16 Mar
16Mar

Ngu Aya Ngubane

Lo mbono washicilelwa ephephandabeni UMAFRIKA ngonyaka wezi-2009…

Kwelakho lodumo Mhleli bengicela ukuchazela umfoka Mpanza ngodaba olushicilelwe kuMAFRIKA zingu April 24 – 30 mayelana nokungababalekeli oFakazi bakaJehova esihlokweni ebesithi: “Ungababalekeli oFakazi bakaJehova – bachazele nje uma ungabafuni.”

Angivamisile ukuphawula emaphephandabeni kodwa lolu daba lungithinte emanonini ngoba laboFakazi akhuluma ngabo ngibazi kahle, sebeke bangivakashela nami ngezindaba zoMbuso ozayo nenkolo yobuKhrestu. 

Mina nginguMkhrestu wakuqala (Early Believer of the first century AD). Uma ngithi nginguMkhrestu wakuqala angisho ukuthi ngazalwa noma ngake ngaphila ngesikhathi soPawulu, engikushoyo ukuthi ngikholelwa ezinkambisweni nasezinqubeni zabo.

Ngizozibala-ke ezinye zalezi zinqubo, ezadala ukuthi noma ngangifisa ukuqhubeka ngixoxe ezobuKhrestu nabo oFakazi laba, abangabe besangivakashela ngoba bazivumela ngokwabo ukuthi lezi zinkambiso abaziphili nje yingoba ‘ezasemandulo’. 

Umbuzo abehluleka ukuwuphendula ukuthi uma bengamaKhrestu eqiniso, kungani, njengawo onke lamasonto asethe chithi saka umhlaba wonke ezibiza ngabalandeli bakaKhrestu, bengabelani ngezimpahla zokugqoka, ukudla, nokunye njengoba kusho ivesi encwadini yeZenzo 4: 32 - 37 ngenqubomgomo yamaKhrestu akuqala. 

Kuwo wonke la masonto, kungani umuntu enemoto yakhe, umuzi wakhe nezimpahla zakhe zokugqoka, konke lokhu okuphambene nenqubomgomo yobuKrestu bakuqala. Angithi ingelosi yeNkosi yababulala o-Anannias noSapphira bezama ukufaka lowo moya ongcolile wobuKhephithali esontweni na? (Izenzo 5: 1-11).

Enye inkinga ngaboFakazi, nawo wonke lamaKhrestu-mbumbulu asegcwele umhlaba wonke wukuthi kungani bengakwazi ukuvusa abafileyo, ukuvula amehlo ezimpumputhe, nokunye uKhrestu nabalandelei bakhe bakuqala (Early Christians) ababekwazi ukukukwenza? Futhi uKhrestu akubeka ngembaba ukuthi noma wubani okholwe ngokuphelele angazenza lezi zimangaliso. (Mathew 17: 14-21). 

Namhlanje “amaKhrestu” afana noFakazi, njengoba ezisholo yena uMnu Mpanza lona, ashona ezikoleni ayofundiswa inkolo wumuntu ofana nami nawe, kodwa lo mkhuba wawuhlaba wawuhlikiza uKhrestu. Sizokhumbula phela ukuthi waqoka ukuthumela uMoya oYingcwele ukuthi uqhubeke la yena ayegcine khona kunokuqoka umuntu wenyama (John 16:3-7). 

Ngisho uMphostoli uPawulu ezincwadini azibhalela amasonto ase-Asia Minor akabhali njengoMfundisi, kunalokho ukubeka kucace ukuthi akushoyo yizeluleko ezivela kuye njengenceku kaNkulunkulu. Manje-ke oFakazi nalezi zikole aqhosha ngazo uMnu Mpanza zingenaphi enkolweni yobuKhrestu?

Ngisho uKhrestu ethuma abafundi bakhe imbala ukuhlwanyela ivangeli lensindiso, akakaze athi abakhiqize abefundisi, oFata noBhishobhi ngoba uMfundisi munye; wuKhrestu kuphela, noFata uYedwa; nguNkulunkulu kuphela -  NgokukaMatewu 23: 8-10. Ngingasabubalike ubuBhishobhi ngoba bona angibazi nokuthi buvelaphi ngoba ngisho eBhayibhelini abukho.

OFakazi ngithanda ukubadabukela ngoba lokhu kungena umuzi nomuzi wumsebenzi owawunikwe labo ababethunywe yiNkosi uKhrestu, benikwe igunya lokukwenza lokhu. Abanye balaba yilabo abawu-72 okukhulunywa ngabo kuLuka 10: 1- 12. Inhloso la kwakuwukwethula uKhrestu emhlabeni wonke jikelele, ukuze wonke umuntu azi ngaye bese ezikhethela-ke ukuthi uyakholwa yini ukuthi unguMsindisi noma cha? 

Mnu Mpanza, ayikho into engasiza umuntu ukungena iZulu uma ehluleka ukuqondisisa izwi leNkosi kumaRoma 5: 18 -19 ngo-Adamu omdala no-Adamu omusha.

Ngakho-ke zonke lezi zingxoxo enihamba nisicela ukuthi sizibhunge nani sezabhungwa kudala njengoba phela namhlanje umhlaba wonke sewazi ngoKhrestu ngenxa yalabo ababethunywe ukukwenza lokhu, abanye ababulawa kabuhlungu ngokuhlonywa eziphambanweni, abanye babhaxabulwa ngeziswebhu, abanye baboshwa. 

Nani-ke ukube beninemiyalezo emisha, nilitshela izwe leli iqiniso elibabayo elaliphuma emlonyeni weMvana ngabe sikhuluma nje nilala obenyoni, niyaboshwa noma nibhaxabulwe yizitha zeqiniso lezi amanye amakholwa asehlala nazo ePhalamende, ungazi ukuthi ufunani lapho umuntu wombuso ozayo. 

Sengiphetha nje; lowo onhliziyo yakhe imnene uKhrestu uyamhlangabeza amwezele nganeno. Uyasho noPawulu ukuthi umuntu akatshelwe kanye noma kabili ngensindiso, uma edaza inkani ayekwe phansi: “Ngoba vele akekho ongenza kimi engasizwanga wuMninimandlawonke” Kusho iNkosi uJesu Krestu ku-Luke 18: 18-30).

I BUILT MY SITE FOR FREE USING