06 Sep
06Sep

Ngu Aya Ngubane

Akumangazi ukuthi abenhlangano i-Rights of Cultural, Religious & Linguistic Communities sebebe nokungqubuzana ngemibono nenhlangano ebusayo kulandela ukukhononda kwalowo ongusotswebhu wezenkolo kuyona uMnu Vukile Mehana ngokuziphatha kwayo...Lolu daba lubhalwe lwashicilelwa kwezaseMsinga Newspaper ngowezi-2016...

UMnu Mehana uthi akufanele iCRL igxambukele ezindabeni zezimali zamasonto ngoba ngokomthethosisekelo uSouth African Revenue Services onegunya lokwenza lokho.

Lokhu kulandela isigameko lapho ongumholi webandla i-Incredibile Happenings uMnu Paseka 'Mboro' Motsoeneng enqabile ukuvezela abeCRL izitatimende zokusebenza kwezimali zesonto aliholayo.

Echiphiza izinyembezi kulesi sithangami, uMotsoeneng uthe ukhetha ukuba aboshwe kunokwenekela le Khomishana isimo ngezimali zesonto lakhe. Uthi lokhu okwenziwa yiKhomishana kungukumhlukumeza futhi uzimisele nokuboshwa aboshelwe akholelwa kukho.

Indlela afike egqoke ngayo uMotsoeneng kule Khomishana ibikhombisa ukuthi akayihloniphi nhlobo.

Kuze kwasungulwa le Khomishana nje ngoba kunezikhalazo mayelana nokuziphatha kwabanye babaholi bamahlelo athile, njengomshumayeli wasePitoli oke wavela kwabezindaba efunza amalunga esonto aliholayo izinyoka. Lesi simo sesiholele ekuthini kube nemibuzo ukuthi ongumqambi wale nkolo yobuKhrestu wayengalusingatha kanjani lolu daba uma sekunje.

Ngesikhathi kufika kuJesu izithunywa ezivela kuHerode mayelana nokukhokhwa kwentela, waphendula wathi: “Akukhokhelwe uKhesari okungokwakhe,  kunikwe uNkulunkulu okumfanele.” - NgokukaMatewu 22:17-22.

Njengoba umqambi wendlela engalanga ukukhokha intela kumbusi wamaRoma, ngabe ukukhalaza kukaMboro kunasiphi isisekelo? Yona ipolitiki ayizukwenzelela yini njengoba abaholi bezenkolo behola inqwaba yabantu okumele baye evotini lohulumeni basekhaya kulo nyaka? 

Okuphawulekayo ngokuxhashazwa kwabantu yilabo abazibiza ngabefundisi ukuthi inqwaba yalamalunga abo ayizifundeli yona iBhayibheli emakhaya, balivula kuphela uma livulwa wumshumayeli wabo enkozweni, ojwayele ukugxila evesini lelo elizomenzela itshe le mali ngeminikelo.

NgokukaMatewu 23:8-9 uKhrestu akahambelani nabantu abazibiza ngabefundisi ngoba nguye kuphela onguMfundisi. Bese kuba yilobu bugebengu bokuqola abantu ngomnikelo, kuphicwaphicwa amavesi athile eBhayibhelini. Ukube labo abanikelayo bayalifundisisa iBhayibheli ngabe bayaqonda ukuthi okweshumi kusho ukuthini? Kusuka kuphi? Kwakusebenza ngasiphi isikhathi kwaze kwaphela nini?

Okweshumi kudaleke eThestamenteni elidala emuva kokuthi uNkulunkulu esekhulule abaNtwana bakwa-Israyeli ebugqileni baseGibhithe, bagcina sebeyizizwe ezili-12 ezizalwa nguJakobe. Uqoke esisodwa salezi zizwe okungesakwaLevi ukuba siyeke konke esikwenzayo sibhekane nomsebenzi waKhe ngqo. Njengokuhlizeka imigomo elandelwayo uma abantu bezocela intethelo ngezono zabo, yimikhuba eyenziwayo ngeminikelo yemihlatshelo nokunye.

UNkulunkulu ube esenquma ukuthi njengoba lesi sizwe esesiqoke ukuthi sisebenze yena ngokugcwele, singasezukwazi ukuthi silime amasimu sifuye njengabanye abaNtwana bakwa-Israyeli, sesizokondliwa yilezi ezinye izizwe ezili-11 ngokuthatha okweshumi kwesivuno sazo baphe sona - UNumeri 18:21-32.

Lokhu kusebenze kwaze kwafika esikhathini lapho kubethelwa khona uKhrestu esiphambanweni njengomnikelo omkhulu wokugcina ukuhlanza izono zabantu eThestamenteni elisha, kwaphela nya-ke ngendaba yeminikelo emva kwalokho - AmaHebheru 9:21-28.

Okunye okuphawulekayo ngenkolo yobuKhrestu bamanje ngukuthi isiqhele kakhulu emigomweni nasezinqubeni zayo zesikhathi sabaPhostoli abali-12 abayisungulayo ekusingathweni kwezimali zebandla. 

Isiko mpilo lenqubo yamaKhrestu akuqala lidwetshwe lacaca bha encwadini yeZenzo zabaPhostoli 4: 32-37, lapho amakholwa akuqala ebonakala engahambisi ngenqubo yokwami ngokwami, egqamile emasontweni obuKhrestu bamanje. Kunenkolelo yokuthi okuningi okubhalwe encwadini iCommnunist Manifesto eyabhalwa ngumqambi wenqubo yamaKhomanisi uMnu Karl Marx wayekususela kule ncwadi.

