe-1912. Saphinde sayibaxa, ngoba siyayibaxa yini pho uma sekusisukile, ngokuvuma ukubuyisa izwe elathathwa ngesikhali ngokudlala idayisi okuthiwa ukuvota. Ila besibone khona abelungu ukuthi silahle ngempela. Ukhona umuntu ongathathelwa into yakhe ngenkani, naye avume ukuxhoshwa ngokugingqa idayisi ukuze ayibuyise!!! Ungazibuyisa kanjani izinkomo zakini ezakhishwa ngesikhali esibayeni ngokuntshinga iphepha emgqonyeni kadoti okuthiwa yivoti?

Umuntu angafike akuqhwage okungokwakho, kuthi sekungakuye bese ethi nali idayisi, akudlalwe lona, owinayo uzobuyelwa okungokwakhe. Kuthiwe uma ewina nalo owantshontshela omunye yinhlanhla yakhe naye, uzozigcina-ke izimpahla zokwebiwa lezo, iqhubeke impilo sengathi akukho zinyane lemvubu elike ladliwa yingwenya. Nalo njalo lelo dayisi elidlalwayo likhandwe yilo isela leli, akungatshazwa ukuthi nalo liwumbombayi.

Ligingqwe idayisi. Winiyane umebelwa. Kodwa do ukubuyiswa kwempahla yakhe eyebiwa. Uqhubeke umdlalo wedayisi iminyaka engama-29 yonke. Uyawina njalo umebelwa kodwa do umklomelo!!!

"Kanti zibuya nini izinkomo zakithi zokwebiwa ngoba ngiyawina nje kulomdlalo wedayisi?"

"Hhayi, thina njengenhlangano ebusayo sawushaya umthetho wokubuyiswa komhlaba ngowezi-2017, kwasuke kwanqoba umdayisi okhethweni, akangabe esayifeza imigomo yethu yokubuyisela umhlaba kubanikazi ngaphandle kwesinxephezelo."

"Waluwina kanjani umdayisi ukhetho kunezikhalazo nobufakazi obabuqanda ikhanda eNkomfeni ukuthi lwakhwatshaniswa? Angithi natshelwa ngaphambi kokhetho ukuthi kunezingulube ezintswininizayo ngaphakathi eNkomfeni ezingewona amalunga kaKhongolose ngokusemthwethweni ezazizovotela ingulube yomlungu?"

Yebo, ubufakazi bukaMnu Thapelo Leponesa sabubona sonke, esho ukuthi wamazisa ngalokhu owagcina ekhethwe njengoNobhala-Jikelele ka-ANC kuleyoNkomfa yaseNasrec uAce Magashule ukuthi kunabantu ababeseNkomfeni ngokungemthetho futhi babukokotelwe kanjani ubulunga babo eKapa, e-Eastern Cape nase-Free State ukuze bavotele isigebengu sikamatilasi. Nabu ubufakazi buka Mnu uLeponesa.

"Hhayi khululeka comrade Thapelo," Kuthiwa kwasho uMagashule ngokukhulu ukuzethemba lokhu. "Khohlwa yilobo bufakazi ngoba sinesiqiniseko ukuthi noma kanjani sizoluwina lolu khetho."

Lwabehlula ukhetho!!!

Kungenzeka yini konje ukuthi uMagashule wayevele esazi ukuthi uzoba umthobanhliziyo ohlangothini lukaDr. Nkosazana Dlamini-Zuma kuleyaNkomfa yaseNasrec uma ethi unesiqiniseko sokuthi bazoliwina ukhetho, kwazise wavuka nesikhundla sobuNobhala-Jikelele emkhonyovini.

ULeponesa wayenobufakazi ukuthi uhlangothi lweRET luzokhala ngaphansi. Namanje kusize ngani ukuwina kukaMagashule njengoNobhala-Jikele ka-ANC kwazise ugcine exoshiwe nakuKhongolose, kanti akukho namandla okubonakala ukuthi ubenawo njengoNobhala-Jikelele ngoba besihlukunyezwa wuRamaphosa ekhona njengo-'CEO' wenhlangano eLuthuli House. 

Kwasiza ngani ukukhethwa kukaMagashule eNasrec?

Uma babenesiqiniseko sokuwina, uma engasawini pho uDr. Nkasazana Dlamini-Zuma abangayifakela ngani inselelelo imiphumela yokhetho ukuze kubalwe kabusha kwazise nama-delegates ayeshaya amakhala ngendlela ukhetho olwalusingathwe ngayo yintombi kaMnu Paul Mashatile okuthiwa yinkampani yayo eyayilusingethe?

Okungakanicaceli namanje ukuthi ukuwina kakaRamaphosa kuleyaNkomfa yinto eyayihlelwe kudalo engena kwesobuSekela-Mengameli eMangaung ngowezi-2012. Futhi bonke abaholi abaqavile ababesohlangothini luka Dr. Nkosazana Dlamini-Zuma base bevele bazi ngokuzokwenzeka. Wumuntu ongakaqondi namanje ukuthi imiphumela yokuvota kwapolitiki yinto ephekwayo kuqala ngaphambi kokuthi kuvotwe ongakakuboni lokho. 

