06 Dec
06Dec

Ngu Aya Ngubane

Ukuthakatha kwabelungu baseNtshonalanga yinto osekukudala igqokiswa kahle ngengubo yeSayensi. Ibizwa ngezobuchwepheshe ukuze izimfene zabo lezi abathakatha ngazo emini libalele bazigibele kahle nje udede uma beloya, kunganaki muntu...        

Labo asebekhulile bayazi ukuthi sinezitembu lapha ezingalweni esazigxivizwa yibo kanye abelungu bethi bayasi ‘goma’. Lezo zitembu uzithola noma kumuphi umuntu omnyama ozalelwe kuleli, eSwatini eMozambique nakwamanye amazwe angomakhelwane. 

Lesi sitembu sitholakala kubantu abazalwe ngaphambidlana nje kweminyaka yama-80s kuya phansi, zinjalo nje izitembu lezi esezibizwa ngama-digital tattoos namhlanje azefani. Lokhu kuchaza ukuthi sihamba nje okowonkabi babathakashana sekwasiphawula wena owabona izinkomo zako zokwebiwa emadlelweni.

Isitembu saseMzansi sisasigxivizo esiyindilingana, kuthi esaseSwatini nesaseMozambique sibe yisibazana nje ongeke usinake la ngasendololwaneni noma edolweni lesiphanga. Kodwa namhlanje uzwa amaphoyisa akuleli ethi kunzima ukuhlonza umuntu ongeyena owokudabuka kuleli, kudlalwa ngathi. Isitembu lesi njengophawu lwembuzi, asisuki.

Leso sitembu wasithola useyingane mhla ‘ugonyelwa’ ukungangenwa izifo kalula noma sewukhulile. Kodwa uzokhumbula ukuthi emuva nje kokugonyelwa ukungangenwa yizifo kwabe sekuqubuka izifo ezifana novendle (polio), isimungumungwane (measles) neTB yodumo ebuye yabasiza futhi abathakathi abamhlophe ukwehlisa izibalo zabantu abamnyama kulabo ababhuqabhuqwe yisifo sengculazi. Sikhuluma ngabantu abevile ezigidini eziyisishiyagalombili la abalele kobandayo ngenxa yengculazi!!!

Ingakafiki ingculazi iTB yabulala inqwaba yabantu begomile kunjalo. Umbuzo-ke uthi leyo migomo yabelungu yayisicashephi egazini lo muntu uma sasigonyelwa ukuvikeleka ezifweni? Angazi kufikani kowakho umqondo uma ngikhuluma kanjena kodwa mina kuyangikhanyela ukuthi lokho abathakathi abamhlophe ababethi ukusigomela izifo kahle-hle kwakungukusifaka zona kanye lezi zifo esengizibale ngenhla, kubandakanya ne-cholera yabo yodumo. 

Le ncwadi akudingeki nakuthi uze ube ungqeqe ukuyifunda ivaliwe ukuthi uyisilima kangakanani umuntu omnyama osacabanga ukuthi unomngani ongumlungu waseNtshonalanga. Abelungu baseNtshonalanga basizonda sonke kanye nazo izincelebanyana zabo lezi ezihlala zibakhotha izinqe ngoba nazo ziphelile yigciwane lengculazi zilokhu zithi: ‘Umlungu wami wenzeni, umlungu wami wenzeni.’

Laphaya nje ngakithi eMsinga sonke siyalazi ibhanoyi labo obekuthi uma silele ebusuku uzwe selihuba emkhathini, lifafaza ubuthi bokuxosha imvula, lingenandaba iBhunu lansondo ukuthi licishela umuntu olikhothayo noma ongalikhothiyo, lishaya kwasani, nazo izinkothangqoko zabo lezi ebeziqabula ngisho umhlabathi lo umlungu anyathele kuwo.