Kule ncwadi yeZenzo kuthiwa akekho umuntu obenento okungeyakhe ngesikhathi sabaPhostoli abali-12. Umuntu ubedayisa konke anakho anikele ngemali yakhe yonke esontweni. Obekungokwakhe umuntu kube ngokwanoma wubani. Kwabelwana ngezinto ngokwezidingo zomuntu ngomuntu. Isibonelo nje; lokhu kuchaza ukuthi ukube ibisalandelwa le nqubo yobuKhrestu kulesi sikhathi samanje imoto nomuzi wekholwa bekunganikelwa ngakho esontweni kube ngokwamalunga esonto.

Akekho obenehembe, isiketi noma isudi yakhe. Emzini obekungowakho bekulala noma wubani odinga indawo. Kuze kwamemfuka abashadikazi ababili abazama ukungena ngomoya wobunqonqela nobukhephithali kuleli bandla u-Ananias noSapphira ngokuzama ukugodlela ibandla okuthile ababenakho. Babanjwa ngesipholofitho soMoya oYingcwele bobabili babulawa yingelosi kaNkulunkulu phambi kwebandla - Izenzo 5:1-11.

Le ncwadi icacisa bha ngobunjalo balamasonto obuKhrestu asethe chithi saka umhlaba wonke enza imikhuba ephambene neyalabo ababenegunya lokuqamba indlela; abaPhostoli abali-12. Uma ubukisisa ukumanyana kwamaKhresu akuqala uyabona ukuthi kwedlula ukumanyana kwezihlobo zizalana ngokwenyama. Abantu abazalana ngokwenyama angeke ubabone babelana ngomhlaba nangemizi yabo njengoba amaKhrestu akuqala ayenza, ukufakazela amazwi omqambi wendlela uma ethi: “Nina ningukukhanya kwezwe.”

Ngisho uMphostoli uPawulu ubengaceli izimali zamakholwa ukuze aqhube umsebenzi kaNkulunkulu. Izindleko ubezithwalela yena mathupha, akha namathende - Izenzo 18:1-3 neZenzo 20:33-34.

Ikholwa elingazikhathazi ngokufunda iBhayibheli alehlukene nomuntu ongawazi umthethosisekelo wezwe lakhe. Umuntu onje uhlala exhashazwa osomathuba nakwipolitiki ngoba akazi lutho ngelungelo lakhe. Ungamnqoba kanjani uSathane ungalifundi iBhayibheli njengoba uKhrestu aphumelela izivivinyo zakhe elingwa wuye ngalo esendle izinsuku ezingamashumi amane? - Mathewu 4:1-11.

Isonto lobuKhrestu okuthiwa yilona elikhulu ukuwedlula onke emhlabeni jikelele ngamalunga abalelwa ku-1 billion; amaRoma aKhatholika, yiwona asazishaya isifuba ngokuba ngamaKhrestu angempela njengoba lithi ubuholi balo busukela kuPapa wokuqala uSt. Peter. UPetru wayengomunye wabaPhostoli abali-12 futhi esondelene kakhulu neNkosi uJesu Khrestu. Kepha ezinye izinkolo zobuKhrestu, iningi lazo ezihlubuke kuwo amaRoma lawa, ziyakuphikisa lokhu. Isizathu esinqala ukuthi oPapa bakhethwa amaKhadinali ukuhola ibandla lamaRoma kanti uPetru yena wayekhethwe ngumqambi wendlela onguKhrestu.

Ngaphambi kokuba uKhrestu eze emhlabeni ngokwenyama, abaholi bakwa-Israyeli bebengakhethwa nhlobo ngevoti lomuntu njengoba kwenzeka ekomkhulu lamaRoma eVatican City. Bebekhethwa nguNkulunkulu ngezwi lompholofithi baqeqeshwe nguMoya oYingcwele njengoKhrestu - NgokukaJohane 14:26.

Uma ulandelisisa inqubo yobuKhrestu bakuqala uyaqonda ukuthi bekungekho ukuvumelana phakathi kwale nkolo nosopolitiki. “Ngaleso sikhathi kwafika abanye babaFarisi bathi kuye: Phuma uphele kule ndawo ngoba uHerode ufuna ukukubulala.”  NgokukaLuka 13:31-32.

Lokhu kuchaza ukuthi uKhrestu wayengeke angene ePhalamende njengelinye lamaqembu aphikisayo kulesi sikhathi esiphila kuso njengoba sekunabazibiza ngeqembu lobuKhrestu nje ePhalamende.  Inkolo yobuKhrestu bangempela ayizikhathazi ngezinto zamanje, inyamazane eyihubhayo ngumbuso ozayo ongunaphakade.

Enjalo nje umqambi wendlela ubengeyena umuntu wobukhazikhazi nemijiva emide. Ubufakazi obuseBhayibhelini buthi ubengagqoki izingubo ezehlukile kubantu nakubaPhostoli abaholayo njengoba kuvamise ukubonakala kulabo abazibiza ngoBhishobhi.

Lokhu kusho ukuthi wawungeke umthole egqoke isudi kanokusho. Kunalokho ubezehlisa kube nguyena ogeza izinyawo zalabo abaholayo, okuphambene nalokhu esikubona kulabashumayeli abazibiza ngabafundisi abakhonze ukutatazelwa. Lokhu kugqame lapho inyoka enguJudas Iskariothe isimdayisa la kwadingeka ukuthi aze amange ngoba wayengeke amkhombe eningini ngezingubo ezehlukile azigqokile.

Manje kuyamangaza ukuthi abazalwane baxhashazwa kanjani yizimpisi ezembethe isikhumba semvu iBhayibheli licacisa kabanzi ngobunjalo bazo - NgokukaMatewu 23:1-36.


I BUILT MY SITE FOR FREE USING