17 Nov
17Nov

UMnu Boysie Gumede ubhale kanje ekhasini likaFacebook; uMzinyathi District Politics: 

Boysey Gumede  @everyone kungani makunconywa uMsinga Local Municipality kube nabawgxibha ngokwentuleka kwamanzi? Since when ukwehluleka ukuhlinzeka abantu ngamanzi kuyinto ethweswa a Local Municipality? 

Eyethu impendulo: 

YIQINISO KUPHELA ELIYOSIKHULULA WEMNGUNI 

Uyiqoba uyayidida Mnguni. UMeya uFelinkosi Sikhakhane akahambe ayofuna isabelomali saseMsinga kuleyobhajethi uMeya we-District uPetros Ngubane ayinikwe wuNdunankulu weSifundazwe uNomusa Dube-Ncube engango R7.5 million yokwakha imigonqozo. UMsinga uyingxenye yoMzinyathi District. Uma kungekuthi uSikhakhane uhlangene vele naye uNgubane ukuncisha abantu baseMsinga amanzi...

Abantu basemakhaya bancishwa amanzi nje ukuze babulawe kanje ngendlala...yimpi le kodwa abantu abakayiboni ngoba ayiphethe sikhali esandleni, ilwa buthule

Uyabona nje lo okhuluma ngomshado kulaboMasipala bobane; wuMvoti, uMsinga, yiNquthu yiNdumeni neDistrict Municipality emibonweni yalephosti yakho ukhuluma iqiniso. Angeke uganile emzini indoda yakho ithakathe wena njengomkayo uqhamuke sewuthi awukaze uyibone igibele imfene. Imfene yendoda iphakelwa wumfazi wayo, ngale kwalokho uma umfazi engahambisani nemikhuba yendoda, uyaphuma aye emndenini noma emphakathini athi awukhuze indoda yakhe iyeke ukuthakatha. 

Asikaze simuzwe uSikhakhane egxeka uNgubane ngemikhuba yakhe. Lokho kuchaza ukuthi zimbila zantabanye lezi. Ukuze le ehola uMsinga ithandwe abantu noma iqembu layo libheda, wena wakha isithombe esiwukuthi isandla sokunxele eNkatheni asazi ukuthi esokudla senzani. 

Uma kushaywa izingane ekhaya, imvamisa wunkosikazi osuke ethume indoda ukuthi ayizishaye. Kubuye yena futhi unkosikazi uma sezishayiwe izingane azishushuzele. Yilomdlalo-ke Mnguni owudlalayo la. Ukube ungungqingili bengizothi niyajola noSikhakhane.  

Usawukhumbula umbango kaMnu Jacob Zuma noMnu Thabo Mbeki? Esagcina siwubambile ukuthi awukaze ube khona, kwakudlalwa isikeshi nje. 

La madoda omabili; uSikhakhane noNgubane abika oLundi, nemikhuba yawo futhi ayifundiswa khona oLundi. Ngolimi lwasemndenini angawesende linye. Uma kuthakathwa kini ungawutsheli umphakathi ukuthi kuyathakathwa, nawe usha nomuzi ngoba umphakathi ukusonga ngubonye nabathakathi bakini. 

USikhakhane yena yiMeya ezikhandlayo kodwa lokho akusoze kwabonakala ngenxa yenkonzo akhonza kuyo. Noma ungaze unikele kanjani emphakathini, uma ungena esontweni lakwaSathane kuvele kuthiwe kukhona-ke asekucela. USathane ufana nesishimane, esithengela umuntu wesifazane ubhiye esipotini ngenhloso yokumphenya ipitikoti. 

Imvamisa kwapolitiki ungabona iMeya ingasahlukani nehalavu iphendula amasoyi mihla le, isuke isicela ivoti. Iyakubuka nje unethwa zimvula iminyaka emine yonke, kuthi kulo wevoti ikukhumbule. Angithi nakhu uyavela la ko-Facebook uSikhakhane uhlabana namasoyi uvusa imizi ebhidlikayo. Akathi lokho wumsebenzi kahulumeni noma kaMasipala omkhulu. Manje-ke zimiphi pho ngamanzi? Ngiwuyena mina bengizothi ngivusa imizi ngapha ngibe ngimba nemigonqozo ngapha ngoba umuntu angeke aphuza uphahla lomuzi. Kokubili lokhu, uphahla ekhanda namanzi yinto eyodwa nje. 

Uyabona nje laphaya eDrayini nakwaMshayazafe eBaThenjini size sahamba oThukela umphakathi wakhona ukhala ngamanzi. Abebefika laphaya eFerry ngamaveni bezokukha amanzi kwaNquhe, isalukazi esike saqasha kuso, bebesitshela ekhaleni thina ukuthi sebegeza kabili ngeviki. INkatha inesibindi lesi somkhoma.  Bekhala ngamanzi abantu kusahamba ama-waterkan eMzinyathi zonke izinsuku, abeshayelwa odrayiva beNkatha obekuthiwa bayawadayisa. 