I-cholera-ke yona kwakudume ukuthi itholakala ngokuphuza amanzi angahlanzekile, kodwa sengingakudalula manje ukuthi lesi sifo thina ngale eMabomvini eMsinga sasisifakelwa yiBhunu elakhele isizalo somfula iNadi ukuze uma siphuza ngezansi sigule. 

Namhlanje seniyaqonda ukuthi kungani abelungu bevamise ukuqola izindawo ezingamapulazi bakhe la kuneziphethu khona zemifula, ikakhulukazi le egelezela ezindaweni zabantu abamnyama. Kade baqala ukusidlisa ushevu ofeleba bansondo besiluma besipholisa ngemilomo yabaholi bezabelo, phecelezi o-Uncle Tom.

UNksz Zindzi Mandela ubengadlali nempimpi yobandlululo, abanikazi bayo ebatshela emakhaleni amaqiniso ababayo. Le infographic engenhla ihamba phezu kwamazwi akhe

Insizwa engakhula nayo laphaya eMabomvini aseMsinga uMnu Patrick Chonco angangifakazela kulokhu. Ngangihamba naye mhlazana sithi siyaphuza emfuleni iNadi ngelinye ilanga welamela lezi zilwane ze-cholera ziphethuka kuhle kwezimpethu emanzini. Futhi sasingeke sizibone nhlobo ukube kwakusebusuku namanzi engacwebile kahle. Okuhlonza bona ubuthakathi kule nto ukuthi besiphuza mfula munye nemfuyo, kodwa zona izilwane ngoba zazingahlonziwe ukubulawa  yi-cholera njengathi ayizigulisanga.

Njengoba eke washo umholi wenkolo yobuSulumane eMelika uMshumayeli uLouis Farrakhan ukuthi kunobuthi eningabudla nonke khambalinye niyizinhlanga ezahlukene kodwa buvele buphuqabhuqe uhlanga oluthile nje lodwa ngoba ubuthi bakhona bulunjaniselwe ukulwa namasosha omzimba ohlanga lolo olubulawayo. Sekuyinto eniyaziyo ukuthi bona bayizidalwa ezinegazi lobuntu elingamaphesenti angu-70, angizukutshela-ke ukuthi lo-30 phesenti wegazi eligijima emithanjeni yabo olwahlobo luni lwesidalwa ngoba kuzothiwa sengikhuluma inhlamba.  

Uma ungakholwa ukuthi imizimba yethu yehluke kakhulu ngesakhiwo kweyabelungu nabu ubufakazi. Ubisi lolu abaludayisa emasuphamakethe enibuye nilujute etiyeni, luphethe inqwaba ye-calcium, okuyikhemikhali eyisakhamathambo emzimbeni. Lolu bisi luthengwa kakhulu yibo ngoba badinga i-calcium kakhulu emzimbeni ngobuntekenteke bamathambo abo kanti wena uhlukana nobisi uma ukhunyulwa ebeleni njengosana.

Uzonaka futhi ukuthi uma uluphuza kakhulu ubisi lwasesuphamakethe njengomuntu omnyama kwesinye isikhathi lugcina selukuhambisa, ungazizwa nakahle emzimbeni ngenxa ye-calcium eningi kulo kanti owakho umzimba unothiswe ngayo sidalo wuMdali. Awudingi ukulokhu uyifaka mihla le emzimbeni njengabelungu abashoda ngayo. Yingakho nje kubuye kunigulise ukudla kwasemasuphamethe ngoba izakhamzimba ezifakwe kukho zingama-protheni adingwa yimizimba yabelungu, othola ukuthi wena unawo vele sidalo emzimbeni awuwadingi.

Besisebancane impela ngalesi sikhathi, singabafanyana abasafunda ePrimary School, sivela ukuyozishayela izinyoni mhla selamela lomhlola. Nguyena okaGambushe owababaza kuqala wathi: “Wozani nizobona icholera.” Njengoba namahlanje sewubezwa bethi lezi zinto zabo ‘amagciwane’, besho izinto abazikhanda bona mihla le ema-laboratory abo ngoba into ehlala igxabha la emakhanda abo ubusuku nemini yisu lokushabalalisa umuntu omnyama emhlabeni.

