13 Dec
13Dec

Ngu Bam Enoch Madondo

[Side Note: Umlando-ke bakithi awukaze wayihlaba esikhonkosini, uhlala uba namaphutha lapha nalaphaya kodwa sikwenze konke obekumele sikwenze ukuthola omunye umlando wamaBomvu ongaphikisana noma uchibiyele kulona oshicilelwe la, kodwa do. Esizweni sakwaNgubane, onyon’esindwasisila sayo, oNgwane, sithi nanku umlando wenu, isibuko senu, zibukeni kuso...

Intaba uMsinga ngeso lobuciko bomdwebi. Umlando usitshela ukuthi le ntaba yaqanjwa igama lokuthi wuMsinga yinkosi yamaBomvu uZombane. Itholakala khona eMabomvini aseMsinga

Kuningi kakhulu eningakuhlomula kuwo ukuze nizazi ukuthi ningobani, nisukaphi futhi kungani senila nikhona njengamanje. Njengephephandaba ezaseMsinga sihlose ukuthi yonke imilando yezizwe ezakhele uMsinga igcine ishicilelwe kanje ukuze izizukulwane zingahlawumbiseli ukuthi kwasukela kuphi kuze kufike lazi khona njengamanje.

Okuhle ngalo mlando ukuthi awubhaliwe umuntu wakwaNgubane, hleze abanye bethi umbhali uloba kanje ngoba nakhu uchemile. Nazo-ke lezi ezinye izizwe zaseMsinga siyothokoza uma zingasilethela umlando wazo obhaleke ngokungachemi ukuze sonke sithi uma siwufunda siqine idolo ukuthi okuqoshiwe njengomlando akubanga nakwenzelela. Asibonge singaphezi kuMnu Enoch Madondo ngokusihlanganisela lomlando onothe kangaka njengesizwe samaBomvu. Okwenzele amaBomvu ukwenze nakwabanye.

Ozithobayo  
USibusiso Ngubane
Umshicileli wePhephandaba ezaseMsinga
WakwaPhakwe eMabomvini]

Ukuhamba kukaMatiwane kwaZulu elwa noShaka

UMatiwane wayeyinkosi yaMangwane, edumile futhi enamandla. UShaka walwa naye izimpi ezinkulu kodwa engalitholi isu lokumnqoba. Kwathi ngonyaka ka-1820 wamnqoba, wabalekela oKhahlamba...

Izintaba zoKhahlamba eMangwaneni

Kuthe uma ezwa ukuthi uShaka usekhotheme wabuya weza kwaZulu. Kodwa uDingane owayesephethe ngaleso sikhathi washesha wambulala ngoba ezwa izindaba ezingalungile ngaye.

Isizwe saMangwane sahlala singenankosi, kwaze kwangena uZombane ozala uMatomela. Sanda-ke isizwe saMangwane, saqala ukuba namandla.

AmaNgwane abuyela emandleni nokubusa kukaMatomela

Kwathi ukuba angakhothama umzukulu kaMatiwane uZombane, uMatomela wangena esikhundleni sikayise ngoba kwakunguyena inkosana. Wanela ukungena nje wawabutha mihla le amabutho akhe, eqinisa isizwe sakhe. Izwe lonke lammbuka ngelinye iso, kwabasengathi uzoyihlomisa okaMbomvu. Amakhosi aseduzane athumela imibiko kwaZulu ukuthi nawa amaBomvu ayahloma, akwaziwa lapho eyibhekise khona.

Isigodi saseNqabeni, eMabomvini

Ngalesi sikhathi sokubusa kukaMatomela isizwe sakwaZulu jikelele sasibuswa yiSilo uMpande, engakuthandi ukulwa. Ngakhoke wathula nje. Kuthe ngonyaka ka-1855 wathumela uHhelu wakwaNxumalo ukuba ayokuzwa ukuthi kwenzenjani, okaMbomvu uyihlomisa uyibhekisaphi impi?

