27 Oct
27Oct

[Side Note: Le ncwadi ikhishelwe abezindaba ngomhlaka-20 October 2021 – kodwa kuze kube yinamhlanje, emuva kwesonto lonke ikhishelwe esidlangalaleni, isize ishicilelwa okokuqala ngqa eMzansi yi-Amandla website...Abezindaba ezejwayelekile (mainstream media), kubandakanya no-SABC, basahlezi phezu kwayo namanje...kuyacaca ukuthi kuvikelwa bani...

AbaNtwana baseNdlunkulu uPrincess Nombuso Zulu ebonisana noPrince Thokozani Zulu ongumfowabo weSilo esebuzile uZwelithini

La mazwi angezansi esiwacaphuna kulomyalezo ovela kuMntwana waseNdlunkulu uThokozani Zulu obheke kuShenge, ngokubona kwethu, ucacisa ngokusobala ukuthi kade iNdlunkulu kaZulu yasifaka isehlukaniso phakathi kwayo noMntwana wakwaPhindangene uMangosuthu Buthelezi kodwa ngenxa yokumhlonipha, iNdlunkulu ikholwa ukuthi uzoyifunda ivaliwe kunokuthi alinde ukuthi ize ilimise ngesihloko elokumehlisa esikhundleni. 

Quote: “...Lesi senzo, nezinye ngokomlando, zikuveza obala ukuthi uMntwana uchemile, nokuthi selokhu kwathi nhlo, uMntwana usebenzisa iSihlalo soBukhosi neNdlunkulu ukufeza izinjongo zakhe nezeqembu lakhe. Ngisho nesithutha siyabona manje, Mageba. Cishe kuyacaca manje ukuthi uMntwana kuyambinda ukusingatha futhi eshebe kahle isigaba sakhe sokuba nguNdunankulu nezinjongo zeqembu lakhe. 

"Sengiphetha kulolu daba lwephutha; engingakusho wukuthi, "amaphutha" kaMntwana asemaningi kakhulu, abucayi futhi abeka ubuKhosi bukaZulu engcupheni.

"Mageba kasikwazi ukuthula sibona ukuqothwa koMbuso kaZulu neSizwe sikaZulu kuqhubeka ngaphansi kwesandla soweNkosi. Isigaba sobuNdunankulu sisho ubuqotho nobulungiswa esigabeni sokuvikela uMbuso nesithunzi sikaZulu. UbuNdunankulu busho ukusebenzela nokuthatha imiyalelo eNdlunkulu. UNdunankulu akangeni agamanxe ezindabeni zegula.

"UNdunankulu usebenza ngokumenywa, akazifaki ngamandla futhi usebenza ngokuthula neNdlunkulu. UNdunankulu unamalungelo afingqiwe eNdlunkulu. Kepha sibona uMntwana edlubulundela, engenamkhawulo, enza ama "phutha" angenamkhawulo...” Unquote.   

Ngu Mntwana uThokozani Zulu 

Ukwebuza kweNgonyama kulethe ingcindezi esihlalweni soBukhosi bukaZulu, kwiNdlunkulu kaZulu, ikakhulukazi kuBantwana abathile ziqu zabo. Ukuphumula nokuthula (peace) asisakwazi ngenxa yokuxhomondela nobuxamba bukaMntwana.

Ukuguqa kweMbube kuvulele ukugeleza kwezinyembezi, ukuhlaselwa nokudicilelwa phansi kwesithunzi seNdlunkulu kaZulu yonkana. Isithunzi kanye nezindaba zeNdlunkulu kaZulu zigcine seziwubunaphanapha zinekelwa umhlaba. Amagama eZilo kanye naBantwana baseNdlunkulu asephenduke uteku lokuqeda isizungu ezithangamini ezehlukene zabezindaba.

Kungumbono wami ojulile ukuthi umdonsiswano nokukhombana ngeminwe lapha eNdlunkulu kunabanikazi bakho, abakuphehlayo ngokohlelo lwabo. Lokhu kungqubuzana okukhona emizini yaMakhosi, naphakathi kwaBantwana, kudalwe wukuxhomondela nobuxamba uMntwana asingathe ngabo udaba lozothatha isihlangu seNgonyama ngemuva kokukhothama koNgangezwe Lakhe. Kusukela ikhotheme iNgonyama uMntwana kapholisanga maseko, ugxume wahlala, waqala wenza amaphutha, elinye ngemumva kwelinye kuze kube yimanje. 

Ngisho namanje uMntwana kamile, usaqhubeka, wenza la maphutha. Kangazi noma lokhu uMntwana ukwenza ngenxa yobudedengu noma kulitulo nenhloso yakho Ndaba, nguMntwana noNkulunkulu wakhe amkhonzayo abaziyo. UMntwana nonembeza wakhe uyazi ukuthi nguye odala izinxushunxushu nokuphambana kwemimoya lapha eNdlunkulu. AMakhosi angasekho kanye nezinyaya zikaZulu ziyabuka.

