20 Mar
20Mar

Yi Zazi Team

Uyingozi kabi umlungu omnyama… Uma ungakabuboni ubufakazi ukuthi iSilo uZwelithini sibulawe obani ebebefuna ukudla isizwe sakhe, cofa le linki uzizwele ngokwakho ebagagula.. 

Kusungulwa inhlangano yokuqala eMzansi yezepolitiki uKhongolose ngowe-1912; amakhosi asungule futhi athuma osopolitiki ukuthi bayoxoxisana namankengane etafuleni ngokubuyiswa komhlaba wokhokho nangokuthi izifikamthwalo kungaphiliswana kanjani nazo ezweni ngaphandle kokuklwebhana. 

Vele singabantu sasibemukela ontulindawo ezweni, bakhiswe bafundiswe nobuntu ukuze bangazitholi sebengontulindawo futhi. Kanti sesizidonsela amanzi ngomsele ngobuntu bethu.

ISilo uDingane sibabulalela esigodlweni nje sasithi sakha ubudlelwano nabo kanti okowonkabi kusibophela amanqina enyathi. Nango esebalalisa emzini wakhe langa limbe kanti kuzothi kwesikabhadakazi ogqayinyanga bakhe babelamele becathama emagcekeni esigodlo ebusuku okwabathakathi, behlola isigodlo futhi behlela nokuthi bangasiqhamukela kanjani uma behlasela. 

Namhlanje uMnu Cyril Ramaphosa noMntwana wakwaPhindangene uMangosuthu Buthelezi banegcunswana labalandeli elifuna sethembe lezi zigebengu zabelungu baseNtshonalanga ezaxaka ngisho iLembe, zaxaka iSilo uDingane, zaxaka noJininindi oMnyama, ezaze zambopha nokumbopha. Baqhiphotheka nazo namhlanje kuphiwana nezipho.

UMntwana wakwaPhindangene uMangosuthu Buthelezi, ngokukhulu ukuzithoba lokhu, eqhiphotheka neNkosazana yamaNgisi uPrincess Camilla

Akubuzwa ukuthi kudayiswa ngobani la. Ibhasi ebhaliwe kaZibhebhu ka Maphitha le osekuthiwa asiyigibele, ukuze sithi sifika eSandlwana sibe sesimaqembuqembu, okungamankengane kuzidlele amahlanga. 

Emva kweminyaka elikhulu neshumi elilodwa (110), izithunywa zamakhosi okuthiwa osopolitiki zaphathiswa umyalezo wokudala ukubuyisana phakathi kwemihlathi eyalanayo, namhlanje sezihlanganyela amakhosi namankengane ukudla iziHlalo zawo njengoba ubona nje imikhuba eyenziwa uButhelezi noRamaphosa kufungiswa uMntwana ozonda abakwabo.

Angithi wuyena uButhelezi onika lo Mntwana inkundla ephephandabeni lakhe Ilanga ukuze achaphe iNdlunkulu ka Zulu ngezinhlamba. Yinganekwane le okufanele sisukume sonke-ke manje njengoZulu sithi: “Cosu cosu yaphela.” 

Sekwanele nina bakaMthaniya. Sesifakwe umunwe esweni kwenela. Namhlanje abafokazana sebekwazi ukutshela isizwe seLembe ukuthi asingalaleli iNdlunkulu ka Zulu kulalelwe bona ngoba beyini. Beyini nje ngempela. Ngoba nakhu beshiyelana ishungu nabelungu baseNtshonalanga, laba asebesihluphekise kangaka ezweni selo bafika kwelikaMthaniya, sebezibona bengonkulunkulu besizwe sika Zulu?

Kwenziwa yini uSathane afike ahlukumezea abantu ezweni, abahluhlukumeze eside isikhathi bese emveni kwalokho futhi afune ukuhlonishwa umhlukunyezwa, kusinekwe naye ubala? 

Asisoze sezwa ngabafokazana ezweni leSilo ukuthi inyathuko ihamba njani ukuya phambili ngeSihlalo. Uma usulawulwa usopolitiki ukwedlula ubukhosi bakini, yini ungavele ufake i-plastic surgery ebusweni njengo-Michael Jackson ube wumlungu omnyama sonke sikubone, kunokulokhu usikhohlisa ngemaski ensundu le oyigqokile kanti ngaphakathi kwayo ungumlungu.