Lezi zilwanyana ze-cholera zazinsundunyana ngebala sambala wenkalankala, zilingana nonoshobishobi kodwa futhi zingefani nabantwana benkalankala, futhi ubona ukuthi kulula ukuzisheba namanzi ngoba uma uzophuza zazivele zizike zicashe kalula ngaphansi kodaka.

Ngakho-ke akungoba sizonda abathakathi abamhlophe uma sithi inkulu impi abayilwayo ngemijovo yabo le abathi iyeza yoKhuvethe. 

Awufunde lolu cwaningo olungezansi ubone ukuthi awuzuvumelana yini nami uma ngithi odabeni lweCovid-19 kuphakathi kokuthi sibakhomba indlela abafika ngayo abathakathi baseNtshonalanga kusekuhle nje noma silinda emathonsi abanzi ngokudla imihlathi sifele emendweni okudala waphela okomfazi owalotsholwa ngazo zonke izinkomo emendweni, kwathi abazali bakhe abangamankentshane ngokuthanda imali bamlahlisa okwenyongo yenyathi bathi: “Hamba ushone mntanami, layikhaya awusubuya noma sewuyisidumbu njengoba umkhwenyana ezishaye zonke zaphelela…”

Ukuphuma ezimweni ezifana nalezi sidinga uMengameli onamankwahla amabili nohhafu, hhayi lo mfazi ohola izwe sikhuluma nje. 

La kungagcogcomi khona abathakathi baseNtshonalanga njengase-North Korea nje, ayikhulunywa nhlobo nje indaba yaleligciwane-mbumbulu, akekho nongakuchazela ukuthi kwakunununi kwayona Corona virus leyo.

Ngesikhathi nikhala ngoKhuvethe kuleli, uMengameli waseNorth Korea uKim Jong Un uvula amaprojrekthi ukuthuthukisa izwe lakhe. INorth Korea iyisibonelo esikhazimulayo sokuthi impilo intofontofo kanjani uma ungenabudlelwano namazwe aseNtshonalanga          

Lokhu kuhlaziya okungezansi kwashicilelwa ngowezi-2016 kwiphephandaba ezaseMsinga kuhlasele isomiso esibi kuleli...

Isomiso esikhungethe leli kwelaseWestern Cape ungafunga ukuthi sisukela ngxoxweni thizeni phakathi kukaMengameli wasePortugal nomshokobezi kasosayensi waseMelika uTanner Kingsley osekhande umshini wokulawula isimo sezulu umhlaba wonke jikelele ngaphansi kweProject Prima encwadini esihloko sithi Are You Afraid of the Dark? ebhalwe ngumbhali ongasekho emhlabeni uSydney Sheldon.

Le ngxoxo ihamba kanje: “Ubhubhisa izwe lami. Usubulale nezitshalo zethu. Ezweni lonke amasimu ayagcugca. Ngikhuluma nje izindawo ezingamakhaya zi…” Esho ekhokha umoya kancane uMengameli wasePortugal, izwi lakhe linokuqhaqhazela, “kuzoze kube nini le mvula ina?”

“Izokuna uze ufake u-$2 billion kwi-akhawunti yami.” Kuphendula uKingsley ngokukloloda.

Omunye uzothi icashunelwani inoveli ewumcabango nje wombhali ngesimo esenzeka ngempela kuleli? Impendulo yalo mbuzo izothi aphi amanga enoveli i-The Dogs of War, ebhalwe umbhali waseNgilandi uFrederick Forsyth osezingeni likaSheldon, osekugcine kuvelile ukuthi wayeyibhale eyisusela ozungwini lwakudala lokuketula uhulumeni wase-Equatorial Guinea ukuze kubekwe isichuse esingavumela ukuthi uwoyela wakhona udliwe amazwe aphesheya.