Mageba, uMdali umuphile uMntwana impilo ende emhlabeni. NoMntwana uze asho athi uselixhegu futhi usephila ngomusa kaNkulunkulu, Thina njengezingane zakhe silindele ukuthi okuphuma phakathi kwezindebe zomlomo kaMntwana njalo kube amagama akhayo, afundisa ukuzithoba, aveza ubuhlakani thina njengoZulu esaziwa ngabo umhlaba wonke. 

KuMntwana silindele ubuholi obuzosikhumbuza njalo ubuhlakani nenhlonipho yamaqhawe kaZulu. 

Kuyadabukisa-ke nokho ukuthi yize uMtwana esephile isikhathi eside kangaka emhlabeni, asikwazi ukukusho kugcwale umlomo ukuthi uMntwana usikhumbuza ubuhlakani bamaqhawe kaZulu.

Kuzo zonke izigameko zakamumva eziletha usizi, ukungenami kanye nengcindezelo eNdlunkulu naseMbusweni kaZulu, igama likaMntwana kalisali. Kuyangikhathaza ukuthi kungani uMntwana engakwazi ukuphila impilo yakhe nje ngaphandle kokugxambukela ezindabeni zaseNdlunkulu? Kusukela nini ukuthi uNdunankulu aziphe amandla angaka phezu kobuKhosi bukaZulu?

Kuze kwaphoqa ukuthi aBantwana baze baphumele esidlangalaleni bebalisa ngokukhulu ukuzithoba ukuthi uMtwana kafuni ukwamukela uholo lwaBantwana neNdlunkulu. Mageba, uMntwana kakwamukele ukuthi aBantwana bakhulile manje futhi banelungelo lokusingatha izindaba zakwabo ngokwezigaba zabo. Bayakwazi ukuzehlukanisela okuhle nokubi bathathe izinqumo ngokwabo ngaphandle kokufunzwa imibono nokuphoqwa nxa bala ukufunzwa. 

UMntwana kanalo ilungelo lokubamba iNdlunkulu isamuku, uMntwana usekhulile ngokweminyaka ngakho kumqoka ukuba asebenzise isikhathi sakhe ukumela iqiniso, azinuke amakhwapha alungise lokho naye aziyo ukuthi kakwenzanga kahle. Njengobaba kimi, kuyongephula umoya nxa umlando ubala uMntwana njengomunye walabo ababa yingxenye yombhidlango weminyaka owaqalwa ngaMangisi wakuqotha iSizwe sikaZulu, ukuqeda ngoBukhosi bukaZulu, isithunzi sabo kanye nokuhlonipheka kweSihlalo soBukhosi. UMntwana wazi kahle ukuthi ngikhuluma ngani. 

Izinxushunxushu ezikhona eNdlunkutu namuhla zihlonza ngokusobala ukuthi uMntwana wehlulekile ukuveza ubuhlakani nobuholi obuqotho esigabeni sakhe njengoNdunankulu, eNdlunkulu naseMbusweni kaZulu. Ndabezitha, uMntwana kumele azibuze, futhi aphendule umbuzo othi, "Kungani njalo lapho kunovo uMntwana angavumelani nalo aphakamise umoya. achaphe inhlamba, aphake impi, adlove ngenhloso yokwesabisa noma aphakamise isandla siqu sakhe?"

UMntwana nezwe lonke liyazi ukuthi uMntwana wangisasazela  ngamaphoyisa nxa ngiveza uvo lwami eSigodlweni KwaKhangelamankengane mhla ziyisi-7 kuNhlaba (May), kophezulu. Kuze kube manje uMntwana kamile ekuthunazeni isithunzi saBantwana ngokuzaleka kwabo. 

Umhlaba kawukasikhohlwa isithangami sabezindaba somhla zili-11 kuNhlaba lapho uMntwana achapha khona inhlamba ngolimi lwesiNgisi, ethi, 'I'm not an ass'. Mhla zili-15 kuMfumfu kophezulu, uMntwana udlove futhi wesabisa aBantwana uNozwe ozalwa nguMntwana uThulubheke kwabakwaMqwalajuba, wenza okufanayo futhi kuMntwana uMandlakapheli kaMkhulumeleni kaManqokisana kaBhelenda kaMthonga, eNgudwini.

Ngithi ngokudlova nokwesabisa ngoba wonke umuntu unelungelo lokubeka uvo lwakhe ngokomthethosisekelo wezwe. Naye uMntwana kasatshiswa muntu ngokuveza ilaka lakhe ngakholelwa kukho ngodaba lweSihlalo nobukhosana beNdlunkulu kaZulu. UMntwana nomhlaba usakhumbula ukuthi kabanga namahloni wangena wahlasela uMntwana uSifiso kubuka umhlaba wonke ohlelweni lukamabonakude olwalusakazwa bukhoma. Mfundisoni le uMntwana asipha yona thina njengeSizwe sikaZulu nanjengezingane zakhe?