Uthe esephindela emuva uHhelu wayesehamba nenxusa likaMatomela ukuyochazela iSilo uMpande ukuthi akonakele lutho, uzilolongela isizwe sakhe nje kuphela. Nempela waneliseka yincazelo yenxusa lelo uMpande. Kodwa walidonsa ngendlebe inxusa ukuba lixwayise inkosi uMatomela ukuthi amaBomvu angalinge ahlasele engamtshelile, wathi futhi yena akazifuni izimpi.

UMatomela waganwa amakhosikazi amaningi. Ngokunjalo wazala abantwana abaningi futhi. Wabusa kahle kakhulu. Kodwa kuthe esabusa nje kwase kuba khona ukungezwani phakathi kwamadodana akhe uSomashi noHhomoyi, befuna ukubusa bobabili kanti omdala kwakunguSomashi.

Nokho wabacindezela ngesithunzi esesabekayo uMatomela, ebonakala noma umuntu engatshelwe muntu ukuthi nansi inkosi. Ebathanda abantu bakhe futhi ebenzela zonke izinto ezizobajabulisa, engathandi ukuthetha amacala njalo. Ehlala ekhuza namadoda ukuthi angaqulisani amacala njalo sengathi angabafokazana.

Ukukhothama kukaMatomela

Kwathi ngo Masingana kwezwakala ukuthi inkosi iyadunguzela. Kuthe mhla zingamashumi amabili nane kwezwakala ukuthi inkosi sekuze kwayenela, ayisekho. Kwaba sengathi ilanga lizokuwa phansi. Lapho liphumayo lalingathi liyakhala. Umhlaba kungathi uzobhubha.

EHholwane, eMabomvini

Ahloma amaBomvu kumpondo zankomo eqonde khona kwankosi. Kwathi uma lithi ukufudumala kwafika inkungu yanamathela kuzo zonke izintaba kwaheleza nomoya obandayo. Kwathi uma libantu bahle yatshalwa inkosi, bevunule ngemvunulo yabo yobukhosi oSomashi noHhomoyi. Ahuba amaBomvu kwaba sengathi uzovuka umfo kaZombane.

UMatomela uyena nkosi yamaBomvu owazala abaNtwana abaningi futhi kwakungasaqondakali noyokuba yinkosi emva kwakhe ngoba bonke babekulindele ngawo wonke amandla ukuphatha. Kodwa wathi uma esekhothama walishiya izwi ukuthi uSomashi uyena oyokuba yinkosi esikhundleni sakhe.

Ukubusa kahle kukaMatomela kwenza igama lakhe lingaphumi emlonyeni wamaBomvu, befunga bethi Matomela kaZombane.

USomashi uthatha ubukhosi

Kwathi ukuba inkosi uMatomela iqiniswe ukufa yase imkhomba uSomashi ukuthi nguyena oyothatha emuva kwayo.

Isikole iSomashi High School kwaDolo esiqanjwe ngegama lenkosi uSomashi

USomashi ngalesi sikhathi wabe eseyisidlakela sensizwa esenobuhwanqa, kodwa kukhona abafowabo abakhulu kunaye njengoNyamazane owayeseganwe abafazi abaningi njengoyise.

Umuzi wakhe afike wawakha kukwaDolo lapho sekuthiwa kuseNqoleni khona. Lo muzi wawu namashumi ayisihlanu ezindlu ubiyelwe  njengesigodlo sikaDingane uMgungundlovu. Nanamhlanje kusabonakala lapho izindlu zaso zazikhona kanye nogange lwawo. Idlinza lenkosi namhlanje liseceleni kwesikole esiqanjwe ngegama layo iSomashi High kwaDolo.

USomashi wathi ukuba ezwe ukuthi abafowabo bayavungama wakhuluma nabo ukuba basheshe bambeke njengokusho kukayise. Kwathi ngoMaquba zizine ngonyaka ka-1860 amaBomvu ahlangana ambeka uSomashi waba yinkosi.

Kodwa kwathi kuyophela inyanga kwangathi amaBomvu azokulwa odwa, kukhona ukuhhomuzela kubalandeli bakaNyamazane nabakaHhomoyi kanye nabakhe uMntwana uSomashi.