Asazani napolitiki thina. Ipolitiki yinto efike nabelungu. Thina sazi futhi sihlonipha ubukhosi boselwa qha kunepolitiki. Namanje izinduna zamakhosi zenza umsebenzi ongcono kabi emiphakathini kunamakhansela epolitiki. Abasezindaweni zasemakhaya bazi kahle ukuthi yiqiniso elimsulwa leli esilishoyo, kodwa ipolitiki, njengoba yenza nje manje ngamakhosi oselwa, izama ukukhweza amakhansela phezu kwezinduna ngemali nama-thenda kahulumeni.

Besingazi ukuthi kanti ipolitiki le yalethelwa ukuzobulala amakhosi kanye nobukhosi bohlanga!!!

Njengoba nakwezobulili kukhona ongqingili, okungabantu laba okuthiwa ama-Gays nama Lesbians, okuyindoda noma umfazi ozaleke emzimbeni wobulili obungebona obakhe, ngokunjalo kuyenzeka lokhu nangokwebala, umlungu aphume esiswini sikanina engumuntu omnyama. Nibabona nje abazenzi, abelungu bokuzalwa laba, bagqoke nje imizimba okungeyona eyabo. Uma engakhethiswa umuntu wakhona ukuthi abulale bani phakathi kwakho nomlungu, angabulala wena. 

Nangale ebungqingilini ubobabukisisa abantu bakhona. Umuntu uzama ngazo zonke izindlela ukuzenza le nto angeyona ngokwesiqu sakhe, aziphaqule ukwedlula umuntu wesifazane uma e-Gay. Umuntu wakhona usejezisa lo mzimba manje azalelwe kuwo njengesiqalekiso kwazise akuwona umzimba wakhe wangempela. Kucishe kufane nokuzalwa nokukhubazeka lokhu.

Abelungu-ke sebakufunda bakugogoda ukubona umlungu wakubo ozalwe njengomuntu omnyama. Naye futhi njengongqingili, ujayiva ukwedlula umlungu ngokwezenzo. Angithi uzama ukukhokha isikweletu sokuzaleka ngale ndlela azaleka ngayo kubafowabo abangabelungu angafani nabo ngokwesiqu. 

Awusoze wamguqula umuntu wakhona ngoba izimpande zakhe zithi yena ungumlungu, wena umcika ngokuba nalomzimba nalelibala alizondayo, bese ebhodlela kuwe. Ngokwakhe ukucabanga ngabe akanje ukube wena muntu omnyama awudalekanga nhlobo emhlabeni.

Uze umangale wena ukuthi umuntu omnyama angayenza kanjani into engukudayisa ngomuntu wakubo ngosheleni kanti awazi ukuthi lo muntu okhuluma ngaye yinkunzimalanga yeBhunu, iNgisi noma iJudambumbulu elivaleleke emzimbeni ofana nowakho. Badinga isiguqo laba bantu-mbumbulu ngoba baya ngokwanda ezweni.

UNkulunkulu unobuchule obumangazayo bokuhlubula impisi isikhumba semvu esigqokileyo ibonwe nayingane encane 

Ekugcineni useyaziwa umbulali wesizwe sika Zulu obezenza umelusi waso sonke lesi sikhathi.

Nokho-ke uZulu awusoze waqhekezwa phakathi uButhelezi noRamaphosa. Okumele sikuvume nje siyisizwe sikaZulu kukodwa; ukuthi sekunesilo sesizwe esisha okuthiwa amaShenge kanti iSilo sikaZulu sangempela sisazomenyezelwa yiNdlunkulu maduze nje.

Asikho iSilo sikaZulu esingamukelwa yisizwe singakhonjiwe yiNdlunkulu ka Zulu. Wukugwamandwa kombuso lokho okufana ncamashi nemikhuba kaSomtsewu; uTheophelus Shepstone, iNgisi/Judambumbulu umsebenzi walo okwakuwukubulala nokuxova ubukhosi boselwa kwaZulu. Nalo-ke selibuya kwabafileyo selisiqu sinye noRamaphosa noButhelezi, lizozama ukugwamanda umbuso kaZulu.