Mageba, zonke lezi zigameko nezinye, zithela yena uMntwana, umndeni wakhe, iNdlunkulu kanye neSizwe sonke sikaZulu ngechilo, futhi zithunaza isithunzi seNdlunkulu. 

Ngomhla zili-15 kuMfumfu kophezulu, uMntwana uqhubekile nombhidlango wakhe wokuthunaza isithunzi seNdlunkulu naMakhosi oHlanga. UMntwana ubize abezindaba ezobatshela ukuthi uMntwana uMbonisi  "uzalwa ngaphandle". Lokhu ekwenza ngemumva kokukhuluma okufanayo emhlanganweni waMakhosi. 

Lokhu kuwukuphehla uqhekeko phakathi kokhalo IweSilo sakwaKhethomthandayo; uBhusa obukhali. Iqiniso lithi Mageba uMntwana kahlanganise lutho nalokhu agabaza ngakho. IsiZulu sithi, "Indlu yegagu iyanetha". 

Ndabezitha, iqiniso lihle Mageba. Inkulumo kaMntwana ingukuchapha ngenhlamba iSilo sakwaKhethomthandayo kanye noMntwana uMbonisi, lokhu uMntwana ekucashise ngokuthi uzocacisa ngokwenziwe iqembu lakhe lepolitiki elisebenzise isithombe sikaMntwana uMisuzulu kumbhidlango walo wokhetho lwezepoliti. Kulesithangami, uMntwana uphinde waqinisekisa ukuthi kahambi engafelanga ngamathe isithunzi futhi wadicilela phansi isithunzi seSilo sakwaKhethomthandayo kanye neseNdlunkulu.

UMntwana utshele isithangami nomhlaba wonke ukuthi iSilo saKwaKhetha saba ne "F-L-I-N-G" nomfazi owoyehlukanisile, kwazalwa uMntwana uMbonisi. Kungenzeka yini ukuthi ukuphihliza izindaba zegula esidlangalaleni kuyinhloso yokuheha ukulandelwa ngabezindaba? Mageba, ukukhuluma ngalolu hlobo esidlangalaleni ngeSilo uBhusha, iSilo esiqeda kuguqa, uMntwana ongizalayo, (abangasekho)! UMntwana uThembi, uMntwana uMbonisi kanye nami, yini inhloso ngqangi kaMntwana?

UMntwana usuke ehlasela bani? Ngesikabani isithunzi uMntwana asifela ngamathe futhi asithunazayo? Ngabe ukuthunaza isithunzi saMakhosi naBantwana baseNdlunkulu yiwo umsebenzi kaMntwana wobuNdunankulu bukaZulu? UMntwana ahlala ezishaya isifuba ngawo, egabaza esidlangalaleni? Ngabe ukwenza okunjena kuyilo uphawu lokwethembeka kweminyaka eZilweni, kwiNdlunkulu naseSizweni sikaZulu lokhu uMntwana ahlala ethi wakulokothelwa ngaMakhosi?

UMntwana usithathaphi isibindi sokukhuluma kabi kangaka ngeZilo kanye naBantwana bengasekho? Kungenzeka ukuthi yingoba bengaseyukwazi ukuziphendulela? Noma uMntwana usezinike amandla afanayo nakaMvelingqangi, kasaphenduli kumuntu kepha kuye siqu sakhe kuphela?

Kukho konke lokhu, icala leNdlunkulu naBantwana kuMntwana ukumelana nokuxhomondela kwakhe nokungavumelani nendlela uMntwana' "abeke" ngayo uMntwana uMisuzulu, kanye nokuqhubeka nokubiza uMntwana uMisuzulu ngeSilo sikaZulu, kube kwaziwa ukuthi lolu daba lusaxazululwa nguHulumeni. Ngokweqiniso, uMntwana uxova izwe ngabomu. 

Noma uMntwana engakusho izikhawu eziyinkulungwane, kakujiki ukuthi uMntwana uMbonisi ungumna weMbube isibili. Ungowesende likaBhusha kaMqwalajuba. UngowakwaZulu. Emithanjeni yakhe uMntwana uMbonisi kugijima igazi laMakhosi oHlanga. Akazalwa kwaButhelezi futhi angikaze ngimbone noma ngimuzwe exhomondela ezindabeni zikaMntwana nezakwaButhelezi.