Namanje ukukhethwa koMengameli baka-ANC kusukela ngowe-1991 yinto esikholewla ekutheni yahlelwa emhlanganweni owaba seGeneva phakathi kwe-ANC namaJudambumbulu ngowe-1989, izimenywa okwakunguMnu Jacob Zuma, uMnu Oliver Tambo noMnu Alfred Nzo. Akamenywanga nhlobo uMnu Chris Hani kulowo mhlangano ngoba isinqumo sokumsoconga sase sithathiwe.

Ukuvota lokhu wukulutha nje abantu abangakafiki ezingeni lokuqonda imfihlo ngalobugebengu okuthiwa yintando yeningi ukuthi busebenza kanjani, kube yonke le nto kuyintando yegcunswana losozimali bongxuwa ezweni eligcina libuse izwe.

Okwenza uMagashule angathuswa wubufakazi obabuphethwe wuLeponesa, ngokubona kwethu, ukuthi wayevele esazi ukuthi kuzoba wuye umthobanhliziyo ohlangothini lukaDr. Nkosazana Dlamni-Zuma ekukhethweni kobuholi obusha eNasrec yinhlangano yokhetho, hhayi ama-delegates. Ngokubona kwethu wayesazi futhi uMagashule nokuthi kumnyama kubomvu umdayisi uzoliwina loluya khetho, kunjalo nje akunamholi ophezulu owayezoyiphonsela inselelo imiphumela yalo ngoba izivumelwano noSathane zase zisayiniwe. Namhlanje uDr Nkosazana Dlamini-Zuma lo owadayisa ngokubuyiswa komhlaba eNasrec ngokungayiphonseli inselelo imiphumela egwenxa usememezele ukuthi usedle wenela, usesuthi ePhalamende, useyashiya.

Uma ubabuza ukuthi benziwa njani abadayisi ku-ANC selokhu yasungulwa, bazokutshela ukuthi bayasocongwa. Manje lo mdayisi ophule imigomo yombutho ngowezi-2017 ngokungayifezi imigomo yawo yokubuyiswa komhlaba kungani yena engasocongwa?

"Hhayi, sinesu. Sizosungula iqembu elisha silibize nge-MK simkhiphe esikhundleni ngowezi-2024."

Nabu ubufakazi boMvikeli wo Mphakathi uAdv. Busisiwe Mkhwebane uhlangothi lukaZuma olungabugqizanga qakala ukubusebenzisa ukukhankasela iSpecial Conference samagatsha ukuchitha uRamaphisa embuthweni ngamacala okuthenga iNkomfa.

"Njani nehluleka ukumkhipha eNasrec? Uma ekwazi ukukhwabanisa ukhetho ngaphakathi enhlanganweni ngemali kudlule kucwebe iziziba, engehlulwa yini ukwenza okufanayo okhethweni lukazwelonke ngowezi-2024? Abuye futhi azosuzela abantu abamnyama emakhanda njengemihla? Lo muntu ubonwe yizwe lonke ehamba ekhankasela i-ANC ngowezi-2021 engagezile, izindololwane lezi zimbashile, anangamenza lutho. Nisayombamba kanjani-ke okhethweni lukazwelonke?"

"Hhayi, hhayi, abasabulawa namhlanje abadayisi, bakhishwa ngevoti nje qha. Sizomkhipha, thula wena uzobona."

"Ngalo leli voti elibuye likhatshwaniswe futhi uma unemali? Buvele ubufakazi bokukhwatshaniswa kokhetho kudlule kucwebe iziziba. Angithi uMvikeli wo Mphakathi wabuveza ubufakazi ukuthi lo muntu waluthenga ngemali ukhetho lwaseNasrec, anangamenza lutho. Kwenziwa bani isilima la ozalwe izolo?"

Nasi esinye isigatshana kuMthethosisekelo ka-ANC esasiyosiza imikhankaso yokuchitha uRamaphosa embuthweni ka-ANC emva kweNkomfa yaseNasrec. UZuma le mikhankaso wayengayixhasa nangezimali zakhe kwazise ngokwazi kwethu usayithola yonke imali abeyihola njengoMengameli wezwe empeshenini yakhe, okuyimali engaphezulu kwezigidi ezimbili zonke ngenyanga. Ngokwazi kwethu ababengoMengameli bezwe le mali bayihola baze baphelwe zinsuku zabo emhlabeni

Qhubekani-ke nigingqe umbombayi wedayisi bantu abamnyama eMzansi uma kunijabulisa lokho, sinifisela inhlanhla. Mhlawumbe nizowina futhi. Kodwa kusizani ukuwina njalo ujike ungawutholi umklomelo wokuwina umjaho? 

Namanje umuntu ohlupheka kakhulu ezweni ovotayo, impilo yakhe ime nse ndawonye, kodwa ongxuwa abangavoti nakuvota nabangawazi nokuthi ubhekephi umnyango weNyuvesi basimeme. Uyazi ngobani? Ngoba ungxuwa uyazi ukuthi okwathathwa ngesikhali kuyobuyiswa ngesikhali. USkomota kuphela ongakathwasi ngalomkhonyovu. Qhubekani-ke nokugingqa idayisi lenu boSkomota sibone ukuthi niyozuzani. Thina sikhathele manje ukukhonkothana nesihlahla esinganyakazi.


I BUILT MY SITE FOR FREE USING