Kwathi ukuba kuyongena kweyesibili inyanga abakaNyamazane badela ngodaba lobukhosi, babuyisana nabakhe uMntwana uSomashi. Kwaphela amasonto amabili yakhukhula ekaHhomoyi ibheke ezansi.

Walihlanganisa izwe lonke uSomashi akwaba bikho nayedwa osala ngaphandle. Wabekwa ngesikhathi amaBomvu elele ngankomo zonke ubusuku nemini imikhonto, yisihlangu nesandla kuyicici nendlebe.

           Impi yabakwaNxamalala yesizwe sikaKhwayimba

Kwathi nxa inkosi uZombane esebona ukuthi abantu bakhe sebebaningi ngesikhathi esekwaZulu, nobudlelwane bakhe neSilo uShaka busengasebuhle, wathutha ebusuku nabantu bakhe bonke. Wanela ukuwela uMzinyathi abelungu abathi i-Buffalo River wayifica ingazelele inkosi uKhwayimba. Kodwa yahloma ngesidumo. Kwathi nxa amaBomvu ethi ayowela iNgubevu, afika eseyiphake ngezigaba ezingamashumi mabili uNcincida indodana enkulu kaKhwayimba.

EyakwaNxamalala neyamaBomvu impi yabambana kulomfula, uMzinyathi

Kwathi kumpondozankomo yadumelana, yabambana laze lafudumala phakathi emanzini oMzinyathi. Yakhumuka eyamaBomvu ngenhlazatshe. Kuthe lapho sekuqundeka amehlo uHuntu umfo kaNgwane wayiphaka futhi yabambana, wezwa izinsizwa zikhuza u"Ji, ji, ngadla mina ngenkomo kababa” kwaze kwasa kwaphuma ikhwezi.

Kwathi kusempondozankomo yawela ekaZombane, kodwa ayizange ibaleke yagcina ngakho ukuhlehla, beyithela ngethala abakwaNxamalala, yaze yadla inyama iluhlaza, singekho nesikhathi sokupheka nokosa. Nanamhlanje ezibongweni zamaBomvu kukhona la imbongi ithi: 

                                   AmaBomv’antshibane,  
                                   adl’inkom’igijima...

Kwathi kuyophela isonto lesithathu ayesedudula ngamandla amaBomvu, aze amchitha uKhwayimba kodwa elokhu elwe njalo. Wala ngisho nokuba amaBomvu ake adundubale nje ngaphezulu ezintabeni, abakwaNxamalala sebeginqa ngisho namatshe.

AmaBomvu ayesebasinga aze abathola ngentutshana encane okuthiwa eyakwaMgajana. Yadumelana khona lapho ezinkalweni yaze yagcina igobe uphondo ngempela ekaKhwayimba, wabaleka washona le kwaZulu.

Kuthe esebalekile uKhwayimba inkosi uZombane yenyukela ngaphezulu enkangala, yase iyiqamba le ndawo ngokuthi kuseMsinga. Nanamhlanje leli gama lisasetshenziswa. Uma ukhuluma namaBomvu ngendaba yezwe lamaBomvu nanamhlanje bakutshela ukuthi bona baxosha uKhwayimba, izwe elabo balilwela.

UZombane wazala abantwana abaningi. Indodana yakhe yonkosikazi omkhulu kwakunguMatomela. Naye babengamthandisisi kahle abanewabo abakhulu ngoba sonke isikhathi babethanda sengathi kungabekwa bona. Kwadlula iminyaka engamashumi amabili wayesekhothama uZombane, washiya indodana yakhe uMatomela ebukhosini.

Ukwanda kwamaBomvu nokubusa kukaSomashi

Kuthe ngonyaka ka-1860 wangena ebukhoslni uSomashi kwathula umoya. Ngalonyaka inkosi yamaBomvu aseMvoti eFaye yakhuphuka namaBomvu ayo kwenziwa omkhulu umgido.