Yize enovelini yakhe uForsyth waguqula igama lezwe lase-Equatorial Guinea walibiza ngeZangaro, uhlelo lokuketula umbuso wakhona olwaphunza ngowezi-2004, obelubandakanya labo ababengamasosha okuvikela ombuso wobandlululo (SADF) kuleli nabashokobezi bamasosha aseZimbabwe belunazo zonke izimpawu zokususelwa kule ncwadi emuva kweminyaka engama-20 yashicilelwa ngowe-1974.

Izinsongo ezikule ncwadi zihlasimulisa umzimba futhi zikhombisa ngokusobala ukuthi kwipolitiki kungedlula iminyaka eyevile emashumini amabili umuntu ehlela itulo lokuzi phindiselela esitheni sakhe, “Ngelinye ilanga ngiyoze ngikuthole. Okwamanje angazi kanjani, kodwa yisikhathi esiyongitshela. Luyeza usuku lapho uzocabanga ukuthi uvikelekile futhi impilo yakho inokuthokomala, ngokuphazima kweso konke kuphenduke umlotha emlonyeni wakho. Ngalowo mzuzu uyokwazi ukuthi isikweleti sesikhokhiwe.” Kusho uTyrion Lannister.

Okumele sikuvume ukuthi kuningi okuqhubekayo esithe nokuyizimfihlo okubandakanya osopolitiki, ososayensi nosomaqhinga okwenzeka kude nemiphakathi eyejwayelekile, okuyizinqumo ezigcina zinomthelela onqala kwizakhamizi zezwe.

Ukhona yini ozothi akakaze ezwe lutho ngebhanoyi elejwayele ukwedlula ezindaweni ezingamakhaya njengakoMsinga nje, nokuyizindawo lapho abantu besenezindawana zokulima njalo uma kuhloma izulu, ligcine linganile.

Ama-chemtrails avimba imvula

Eminyakeni edlule belinele lihube nje uzwe abadala sebethi nalo-ke lelo bhanoyi elizophephetha imvula. Uma ukwazi lokhu uzozibonela ukuthi uSheldon wayengayisuseli ekhanda le nto ayebhala ngayo encwadini yakhe esihloko sithi: Awukwesabi Yini Ukuhlwa?

Ziningi izinkomba zokuthi kukhona ososayensi abaganga ngesimo sezulu kuhle kwabathakathi abagibela izindangala ebusuku, njengoba sibonile kudingidwa izindaba ezifana nalezi kwingqungquthela eba minyaka yonke mayelana neClimate Change ebiseThekwini kuLwezi wezi-2011.

Kungesimangaze-ke nokuthi sebekhona ngempela ososayensi asebedayisa ngemvula, okuthi uma ungavelanga ewindweni labo wakhokha, bakuthwaxe ngomadlantule wesomiso usale uncinda isithupha kufe nemfuyo.

Phesheya kwezilwandle eMelika la imbiza kuthiwa iphekwa khona, kunendawo eyimfihlo esalugwadule engekho nhlobo ebalazweni lomhlaba ebizwa ngo Area 51.

Kunenkolelo kulabo sosayensi asebephume iqhubu baphonsela inselelo imibiko ethi kukhona ozakwabo asebeke bavakashela enyangeni phambilini, njengososayensi ongumthwebuli wefilimu elisihloko sithi A Funny Thing Happened on the Way to the Moon uBart Sibrel; yokuthi kukuyo le ndawo ehlala iqashwe ngeso lokhozi lakwalunjaniswa khona izithombe eziyinkohliso zokufinyelela kososayensi enyangeni ukwedukisa umhlaba.

Labo sosayensi sebenze ucwaningo olunzulu ngale mibiko, bekhala nangezithunzi ezibonakala kulabo sosayensi enyangeni ukuthi zifana ncimishi nalezo ezivezwa ngamalambu asezitudyo zaseHollywood uma kwenziwa amafilimu ajwayelekile.