Sengisonga nje Mnguni: iNkatha iyoze ilikhulume iqiniso ukuthi ayinalo igunya kubanikazi bayo okungabelungu ukwenyula abantu abamnyama osizini lwamanzi. Isono sabantu baseMsinga wukuthi banomhlaba abangasuke bawulime uma behlinzekwa ngamanzi, zibole-ke manje izivuno zamaBhunu emapulazini lezi abadayiselwa zona emasuphamakethe. 

Mhla uSikhakhane wadalula leli qiniso kubantu baseMsinga uyobe uzikhululile ejele lamanga. Uma unonembeza ayikho into ebuhlungu njengokuziphilisa ngenkohliso. Uguga umncane. Engakakudaluli nje lokho esidlangalaleni uMboma sithi thina asikho isizathu sokuthi athenjwe wumphakathi waseMsinga. Yiqiniso kuphela eliyokhulula iNkatha kulonoxhaka wokuziphilisa ngokukhohlisa abantu. Inkinga amanga anezinyawo ezimfishane. 

Nalaba ekade bethi baphethe izwe sonke lesi sikhathi, iminyaka engama-29 yonke, ligcine liphumile iqhina embizeni, kwahlala obala ukuthi zinqudulu, bayalawulwa. Njengoba namaBhunu kwagcina kuvelile ukuthi abesetshenziswa ukugcindezela thina njengabantu abamnyama amaJudambumbulu, lawa asalwa impi yasemandulo phakathi kwamawele u-Esau nokhokho wethu uJakobe eBhayibhelini. 

Sekuyisikhathi sokuthi impaka nempaka ikhombe umniniyo manje, kwazise ukuhamba kwesikhathi sekuzinqamule zonke izithupha obekucashwe ngazo. Neboni kwagcina kutholakele ukuthi lilokhu lihamba litetile nje emhlane, akungane yalo le eliyitetile kodwa yindoda. 

Le nto ifana ncimishi nenkinga yokumbondela abantu kwimifelandawonye (cooperatives), uthi abalime ndawonye. Ayisebenzi le nto ngoba ihamba ihambe ixabanise abantu. Mihla le imifelandawonye ivuka namhlanje ibhidlike ngomuso, kodwa uhulumeni akafuni ukufunda kulokho ngoba inhloso yakhe akukona ukuxazulula izinkinga zomhlaba, kodwa wukwenza sengathi uyaxazulula kanti ubhebhethekisa ububha phambili. 

Kungethi kunzima ukubambisana ebhizinisini nibabili vo, ngaphi-ke uma sekuthiwa yiza nabantu abahlanu noma ngaphezulu ukuze nixhaswe wuhulumeni. Amabhunu asingethe amapulazi ngawodwana, kodwa kuthiwa abantu abamnyama abambondelane entweni eyodwa babe yimifelandawonye ukuze into yabo iwiswe yimibango. Uzogcina ususebenza namavila ngoba nakhu ehehwa yimali kahulumeni, uzithole usulidonsa wedwa igeja ngoba vele la babantu osusebenza nabo kabanwo lo mbono ofana nowakho. Bazele imali qha.  Inhloso la ukuthi abantu abamnyama bakhohlwe wukuthatha umhlaba wabo ebelungwini ngokubanjiswa utalagu.

Lesi sizukulwane esizale thina lapho eMsinga Mnguni besihlakaniphe ukwedlula izifundiswa lezi eziphuphuthekayo namhlanje. EMsinga uma usikelwa isiza ubunikwa indawo engange-plot, indawo endlaleke ngokwenele ukuthi ungalima ukudla ozoziphilisa ngakho unyaka nonyaka, (2 - 4 hectares of land). Ubuholi bezinduna namakhosi lobu esikhuluma ngabo la, hhayi izimeya namakhansela. 

Esinye sezitshalo ezivumayo eMsinga; amabele. Akuwona nje awokuphisa utshwala kuphela, ayaphekwa futhi nobhontshisi onjengochokwane udle usuthe

Buka namhlanje uMsinga usunjani selo kungene isizukulwane sezifundiswa ngobuholi; oMboma. Akusekho ngisho indawo engamadlelo emfuyo. Amantombazane abengafiki eminyakeni engama-21 engaqomile, futhi engeqi eminyakeni engama-25 engaganile. Namhlanje ngenxa yemfundo awasagani. Asezalela emakhaya. Kugcine sekuyisinyokotho-ke manje endaweni kuhle kwesikomplazi. 

Yayingekho yonke le nto esizukulwaneni esizala thina. Imizi ibibekwa ngokugqagqana, mhlawumbe ishiyane ngawo 500 yamamitha kuya ekhilomitheni. Lokhu bekunika imfuyo indawo engamadlelo. Kuhlelekile, impilo ihlelwe abanumzane abangayanga esikolweni ukuyobulawa ingqondo abelungu. 