Umfula uThukela olwehlukanisa amaBomvu kabili

Kuthe esabusa uSomashi uHhomoyi naye wayesenesikhulu isizwe sakhe, eseyinkosi yaso naye. Ngonyaka ka-1875 uHhomoyi noSamashi babonana sekuphelile nokuxabana phakathi kwabo.

Njengoyise uMatomela, naye uSomashi wabusa kahle kakhulu. Akuzange kuvele mbango kubantu bakhe kusabusa yena, futhi behloniphana uma bendawonye. Ebathanda bonke abantu bakhe. Umuzi wakhe omkhulu kwakuseNqoleni.

USomashi wahamba ezinyathelweni zikayise uMatomela naye owayehambe ezinyathelweni zikaZombane.

Ukukhothama kwenkosi uSomashi kanye nokwehlukana kwakhe noHhomoyi ngokungezwani kwabo

AbaNtwana babehlukane ngobubi obukhulu abanye abantu bahamba noHhomoyi abanye basala kuye uSomashi.

Ngalenkathi imizi eminingi yavalwa, izwe laphenduka amahlane ngoba uHhomoyi wahamba namakhulu amabili namashumi ayisithupha kanye nabantu abayisishiyagalombili. Izindlu zasala zafunzwa zinkomo.

Babehambe belwa nezizwe endleleni kuthi lapho begoba khona amadlangala ngendlela kusale kuqothukile ngoba izilwane utshani zazibudla ngempela. Sasala isizwe samaBomvu silula kungathi nezizwe eziseduze naso zizosihlasela.

USomashi wabiza inyanga izomqinisa yena kanye nesizwe sakhe. Kuthe kufika impi yaseSandlwana ngo-1879 wayeseyindaba egudwini kuzo zonke izizwe. Naye wawathumela ngokushesha okukhulu amabutho akhe enkosini uCetshwayo ukuze elekelele ekulweni namaNgisi.

Kwahamba amabutho Inkung’edl’ilanga, iMbonyande noMkhathazwe. USomashi wayebathanda abantwana bakhe nje bonke, ezama futhi ukucisha inhlese yemibango yobukhosi uma esekhotheme. Nempela eyizange ibekhona imibango evamise ukuba khona nxa sekwedlule inkosi.

Kwathi esekuzwa ukufa ukuthi kuyamenela wayesebatshela ukuthi indodana yakhe uMawele uyena oyoba yinkosi njengoba nonina wayeyiNkosikazi esigodlweni (izalankosi) eyalotsholwa yisizwe saMabomvu onke.

Emuva kwempi enkulu yaseSandlwana inkosi kwabe sekuyenela ukufa. Yashiya amaningi amaKhosikazi nemizi yayo eminingi kulo lonke izwe layo. Kwenziwa umkhosi omkhulu kwabulawa nezinkomo eziningi amaBomvu ephelele engangotshani, kwaze kwafika nakaHhomoyi nawo eze ngaso isililo sokukhothama kwenkosi.

Kwagujwa kwaze kwaphela amasonto amabili. Kwathi ngonyaka olandelayo kwenziwa isikhumbuzo senkosi, kwahlatshwa izinkomo ezingamashumi amabili nezinkomo ezinhlanu, amaBomvu ephelele notshwala bungangamanzi okuphala izikhumba. Kwayindumezulu.

Kwagujwa ubusuku nemini izinsuku ezine.

Ukungena kukaMawele ebukhosini

Kuthe ukuba akhothame uSomashi indodana yakhe uMawele yakwaNkosikazi omkhulu yangena ebukhosini. Wenzelwa umkhosi wokubekwa zili-15 ngoLwezi enyakeni ka-1888, yize uHulumeni yena wayembeke ngokusemthethweni ngonyaka owendulela lowo ka-1887.

Isikole iMawele oThame esiqanjwe ngegama lenkosi uMawele

Kwathi ngelanga abekwa ngalo kwafika amaBomvu avela kuyise uHhomoyi ngoba yena wayesaphila kanye namanye ayevela eMvoti lapho kwakhe khona amanye amaBomvu, kubonakala ukuthi isisuka sawo wonke sikhona kuye uSomashi noma engasabuswa uye. Afika amanxusa kaHhomoyi ephethe isikhumba sesilo. AwaseMvoti ayephethe umkhonto nesihlangu esiwaba, kungathi sigatshelwe ngobuhlalu.