Asivumi.

Lawomazwi iSolezwe elithe abeshiwo uMntwana uThembi ukuthi useshaya ungqimphothwe useseka uMisuzulu ngamampunge, nangu uMntwana uThembi ephika. Kumanje thina sizwe sikaZulu sisaqhubeka nokulandela imiyalelelo evela kuNdlunkulu ka Zulu ize imemezele iSilo esisha sikaZulu. 

Kulabo abajabulele ukubizwa koMntwana uMisuzulu ngeSilo samaZulu yiphepha elisayinwe uRamaphosa, sifisa ukubakhumbuza ukuthi kwayena Ramaphosa ndini lowo okuthiwa ukhiphe lesi sinqumo esiyinxemu akekho ezindlini zombuso ngokusemthethweni. Yonke le misangano aseyenzile ezweni selo angema ngodli nangomkhonyovu ezindlini zombuso njengokuphanisa ngezinkampani zikahulumeni (okungezomphakathi) kubelungu abangosomabhizinisi abazimele, isazohlehliswa.

Ulengise umbokokazi nje laphaya ezindlini zombuso yingoba waqola uDkt. Nkosazana Dlamini-Zuma isihlalo sokwengamela izwe ngezimali zamadlagudla nokukhwabanisa amavoti eNasrec, njengoba nomlingani wakhe uButhelezi kuthiwa ubukhosi bakubo babungaqondene naye, kodwa wasizwa wuhulumeni wobandlululo ukugudlula inkosi yangempela yakwaButhelezi uMntwana uMceleli, owagcina edingiselwe le enhla nezwe kwaSibasa.

Kule-info-graphic umholi we-DA uJohn Steenhuisen udalula ukuthi i-SONA 22 ebithulwa UMnu Cyril Ramaphosa ezinsukwini nje ibibhalwe yiqembu lakhe. Lokhu kuchaza ukuthi uhulumeni ophethe kumanje okucatshwangwa ukuthi owe-ANC uholwa yi-DA ngevoti le-ANC. Ngamanye amazwi uMntwana uMisuzulu ubekwe yiqembu le-DA esikhundleni sokubusa isizwe sika Zulu. I-DA ayikufihli ukuthi iyona evikele umhlaba owantshontshwa kwabengabadi abelungu baseNtshonalanga ukuthi ungabuyiselwa kubantu. Lokhu kusho ukuthi uZulu usazoqhubeka nokweswela umhlaba uma ungavuma ukubuswa uMntwana uMisuzulu njengeSilo

Konke nje okunegama la lamadoda amabili, uButhelezi noRamaphosa, kunobugebengu nobuqola phakathi.

Isizwe sikaZulu-ke selo kwathi nhlo, asikaze sasonga izandla kugwamandwa umbuso zicelankobe zamankengane. Uma ungakukholwa lokhu zibuze ukuthi uZibhebhu ka Maphitha waphelelaphi nokuzama ukugwamanda iSihlalo sikaJininindi Omnyama, ngokwelekelela amaNgisi elwa noZulu eSandlwana njengembuka. Waze wendela koyisemkhulu engakaze abe yiSilo sikaZulu. 

Nalabo abahlangana namaNgisi ukuguqisa iLembe bafela ezinkalweni, isiqalekiso salo kuphuma umphefumulo sibembethe lokhu kotwayi emhlane. Nathi-ke sithi izinyembezi zikaMdlokombane azisoze zawela phansi ngakubona layekhona sekwenzeka embusweni wakhe, kufenyiswa izifiso zakhe yilabo abazitshela ukuthi bahlakaniphe ukwedlula bonke abantu emhlabeni.

Nenyoni-ke indiza le phezulu esibhakabhakeni, kwesinye isikhathi ikhohlwe ukuthi amanzi iwaphuza phansi la emhlabathini. Sithi-ke Mageba selizihlonzile iqili ebelizikhotha emhlane sonke lesi sikhathi ngaphakathi kombuso ka Zulu.

I BUILT MY SITE FOR FREE USING