Yiyona nto kuphela le encomekayo ohulumeni bezabelo abebeyenza , kodwa hhayi nabo ngoba inhloso kwakuwukusiza abantu abamnyama, babegwema ingcindezi yokwesweleka komhlaba okwakungenza nabantu basemakhaya bajoyine umzabalazo wenkululeko. Imigwaqo le ibingagandiwe ngetiyela, kodwa imihle, kuhambeka kuyo nangemoto encane ngoba ibigelejwa mihla le ogandaganda bakwa-ZG. 

Ukuzimela kwabantu besifazane kuhle impela uma ukubukela kude noma uzwa kuxoxwa ngakho emisakazweni nakothelevishini, kodwa uma usukubeka etafuleni ukucubungulisisa kahle kulibulele izwe. 

Umuntu wesifazane eke wazimela nje ngokomnotho imvamisa akabe esayidinga indoda empilweni yakhe. Umuntu wesifazane uchiza isidalo nje. Yiko uhulumeni wamaBhunu ububaholela kancane nasemafemini ukuze bagane. Namanje iningi labantu besifazane abazimele ngakwezomnotho abaganile, badlala o-Ben Ten la ngaphandle. Bashaya ngenqwaba yama-choice assorted, phecelezi izingane lezi ezinoyise abehlukene. Wumkhuba wabelungu lo ukubhidliza umshado nekusasa labantu besifazane abamnyama ngokubagqisha izimali esikhwameni ukwedlula amadoda. 

Imvamisa yibo laba othola sebedale isinyokotho semizi endaweni. Nalomshana asemzalele ekhaya uzokwandisa izibalo njalo endaweni, uzokhula afune indawo yokwakha. Ngisho emizini yobaba namhlanje sihlushwa abashana, abazalwa yiwo la mantombazane angaganile, nawo futhi la mantombazana ayahlupha ngokusetshenziswa yibo oCyril Ramaphosa laba nabelungu baseNtshona ezinhlosweni zabo zokungcola kwepolitiki eshibhile. 

Kuyacaca ukuthi abesifazane banikwa amathuba angaka nje emisebenzi amadoda edilizwa zonke izinsuku kungani. Inhloso ukuphendula umfazi abe yindoda ngemali, amadoda aphendulwe abafazi ngokungasebenzi. Bayazi ukuthi ayikho indoda engaphekela umfazi, noma sekuthiwa unemali engakanani. Inhloso la ukuxabanisa indoda nomfazi. Angithi bafuna ulwe nalo muntu wesifazane osekushingela ngoba unemali bese bekugquma ejele. Vele amajele lawa bawakhela ukuvalela indoda emnyama. Ngakho-ke kumele bakhande amasu okuthi kuboshwe le ndoda emnyama ngoba iyona kuphela engaba yivukelambuso kule ngcindezelo. Lelo su yi-Gender Based Violonce.

Kusetshenziswa abantu besifazane namhlanje ukukuchukuluza njengendoda emnyama ukuze uma usulwa kuboshwe wena. Nasemisakazweni alukhulunywa udaba lokuthi isukephi ingxabano uma uhlasele umuntu wesifazane njengendoda, kuvele kuthiwe ubuvukwe wubunja bamadoda, kanti kudlalwa ipolitiki

Abadala babehlakaniphile uma bethi ungaganwa wusinyanaye wasendaweni uyinsizwa yakwenu uphila kahle la ekhanda ngoba induku enhle igawulwa ezizweni. Babenzela ukuthi kuphunguke abantu endaweni ngokuganiselana. Nonke niyazi ukuthi abantu besifazane yibona abaningi ezweni, uma bengasagani ngoba nakhu sebezimele ngokomnotho, kuvuka zona lezi zikomplazi eziqhibuka njengamakhowe ezindaweni zamakhosi. Ubulima lobu bobufundiswa obuhlakanakezelwe nepolitiki yaseNtshona ongasoze wezwa umsakazo noma ithelevishini ikhuluma ngabo. 

UNkulunkulu uthi eBhayibhelini akusebenze indoda emndenini, umkayo akhulise izingane. Yafika iSatanism yomlungu waseNtshona uma kungena uhulumeni wentando yeningi yakuhlanekezela lokhu ngamabomu, yathi akuhlale indoda ekhaya ikhulise abantwana kusebenze unkosikazi. 

Umuntu wesifazane ungamondla iminyaka engama-20 yonke engasebenzi, kodwa kuke kwahlala wena ekhaya njengendoda waqhwaya ilahle kwasebenza yena, angeke kuphele ngisho amasonto amabili engakukhulumelanga ukudla. Akazenzi. Vele uNkulunkulu akammiselanga umuntu wesifazane ukuthi asebenzele indoda emva kwesijeziso sika-Adamu no-Eva. 

Wathi yindoda okumele yondle umfazi nezingane kodwa lesi silima esinguSathane (umlungu waseNtshona) sahlanekezela izimiso zikaNkulunkulu uma kungena intando yeningi ukuze indoda emnyama nomfazi omnyama bahlale ngokuklwebhana ngaso sonke isikhathi.

I BUILT MY SITE FOR FREE USING