Amakholwa nawo aqoqana odwa amisa opondo abayishumi nopondo abayisithupha. AkaHhomoyi amakholwa amthengela isibhamu uMgazini.

Abelungu bona ababekhona lapho emgidini bathi nabo abashiywa; bayithela imali kwababomvu izithebe eyayithelelwa kuzo. Abelungu ababe khona babengamashumi amathathu nabelungu abane. Kukhona nenkosi yaseNkantolo eyamyala uMawele ukuthi:

1. Angachithi igazi  
2. Angashayi abantu
3. Uma efuna ukuhlasela atshele uHulumeni
4. Abaphathe kahle oyise, onina nabafowabo
5. Angamudli umuntu engalithethile icala

Okokugcina yabonga aMabomvu ngokubonakalisa uthando lwawo kuMntwana. Yayala abantu ukuthi kuhle bamhloniphe bonke abantu bakhe ngisho noyise, onina nabafowabo, yathi oyobanjwa ngecala lokwedelela inkosi uyoboshwa noma adingiswe ahambe emaBomvini.

Kwanyakaza isibaya izinsizwa zikhuza uBayede! Induna yakhe enkulu kwaba nguSibindi kaNduluzana kaMkhubukeli. Ngakusasa achitheka amaBomvu, kwasala abafowabo noyise kanye naye uSibindi, bebonisana naye uMntwana izinto okufanele azenze ukuze abuse kahle ahlonipheke futhi.

Amanxusa kaHhomoyi aqeda inyanga esesigodlweni, kanti awaseMvoti aqeda amasonto amabili kuphela, abuyela emuva. Emuva kwenyanga bachitheka bonke, noNdunankulu uSibindi waya emzini wakhe kwaPhakwe. Umuzi wakubo omkhulu kuseSiphindeleni, nawo okwakungathi umuzi wenkosi uqobo.

Naye uSibindi wayengowakaNgubane, ngoba phela amaBomvu lawa sithi ngabakwaNgubane. Amehlo nomqondo wakhe wawukhaliphile, abantu bonke beneliswa ukuba abeyinduna enkulu yamaBomvu onke.

UMawele wakhonjiswa bonke-ke onina nabafowabo noyise uMntwana afanele ukubondla, babeyizintandane zakhe. Nempela futhi kwabanjalo esebusa, wabondla.

Ukwanda kwaMabomvu nokubusa kukaMawele

Kuthe inkosi isibekiwe bonke abantu balindela izwi lokuqala inkosi ezolisho kubo. Kwathi ngenyanga yesithathu yabiza bonke abafowabo, yathi kubo ifuna ukwakha imuzi wayo eMsinga Top ezinkalweni zasoThame nomunye eNgubevu. AmaBomvu akuthokozela lokhu, ngoba nawo ayethanda ukubona umuzi wenkosi. Izimbongi lapho zasezibonga zize zishintshisane.

Izibuko loThukela amabutho ayewelisa ngalo izintingo eNgubevu namhlanje osekuyibhuloho

Amabutho aqala ukugawula izintingo eziwelisa uThukela. Phela izwe lamaBomvu aseMsinga lihlukaniswe wuThukela phakathi nendawo.  

Inkosi yahamba yafike yakhomba lezi zindawo zombili. Umuzi wasoThame yawuqamba igama lokuthi kuseLukhahlambeni, nanamhlanje umfowabo uMfangosi kanye nendodana kaMtsobi basakhe khona noma kungasahlangenwe ncamu ukuze umuzi ubemunye njengoba kwakunjalo ekuqaleni. Kodwa zonke izinto zisemi njengoba zazinjalo ngesikhathi kusabusa inkosi uMawele.

Kwathi umuzi wesibili wayo inkosi waseNgubevu awaze wabanalo udumo ngoba uKhahlamba lwasuke lwathanda ukulingana nomuzi kayise uSomashi owawuseNqoleni ngaphesheya koThukela.