USibrel usola inhlangano yobunhloli yaseMelika iCentral Intelligence Agency (CIA) ngokwedukisa abantu ngefilimu nje okuthiwa laqoshwa endaweni esalugwadule engu-Area 51 lahlanganiswa estudyo kusetshenziswa imilingo yamakhamera ukuze kubukeke sengathi kusenyangeni.

Uthi futhi ubenehlanhla yokuthola ibhande elingahleliwe (unedited footage) lapho kunezwi elizwakalayo eceleni lifunza abatshuzi basemkhathini, phecelezi ama-astronauts ukuthi bathini uma kuthiwani kwabezindaba.

USibrel uthi isimo sasenyangeni kanye namarokhethi abesetshenziwa ngeminyaka yama-60's nguNeil Armstrong nozakwabo ayengeke nhlobo akwazi ukwedlula ibhande elisemkhathini elibila ngendlela eyisimanga ebangeni elithile ukuya enyangeni.

USosayensi uBart Sibrel uphika ulala ngomhlane ukuthi kukhona abatshuzi basemkhathini asebeke bafinyelela enyangeni

Uma lolu cwaningo lungake lufunyaniswe lunesisekelo, lokhu kuyosho kona ukuthi kulesi sikhathi esiphila kuso sekusetshenziswa bona ubuchwepheshe besayensi njengobupholofithi bamanga ukwedukisa umhlaba yilabo abanezinhloso ezithile zokwenza itshe lemali.

Thina njengesi zukulwane esiphuma empini yesibili yomhlaba, okuthe ingaphela ngokufa kukaMnu Adolf Hitler obengumholi wamaNazi eJalimane, kwase kungenwa kweyesithathu ebingase nasikhali phakathi kodwa igabe ngokugadlana ngamaqhinga futhi ibizwa ngokuthi yi-Cold War; sibhekene nenselelo yokuzihlungela lokho okungamanga aluhlaza cwe aqanjwa ngososayensi ngezinhloso zepolitiki kulokho abakushoyo okuyiqiniso elimsulwa.

ICold War ebeyigabe ngehaba nokwedukisa imiphakathi kusetshenziswa ubuchwepheshe nemithombo 'ethembekile' yabezindaba, ikakhulukazi amafilimu, yithelevishini, imisakazo namaphephandaba ukubhixa isitha ngensizi singathakathile, igcine inqotshwe amazwe aseNtshonalanga zingama-26 kuZibandlela ngowe-1991 kuguqa i-Union of Soviet Socialist Republics (USSR) ngaphansi kobuholi bukaMengameli waseRussia uMikhail Sergeyevich Gorbachev. Nokho-ke iguqe yabuya yazithatha futhi iUSSR ibuya ngeshodi ngowezi-2008 seyingumnotho weBRICS.

Kusukela lapho sibe sesiphila esikhathini lapho kungasasetshenziswa indluzula ukukuqola, ukukuwaka, nokukubulala njengoba amazwe aseNtshonalanga abengasancintisani namuntu kwezempi yomshoshaphansi.

Manje sesi sesikhathini lapho sekucindezelwana khona ngokomqondo nangokuthi uhambe kangakanani kwezobuchwepheshe njengoba sezandile nezinsolo zokuthi isifo sengculazi sakhiwa ngamabomu ukuze kwenziwe itshe lemali ngemishanguzo futhi kuphungulwe nezibalo zabantu abamnyama.

Siphila esikhathini lapho kunabantu abakha izinkinga, babuke umphumela wazo bese beza nesixazululo esizokubiza itshe lemali wena osusenkingeni edalwe yibo, phecelezi Problem – Reaction -Solution (PRS).

Umzekelo nje; umuntu ongazi lutho ngobuchwepheshe bokuvubela ubhiya angawuthenga nangekhulu lamarandi esitolo uma ewulangazelele ngempela futhi kungekho la engawuthola khona, njengoba bebaningi abangakholwa uma ubatshela ukuthi lezi zimoto ezihlonishwa kangaka kuleli zwe uma ufika la zisungulwa khona njengako-Jalimane nje uyithola ibiza izinkulungwane nje ezili-12 lama-Euro (+-R120 000) kuphela.

