26 May
26May

Yi Zazi Team

INdlunkulu ka Zulu isiphumele obala yachaza ukuthi kungani uMntwana uMisuzulu singamlingani iSihlalo sikaMdlokombane.  Nalu udaba. Ithi uMntwana uMisuzulu uyahlobonga ngoba unomntwana nengane ezalwa umfowabo kayise uMdlokombane. Kunjalo nje akagcinanga lapho, kuthiwa uphinde wakhulelisa enye futhi ingane eSwatini ezalwa wudadewabo nina...

Kulesethulo uMntwana uThokozani Zulu uthi uMntwana uMisuzulu ubengakufihli ukuthi uyamzonda uyise uMdlokombane, ngale ndlela yokuthi kuthiwa wezwakala ngowezi-2016 ethi: "Kanti ufa nini lo ngithathe into yami", esho uyise uMdlokombane. AbaNtwana bathi okwamanje basakha phezulu nje ngamanyundululu kaMntwana uMisuzulu, kuningi kabi okuzigwegwe ngaye abasakugodlile.

Nina beNdlovu enamandla asikucacise lokhu. Akusimangazi neze thina lokhu okuvelayo ngoMntwana uMisuzulu. Lo Mntwana uyilunga le sonto lakwaShembe. Njengoba eke wachaza uMshumayeli uMpanza phambilini ohlubuke kuleli sonto, ukuthi uShembe yisonto labantu abakholewa ezimfundisweni zoMprofethi uMose eBhayibhelini. Noma asithi nje abalandela izincwadi zokuqala ezinhlanu zeBhayibheli; lezi ezibuye zibizwe ngeTorah, hhayi izintshumayelo zikaKhrestu. Ngamanye amazwi abawona amaKhrestu, basenkolweni okuthiwa yiJudaism.

Bazenza amaJudambumbulu lawa aseqhwage izwe lakwa-Israel sikhuluma nje, ebe engenasabelo kulowa mhlaba kwazise ukuthi amaJuda angempela kuyaziwa ukuthi angabantu abamnyama ngebala. Afuduke kuleyandawo ngawo-70 AD. Bona nama-Arabhu lawa abalwa nawo, bobabili babanga umhlaba okungesiwo owabo. IPalestine le yingxenye yomhlaba wama-Juda, okungabantu abamnyama. 

Leli sonto lakwaShembe uKhrestu limthatha njengomunye nje wabaProfethi abajwayelekile, hhayi njengoMsindisi wabantu, yize lisebenzisa igama lobuNazaretha uma lishumayela, sonke esilaziyo ukuthi yigama eliyamaniswa noKhrestu uqobo. Kusho ukuthi lolu wudobo nje lokuhungela abantu abangaliqondisisi iqiniso ngaleli sonto kule nkolo yabo sengathi inobuKhrestu phakathi ibe ingahambisani nhlobo nobuKhrestu.

Imikhuba kaShembe nokuzama ukuqola imibuso yamakhosi iyaziwa. Lokhu elikwenza ngombuso kaZulu kumanje akukusha neze. Yimikhuba le eyenziwa amaJudambumbulu amhlophe lawa asungula inkolo yabo umhlaba jikelele, ubuqola. Ubabona bengagundi ntshebe nazinwele, bazenza la maJudambumbulu amhlophe asho ngobhebhenene bezintshebe.

Imikhuba kaShembe eMsinga

Kuthe kusabusa inkosi uMawele ngale eMabomvini aseMsinga, wafika naye lo Shembe wezimanga ethi ulethe ivangeli. Inkosi uMawele ibivele iwumuntu ongenanxa namakholwa, iwamukela nje ngemfudumalo. Kodwa kuthe uma kufika lo Shembe eMabomvini wafika nokufuna ukusebenzisa inkolo ukulawula isizwe samaBomvu, ecasha ngesiko. 

Nalu udaba ngobugebengu baleliJudambumbulu olibona kulomfanekiso: Udaba luthi: UChief Rabbi Metzger uboshelwe ukweba imali yeminikelo

Ayenjena vele namaJudambumbulu uKhrestu ewathola ebishe odakeni lwezono. Ayemtshela ngoMose namasiko asemandulo ewenza sengathi ayimigomo kaNkulunkulu kanti uzowatshela ekhaleni uKhrestu ukuthi isiko wumkhuba wabantu basezweni ngakho-ke alisuxutshwa nemithetho kaNkulunkulu onguJehova.

Yilemikhuba asayigila namanje uShembe ukuze axhophe inqwaba yesizwe sikaZulu; ecashe ngesiko. Isiko leli yisikhali esikhulu uSathane adla ngaso abantu abaxegelwa wukholo namhlanje ukuze bakhonze izizalelwane zabo ezingasekho emhlabeni okuthiwa amadlozi kuhle kwezithixo ezibaziweyo ezazikhonzwa emandulo.

Uhambe uSathane wabona ukuthi angeke esakwazi ukuxhaphaza isidalwa esingumuntu ngokusikhonzisa izithixo ezibaziweyo emhlabeni ngoba uKhrestu ubesesiphaphamisile, waseqhamuka nesiko njengesu elisha lokwenza umuntu akhonze abangasekho emhlabeni.