Umuzi uKhahlamba wanikezwa kuMhlawengoma kanye nesigodi sasOthame ukuba abeyinhloko yaso, njengoba uKhahlamba lwakhelwa unina. Ngokunjalo noMakhasane ozalwa inkosikazi yakhe yokuqala wanikwa isigodi saseNqabeni ukuba abe yinhloko yaso nomuzi wakwabo wanikezwa wona. Unina kaSigeqe (oke waba yinkosi) wangeniswa kwabo kaMakhasane ngakho-ke bakha ndawonye.

Unina kaMabomvu uMasonyangwe wangeniswa kwabo kaMhlawengoma, nabanye uMntwana wabanika izindlu ngokomthetho esaphila. Wabusa kahle kakhulu uMawele kazange azikhombise ukuthi yena uyinkosi phezu kwabofowabo, ngisho nakoyise. Abantu bonke bemhlonipha.

Ukufika kwenkolo yobuKhrestu eMsinga

Ngalenkathi kwafika abefundisi abaningi ezweni lenkosi uMawele kodwa akazange akhombise umoya wokungezwani nabo. Wabanika izindawo zokwakha banethezeka. Aqala ukwanda amasonto.

UMvangeli odumileyo uSimon Khumalo ozalwa uNdengezi wafika ngaso leso sikhathi, elethwa yibandla leziKotshi (Church of Scotland) ukuba azoshumayela izwi leNkosi kubantu. Naye wemukeleka ngenkulu imfudumalo.

Ngalesi sikhathi umfoka Somashi okuthiwa uPitela waphenduka waba yikholwa, naye futhi waphendula abantu abaningi; izintombi nezinsizwa kanye nawo wonke umuzi wakhe wamlandela. 

Ngalesi sikhathi abantu babengahleli kahle yindaba yesibalo esasikhula ngamandla sezifiki, sekungathi kuzosuka uthuthuva phakathi kwabo kanti akunjalo. Nokho inkosi ayizange ikunake lokho ngoba yayazi ukuthi lokho kwakubhedlwa amaphoyisa kaHulumeni ayefuna ukususa uthuthuva phakathi kwabantu, esetshenziswa abelungu. 

Abelungu baseNkantolo bamcela uMawele ukuba abatshele ukuthi ngubani umntanakhe oyokuba yinkosi emva kwakhe. Wabatshela ukuthi nguNyoniyezwe obuye aziwe ngokuthi uMazinyo, umnawakhe wathi nguMakhasane.

Wabatshela futhi abofowabo kanye nawoyise ukuze abantabakhe bangabangi uma engasekho. NoHhomoyi wamazisa ngoba wayesekhona njengoyise omncane, esabusa futhi. Ngokubusa kwakhe kahle uMawele kwakungathi yinkosi yokwetshelekwa emaBomvini, elungile kodwa abantu noma enjalo abazange bamedelele. 

Indodakazi yakhe eyayiyinkosazana emaBomvini wuNomadlangala owagcagcela eSilweni uDinuzulu, yingakho-ke umzukulu wakhe ozalwa uNyoniyezwe uMayizekanye kade efunda khona kwaZulu ngoba kwaZulu yila kwakwendele khona ubabekazi wakhe.

Izindawo zaMabandla nazo zasezande nalo lonke izwe, nazi ezinye zazo:

1. Ezebandla laseScotland: Collessie Overtoun oShamo Burnhill Nocomboshe  
2. Ezebandla lase Luthela (Lutheran) kwaMangqashaza
3. Ezebandla laseThaplan sinye

Isimo sezwe kanye nezinto ezitshalwa kulo

Lelizwe lase-Mabomvini lahlukaniswe uThukela phakathi nendawo. Nomfula impofane (Mooi River) nawo uyalehlukanisa, kanti nomfula iNadi (uMphambanyoni) ngokunjalo nayo ulahlukanisile. Belike lihlale izinsuku eziningi lingavakashelani uma le mifula igcwele, ikakhulukazi uThukela ngaphambi kokwakhiwa kwamabhuloho amasha asekhona manje wuHulumeni kaKhongolose. 