Injalo nje futhi ngendlela engeyilutho ngakhona eJalimane ibuye isetshenziswe njenge-meter taxi njengoba kuleli ihamba iziqumama nje ezidla izambane likapondo eziyithenga ngokuphindaphindwe mhlambe kathathu kunenani layo langempela ezweni eyasungulwa kulo.

IMercedes Benz okuwuhlobo lwemoto oluhloniswa kakhulu kuleli kodwa olusetshenziswa njenge-meter taxi layasungulwa khona eJalimane

Lokhu okusho kona ukuthi ukusilela kwethu emuva kwezobuchwepheshe bokukhiqiza nokuzivikela ezimweni ezithile yikona osekusibeke kulesi simo sokubhuqwabhuqwa yisomiso. Ukuthi izangoma zezulu zikuqagula kanjani lokhu kusasele isikhathi eside kangaka kwenzeke, kuyasolisa sengathi zisuke sezihletsheliwe abathakathi bezulu ukuthi umpompi wemvula ovulwayo khosombeni thizeni uphinde uvalwe uyoze uvulwe nini.

Kuyacaca ukuthi sekuyisikhathi lapho lobu buchwepheshe kudingeka buke bunekwe etafuleni buhlaziywe, bucutshungulwe ukuthi buhlelwa kuphi, ngubani? Ngazinhloso zini?

Ulwazi lwangempela-ke alutholakali nhlobo nje eNyuvesi, njengoba namanje ingekho iNyuvesi kuleli eqeqesha izitshudeni zakwa-Information Technology nezakwaComputer Science ukusungula i-motherboard yekhompyutha; okuluqwenjana lolu oluluhlazana olungubuchopho bayo belu icompyutha.

Kunalokho emazingeni aphakeme ezemfundo sifundiwa ukuthi kufakwani, kuphi uma sekushile. Kuthi kwezokwelapha sifundiswe ukuthi umuthi othile uwufaka kangakanani esigulini, hhayi ukuwususa phansi uwukhendle, uwucwenge. Konke lokhu okusengamaqhinga okubeka leli zwe kwezobuchwepheshe emuva ukuze yonke into siyithenge kwamanye amazwe, lokhu okwaziwa njenge mfundiso yokuthosa ufishi, hhayi ukuwudoba, phecelezi iBantu Education ngolimi lombuso wencindezelo.

Ngaleyo ndlela akekho ongakufundisa ngalobu buchwepheshe bokuvala nokuvula imvula uma kungukuthi benzela izigebengu thizeni ezibuphekayo itshe le mali. Ukube ikhona iNyuvesi okufundelwa kuyona ukusungula ngabe uMzansi Afrika unezimoto ozikhiqizela zona sikhuluma nje. Ngamanye amazwi siyizifundiswa ezilolwe nganxanye kuhle kommese.

Yingakho nje amazwe asethuthukile enamaNyuvesi ase 'hlathini' lapho izingane lezi okutholakala ukuthi zikhaliphe ngokweqile esikoleni, phecelezi amaJiniyasi, zithathwa zifakwe ngaphansi kohlelo lukahulumeni oluyisipesheli. Kutshalwe izigidi gidi zemali kuthiwa azisungule noma yini engubuchwepheshe.

Zicelwe kubazali bazo ziyokhuliselwa ndawana thile ukuze ziqambe noma yini engafukula umnotho wezwe, kubandakanya nezikhali ezingavikela izwe, ngisho ebushokobezini lobu bokuvala nokuvula imvula bukamfoka Kingsley encwadini kaSheldon. Hhayi le nto yaseMzansi la izwe lehlukene phakathi, kunezidalwa ezisebenzela ukusimamisa amazwe aphesheya ngomnotho wethu, ezisungula buchwepheshe thizeni zinothe ngezindleko zalelizwe bese zibalekela phesheya kwezilwandle njengoMnu. Mark Shuttleworth webrand iHip2B nomsunguli wemoto ehamba ngebhetri iTesla uMnu Elon Musk.