UMzazela noShembe nendabuko yakhe 

UShembe ungene ngaleli nxeba wadla inqwaba yabantu kwaZulu, ebe enguMsuthu umlando othi ungowokudabuka eNtabazwe. Udaba lokuthi leli sonto lasungulwa wuMzazela wakwaKhumalo okuthiwa wayengowakwaNongoma aluhlangani kahle uma ulucwaningisisa. 

Okusixakayo kuthiwa uMzazela lo usungule leli sonto eyisangoma ebesihlonishwa kakhulu kwaNongoma, kodwa wagcina exabene neSilo uMpande. Isizathu? Yisona esizokudida. Kuthiwa babanga ukuthi bekuthi uma abantu bezohlola kuMzazela bafike bakhothame esigodlweni sakhe bathi: “makhosi”. Kuthiwa akumphathanga kahle lokhu uMpande, kwavela ukuthi sekunezinsongo zokumsoconga ngoba iSilo angeke sikubekezelele ukuthi kube nomuntukazana ezweni laso osekhothanyelwa njengaso.

Ayihlangani le nkulumo. 

ISilo uMpande sasiwumlungu yini kanti uma singazi ukuthi ulimi olukhulunywa ezigodlweni zezangoma luthi: “makhosi”. Yayikhulelephi kanti inkosi uMpande uma ingazi ukuthi isigodlo sesangoma akusona isigodlo esifana nesomuzi wenkosi, yisigodlo sabangasekho; amadlozi? Ukuthi isingaze isongele uMzazela okuthiwa wagcina efudukele le ngaseFilidi, ebalekela ulaka lweSilo uMpande. 

Yinganekwane le.

Kuzanywa ukufihlwa nje la ukuthi yisonto loMsuthu leli osekubanjwe ngalo isizwe sakwaZulu ngamankwahla. Umlando uthi uShembe wokuqala, lo abathi umqali wendlela, ungowokudabuka eNtabazwe, phecelezi eHarrismith. I-Harrismith yindawo yabeSuthu etholakala esifundazweni sase-Free State, uma uhamba ngomgwaqo uN3 ulibhekise eGoli udlula khona. Sikholelwa ukuthi Shembe ndini lo wawuthunywe futhi waqeqeshwa amaJudambumbulu amhlophe ukuxhopha isizwe sikaMthaniya ngenkolo kusetshenziswa amasiko.

Udaba lukanina kaShembe okuthiwa wadla imbali, leyo mbali yaphenduka uShembe esiswini sakhe nayo ayibambeki. Lana kungathi kwakwenzelwa ukuthi uShembe lo abukeke samuntu owazaleka kuhle kuka-Khrestu, hhayi ngokukhiyana kowesimame nowesilisa. UShembe wakudala kuthiwa wake wamisa ulwandle, pho uhlulwe yini lo wamanje ukumisa izikhukhula lezi ezibhubhise abantu kwaZulu-Natal? Ukwebiwa komlando woMprofethi uMose lokhu kokumisa ulwandle, njengoba nomlando wembali nokuzaleka kukamqali wendlela kupatanisiwe. 

Kuzanywa ngazo zonke izindlela ukwenza sengathi uShembe lo ufana noKhrestu kube kungenjalo.

Ucwaningo lwethu luthola ukuthi zonke izinkinga uZulu abhekene nazo kumanje ziphekwa yileli sonto lakwaShembe. Nizokhumbula ukuthi leli sonto linikele laphaya esigodlweni kwaKhangela, lafika lathi akufakwe uMntwana uMisuzulu esibayeni ngenkani njengeSilo ibe INdlunkulu ingamkhombile. Njengenkosi yakwaButhelezi uMangosuthu; leli sonto lizama ukugwamanda umbuso kaZulu ngenkani. Namanje, lingelinye lamasonto amathathu amakhulu eMzansi esisiwahlonze njengamasonto angene shi ezimpini zikaKhongolose zombangazwe eziqhubekayo kumanje. 

Umangale nje ukuthi abantu abayizabalazelanga ngani inkululeko yabantu abamnyama uma sebe qhamuka emva kwempi sebezosebenzisa amasiko nenkolo ukulawula uZulu. NgokwesiZulu akahlonishwa umuntu ongayilwi impi, uthathwa njengomfanyana wokwelusa, akhishwe ngisho esibayeni uma amadoda edla inhloko ayohlaliswa nabafana bephaphu ngaphandle. Amaphephandaba, imisakazo nomabonakude laba asebefundise amaZulu ukuhlonipha amagwala angayilwelanga inkululeko.

Kuthe uShembe uma ethi ugila leli lumbo eMabomvini, owayenguNdunankulu wenkosi uMawele nesizwe samaBomvu ngaleso sikhathi uSibindi kaNduluzana kaMkhubukeli wamhlaba ngempama, wamxosha eMabomvini ngoba esebonile ukuthi akezile ngenkolo kodwa uzozama ukudla umbuso.