Ngale ngaphesheya koThukela lahlukaniswe yiNgubevu noThame okuyiyona mifula emikhulu kanti ikhona neminye kodwa mincane, iyizihosha njengoMbhono nje obuye kuthiwe yiNtshukwini. 

Izintaba zaseMabomvini ziningi kodwa aziqongile kangako. Intaba enkulu kunazo zonke uMsinga bese kulandela uPhakwe eyokugcina kube uPhisweni eNzala. EMsinga Top nakwaPhakwe, ikakhulukazi kwaHlomela, eSiphindeleni naseManzimhlophe kubanda kakhulu impela ebusika ngoba ziphakeme lezizi ntaba. UMsinga unezinye izintatshana ezincane kodwa aziphakeme njengeNyonyana kanye noThibeni okuyizindawo ezivama ukuba neqhwa ebusika. 

Izwe leli laMabomvu liphakathi kwabaThembu, uMajozi, uMabaso aMachunu, uZondi, aMakhabela, yiNquthu kanye neNkandla, elihlukaniswa yilezi funda ezimbili zokugcina zakwaZulu wumfula uMzinyathi kanye noThukela.

Izinto ezitholakala kule lizwe ziningana. Nazi ezinye zazo ezitholakala kakhulu: ummbila, amabele, ubhontshisi, amazambane nowatela. Nezimbiwa zibonakala zikhona kodwa alikalitholakali isu lokuzimba njengoba amalahle eke ahlonzwa nje laphaya eNgubevu. Kwezinye izindawo amalahle ayabonakala ukuthi akhona kodwa-ke akukasifikeli lesi sizwe ukuwamba. 

Zonke lezi zinto esengizibalile ukuthi zingumnotho waleli lizwe zidinga abantu abazozikhuthalela, bazimbe. Nezinkomo ziningi impela kodwa utshani sebuyaphela ngoba nendawo isigcwele kakhulu. 

Izinyamazane zisazingelwa yonke iminyaka uma inkosi ivulele inqina ukuba zihlaywe.

Ukuphuma kwenqina

Kwathi ngonyaka wesithathu engenile ebukhosini uMayizekanye wamema enkulu inqina yesizwe sakhe sonke samaBomvu aseMsinga. Kwehla abantu abaningi ngisho nasemadilobheni ukuyozingela bephethe imikhonto nezibhamu.

Yaphuma inqina ngesigodi saseMkhuphula, yehlisa uThukela njalo, nayo inkosi ikhona. Kwabulawa inqwaba yezinyamazane ingakafiki nakufika emlonyeni weNadi noThukela. Nokho inkosi yathi uma befika khona kuhle baqhubekele phambili nokuzingela. 

EMkhuphula

Inqina yalala izinsuku ezine zonke endle, kuthe ngolwesihlanu, kwavuka isilo, sabulala izinja eziyisihlanu nabantu ababili. Sathi uma sesithi siyakhwela kweyesithupha inja, wasishaya ngesibhamu uMkhafulafidi (uMayizekanye) wasibulala. 

Emva kwalesi kwaqhamuka enye ingwe yeduna; nayo wayishaya yaze yawela phezu kwale ebesibulewe. 

Izinyamazane ezabulawa ngaleli langa zazesabeka kungathi ziphelile. Abantu sebeyimilalandle, bedla zona izinyamazane nokudla ababekuphethe njengomphako sekuphelile.

Kwathi sebeyofika oPhisweni eNzala base bebulele izinyamazane ezingamashumi amahlanu. Kukhona nezinkonkoni eziyisithupha. Izinyamazane zenkosi zaze zalandwa ngemoto yayo sezehlule abantu ngoba nabo bengasenamandla kade bakugcina ukudla okuzwana nomzimba. 