Kubatshazwa le moto kaMusk umhlaba wonke nje kunensizwa empisholo yala eZimbabwe okudala yalusungula lolu hlobo lwemoto uMnu Maxwell Chikumbutso kodwa akukho sozimali oke wasondela eduze kwakhe wamxhasa ngezimali ngoba unguM-Afrika. Kunalokho usozimali wakuleli uMnu Patrice Motsepe uvele wasuka la eMzansi wabhambuluka wajomba inqwaba yamazwe ezwenikazi i-Afrika wayothenga amasheya eklabhini yebhola yamaSulimane eGibhite kunokuthuthukisa abantu bakubo. Okuwuphawu lokuzenyanya ngendlela ehlasimulisa umzimba kosozimali base-Afrika. 

UMnu Maxwell Chikumbutso emi phambi kwebhanoyi elakhiwe wuye. Ukuthola kabanzi ngalo buchwepheshe bakhe cofa le link. Ngeke ukholwe ukuthi ukhande zonke lezi zinto nje akafikanga ngisho kwaMatric esikolweni

Ukube besinalolu hlelo loku cija amaJiniyasi kuleli, yiwona okungabe ayawupopola njengamanje umkhathi wethu lo ukuthi unabuthi buni obudinga ukwelashwa ukuze sithole imvula ngoba kusobala ukuthi labo sosayenzi abagangayo sebekwazi ngisho nokuvala imvula badale isomiso.

Yiyo-ke impi yesiThathu Yomhlaba le okuthiwa yiCold War esikuyo njenga manje, ekubuza ukuthi ungubo ngaki kwezobuchwepheshe njengoba thina kwamanye amazwe sesikwazi ukulawula isimo sezulu nje.

Ubufakazi obunuka ubuchwepheshe njengento engahle ibhubhise umhlaba buningi njengoba usosayensi waseBrithani uDavid Kelly owayeyingxenye yophenyo ngezikhali zembubhiso ezazikhonjwe kwelase Iraq athusa umhlaba wonke ngokukhipha isitatimende esasiphika ubukhona bazo kuleli yazwe, ethela uMengameli wakhona ngalesosi khathi uMnu Tony Blair nowaseMelika uMnu George W. Bush ngehlazo kwazise babesekhaleni lokunuka uMengameli wakhona uMnu Saddam Hussein ngazo.

Baningi-ke ososayensi abangahlonishwa ababebuza kodwa bengaphendulwa ukuthi yona iMelika neBrithani le iphenywa ngubani ngezikhali zayo zenunzi.

UMnu Kelly wagcine ebizelwe esithangamini ngale mibiko eyavela kwi British Brodcasting Corporation (BBC) ikhomba yena njengomthombo wayo, kwathi esevukela emsebenzini ngakusasa wazithola engasakhulunyiswa muntu ngesitatimende ayesikhiphile. Ezibona umhlaba usumlahlile, wazisika isihlakala wazibulala, yize kunemibiko ethi kungenzeka ukuthi wabulawa.

Phezu kwalokho, kusenemibiko ethi amasosha aseMelika namadlela ndawonye awo ayeyibambe ishisa engquzulana nezikaSaddam Hussein empini eyaziwa nge-Operation Desert Storm ekuqaleni kweminyaka yo-1990 abesezala izingane ezikhubazekile zodwa emveni kwaleyo mpi ngenxa yamakhemikhali anobungozi awahogela kuliwa.

Impilo yalesi isizukulwane seyenziwe lula wubuchwepheshe kodwa ngeshwa elikhulu futhi kwafingqeka ububanzi bokuphila komuntu isikhathi eside emhlabeni njengoba indoda eneminyakana nje engama-60 sekuthiwa wumdodovu wekhehla elidala.


I BUILT MY SITE FOR FREE USING