Inkosi uNyoniyezwe Ngubane (kwesokunxele) noNdunankulu wesizwe samaBomvu uSibindi Ngubane (kwesokudla) owayibambela isihlalo uma kukhothama uyise uMawele isencane

Eminyakeni embalwa edlule sike sabizwa yinduna laphaya esigodini sakwaPhakwe, Okhetheni (iPhalamende lakwaPhakwe) kwathiwa umuzi nomuzi awukhiphe u-R50 njengesinxephezelo sikaShembe ngokuhlukumezeka kwakhe kusabusa inkosi uMawele eMabomvini. Kwathiwa zonke izigodi zamaBomvu kumele zikhokhe le mali ngoba amaBomvu anezimpi ezingapheli nje wulaka lukaShembe ngoba akaxolile la elele khona ngokwenzeka kuye kusabusa inkosi uMawele.

Akabuzi kwabazi udaba uShembe ukuthi wayeze ashaywe ngempama nje umqali wendlela eMabomvini, wayenzeni?

Asikhumbuli kunomuzi owake wakhokha leyo nhlawulo eMabomvini ngoba abantu bakithi abasawakeki kalula. Ucwaningo uShembe angalwenzanga ngaphambi kokuthi athathe amashansi ukuthi atholisise ukuthi izimpi zivamise ukuqubuka kuziphi izizwe eMsinga kulesi sikhathi esiphila kuso, wayezothola ukuthi ubuvuvu etshwaleni ukuthi kusenezimpi ezikhona eMabomvini.

Manje wonke umuntu wamangala nje ukuthi lowo R50 owokubhula ziphi zona izimpi ngoba azisekho. Kukhona nje ayemhlebele ukuthi kunokungahoshelani okwakukhona phakathi kwesigodi saseNgubevu noPhakwe ngaleso sikhathi, wayesecabanga ukuthi kuzoqubuka impi kanti akunjalo. Wabona ithuba-ke uShembe lokwenza imali. Esinye isizukulwane lesi esesingamadoda kumanje eMsinga, esesikubuka ngelinye iso ukuqubuka kwezimpi ngokungenasidingo.

Namanje laphaya kwaPhakwe kunomuzi wakwaKhanyile esikhule waziwa njengomuzi waseMadukwini. Lo Khanyile (ongasekho emhlabeni) ubewuShembe owaziwayo eMabomvini, enesiko nje lakhe yedwa ebelingenziwa abesibongo sakwaKhanyile, njengokusika umunwe kankomba ezinganeni zakhe kuhle kwendiki le enqunywa abakwaNgubane kucikicane.

Eminyakeni eminingi eyadlula kusabambe inkosi uMuntu sikhule sitshelwa ukuthi lo Khanyile ndini wakwaShembe wake wabiza umhlangano wesizwe wazama ukuzibeka inkosi eMabomvini. Kuthiwa lo mhlangano wawubiza ngenye nje indlela, enza sengathi umema abantu komkhulu umgidi wesintu lo emzini wakhe kanti uzosukeleka nje asukume athi umgidi empeleni ungowokubeka yena esihlaweni njengenkosi yaseMabomvini. Wathi lokhu kuyisipholofitho esivela ku 'mdali' wakhe uShembe.

Ababekulowo mgidi kuthiwa bavele bamhleka usulu, bawushiya kanjalo abantu umgidi bebabaza ukuthi kanti uKhanyile usegula ngekhanda ngempela. Kusukela lapho akekho umuntu owaphinde wathatha uKhanyile njengomuntu ophusile ekhanda kwaPhakwe.

Uthe esezofa lo Khanyile wenza isimanga eMabomvini. Kunendawo laphaya eSiphindeleni, emngceleni walesi sihosha nesihosha saseMpenjane eyaziwa njengesishozi sezulu. Kuthe ngomunye unyaka izulu liqeda ukwelelesa ngendlela engajwayelekile kuleyandawo, lisakaze inqwaba yemithi yakhona lashiya kumnyama phansi yinsizi, wavele wasukeleka uKhanyile wezimanga wayokwakha khona umuzi wakhe omusha. Khona esishozini sezulu!

Ngale eMabomvini sikhule lo baba simbiza ngoyise kaMaqongqo, obekuyindodana yakhe endala. Namanje akwaziwa ukuthi uMaqongqo washonaphi ngoba kuthiwa waphunyula esekhungelwe ensikeni njengembuzi, kuthiwa uzokwenziwa umhlatshelo. Umkakhe washona wammbela ithuna endlini kalawondi, kwehlula noma umphakathi usukhuza ibhadi ukuthi yake yenziwaphi le yonto, wathi uKhanyile owakhe unkosikazi uzongcatshwa endlini alala kuyo.

Ngakho-ke le mikhuba ebatshazwa kangaka ngoMntwana uMisuzulu ayisimangazi nakanci kwazise naye uyilunga lakwaShembe. Imikhuba yabantu bakwaShembe inyantiza igazi. Nayo-ke inkosi uMangosuthu Buthelezi lo amthwele ngeqoma sikhule sazi ukuthi uyilunga laleli sonto lezimanga, kwazise namanje usayigqoka ibherethi enekhanda likaShembe esiphongweni.


I BUILT MY SITE FOR FREE USING