Emva kwalenqina inkosi yathumela izikhumba zayo kwabakwazi ukuqopha, ukuthi bayiqophele iziyaya nezinjobo zayo. Imiqhele ebukekayo inkosi yayisika emuva kwalenqina. Oyise nabo futhi bathola imiqhele bonke. Emva kwalokhu inkosi yabiza omkhulu umkhosi, aMabomvu agubha izinsuku ezine, inkosi yahlaba ishumi nezinkabi ezine, kwabuswa kwanjeya.

Ukugcagca kweNkosazana uNomadlangala

Kasizwa ukuthi ukhona omunye uMfana owazalwa noMawele bashiyelana ibele naye, noma noNyoniyezwe, ngisho nenkosi uMayizekanye imbala. Cishe ukuthi bonke abaNtwana baMakhosi bangabodwa nje esiswini sikanina. 

UMawele yena wazala uNomadlangala owelanywa wuNyoniyezwe. Wayemthanda lo mntanakhe, esho nokusho ukuthi ufuna ukubona umgcagco wakhe uma esaphila. Njengoba sengichazile ngenhla, uNomadlangala wayesethanda kwaZulu, ethanda inkosi uDinuzulu. 

Kwathi ngonyaka ka-1898 wagcagcela kuyona inkosi uDinuzulu, aMabomvu egcwele engangesikhonyane, naye uMawele ekhona, amnika amashumi amane emali yokucimela kwakhe esizweni sikayise. AMabomvu agubha nabakwaZulu wonkana kwaphela izinsuku ezintathu zonke kungathi umgcagco awusapheli. Amashumi amathathu ezinkomo awa phansi, zihlatshwa.

INkosazana yalotsholwa ngamashumi amane ezinkomo. UZulu emningi wazishaya zonke zaphelela. Phela uNomadlangala wafika ebukhosini waba yiNkosikazi yesizwe sikaZulu. Kodwa ngeshwa akazange athole mntwana yaze yakhothama inkosi uDinuzulu. 

Ingakakhothami inkosi iDinuzulu yakhomba unina kaNyawana njengezalankosi, nokho kwahlaluka ukuthi uNyawana akanamandla okuphatha isizwe esikhulu njengoZulu. Kwase kungeniswa uMaphumzana ozala uSolomoni. 

Athi ukuba afike ekhaya aMabomvu inkosi uMawele yabiza sonke isizwe yenza omkhulu umkhosi wayo wokubonga. USibindi kaNduluzana uyena owedlulisa amazwi okubonga zonke izinto ezenziwe yisizwe.

Amagama okuhuba esizwe samaBomvu

Hlaseya Zulu  
"Wi-ndlu yemkhonto zikhali zethu
Wo-hho
Hlaseya Ah-hlaseya ah-hlaseya
Wi-ndlu yemkhonto zikhayi zethu
Wo-hho
ti ii ii
Shisi, zizwana ngoMkhathazwe
Uyazishisi izizwana ngoMkhathazwe
Shi-hho, uyazishis’izizwana ngoMkhathazwe
Shi-hho ngobashisa
Abakude ngoMkhathazwe
Shi-hho uyazishis’izizwana ngoMkhathazwe
Shi-hho uyazishis’izizwana ngoMkhathazwe
Yeka amadoda ezizweni maningi
Abuzi butho, abuzi butho
Lenkos'uGumede we nkosi
Wo-hha yehhe kanti umnqumela nkosi

Izigodi zaseMabomvini aseMsinga:   

  1. uThame 
  2. uMbhono 
  3. iNhlonga 
  4. iHholwane 
  5. iNgubevu 
  6. uDolo  
  7. iNqoleni 
  8. iNqabeni 
  9. uMkhuphula 
  10. uLatha-Mbonja 
  11. uGwayimane (uLatha-Ntshawu)  
  12. iNzala 
  13. uPhakwe
  14. uGxobanyawo
  15. iNhlesi
  16. Ndaya

Zonke lezi zigodi zinezinduna zazo ezithetha amacala amancane kuthi phezu kwazo kube uNdunakulu ophethe isizwe sonke ngaphansi kwenkosi. Ezinye izigodi zincane ngakhoke zingena kuzo lezi ezinkulu zigcine seyizihosha noma imihlathi.


I BUILT MY SITE FOR FREE USING