Ebesikulindele kuMntwana ngubuholi obuqotho. Besilindele ukuthi uMntwana abe nguBaba kithi hhayi ukuba ngusopolitiki nosomothuba. Besingalindele ukuhlaselwa nokucokofulwa nguye ngokuthi sizaleka kanjani. Siyazazi sizalwa ngobani futhi obaba bethu abazange basiphike okanye basilahle, njengoba kwenza abanye abahlonishwayo.

Simbonile UMntwana esisongela kwezinye zezithangami zakhe esho nokusho ukuthi yena kazalangwa izolo. Mageba, amagama anjalo siwalindele kophumasilwe basemajoyintini, hhayi kumuntu omdala futhi ongumholi njengoMntwana. 

Ndabezitha, akusibo bonke aBantwana baseNdlunkulu nabantu beSilo abakholwa yiwo wonke amampunge kaMntwana nabayizithutha. Silalela uhlamvu nohlamvu olikhishwa nguMntwana ngomlomo ngoba ulimi loweNkosi kaluqondile nakancane. Kuzo zonke lezi zithangami zobezindaba ezibizwa nguMntwana, uMntwana kakaze abatshele ukuthi iyini ingqikithi ayibanga nabaNtwana laba asebethe ngokuthi ama - "Royal Rebels",  waphinda uMntwana wababiza ngamaMbuka ngoba nakhu bengahambisani nenqubo nendlela ephambene uMntwana asingathe ngayo udaba lokuhlonzwa kwaloyo ozothatha isihlangu seNgonyama.

Noma kunjalo, uMntwana kalenzi iphutha lokuthi aqede isithangami nabezindaba engazange ahlambalaze iNdlunkulu noma aMakhosi oHlanga noma abaNtwana. 

Mageba, iqiniso lithi uMntwana wehlulekile ukuveza ubuholi nokuba qotho uma kusingethwe udaba lokuhlonzwa kweNkosana kaZulu. Kepha sithola uMntwana esola wonke umuntu kusukela eNdlovukazini yaKwaKhethomthandayo, uMtwana uThembi, uMntwana uMbonisi, uMtwana uNombuso, uMntwana uNtombizosuthu, uMntwana uNtandoyenkosi, uMntwana uNozwe, uMntwana uMandla, ngisho nami uqobo kangisali ngaphandle. UMntwana usola aze asole ngisho noMnu uMzala Nxumalo owedlula emhlabeni ngowe-1991 noKhongolose, esingazi ukuthi yiwo yini owathi uMntwana kaxove kusukela kwebuze iNgonyama zili-12 kuNdasa (March.)

Ndabezitha, kuye kuthi nxa ngizihlalele, ngikhungethwe yilolu daba uMntwana aselwenze undabamlonyeni kwabezindaba nasezweni lonke, ngizibuze ukuthi engabe kuye kwenzeke yini ukuthi uMntwana azibuze ukuthi: "Njengomuntu wasemhlabeni kungabe kukhona yini lapho ngingahambisanga kahle khona no?" 

Kunalokho uhla lwalabo abosolwa nguMntwana luyanda usuku nosuku. Kungenzeka ukuthi uMntwana yena uzibona engenaphutha nelincane kukho konke asekwenzekile? 

Njalo sibona uMntwana ehilizisana nabantu abadala nabancane, ezama ukuzichaza, ezama ukuzitakula, ekhomba abanye ngeminwe, ezishaya isifuba, eqhakambisa lokho akubiza ngemisebenzi yakhe emihle. Kepha-ke ngokweqiniso, kakukho okulungile, nokuthula kakukho lapha ekhaya ngenxa yemisebezi kaMntwana.

Kwingxoxo kaMntwana nabezindaba yomhla zili-15 kuMfumfu, kophezulu, uMntwana. usethulele ulwazi olusha (lexicon) lapho uMntwana ekhuluma ngezitha zakhe. Mageba kuliphutha elikhulu nxa uMntwana ekhuluma ngalendlela. Thina njengabaNtwana abazalwa lapha ekhaya kasiziboni siyizitha zikaMntwana, noma yena eyisitha kithi. Umbuzo-ngqangi kulolu daba ngothi kusukela nini lapho ukungaboni ngasolinye ngokusingathwa kodaba oluthile kuphendula labo abaphikisanayo babe yizitha? Mageba, kungabe ukuveza ilaka lethu ngalokho esikubona njengokuphambuka kukaMntwana kusiphendula izitha kuMntwana?

Mageba, ingxoxo yamhla zili-15 kuMfumfu nabezindaba ikucacise njengekati elimhlophe ehlungwini ukuthi uMntwana kuyambinda ukusingatha ngendlela efanele lolu daba ngenxa yokuthi uMntwana ungxenyembili (conflicted). UMntwana udatshulwa yizinhloso nombhidlango wakhe wokwenzelela ngendlela ezozuzisa iqembu lakhe lezepolitiki, (ukuqhoqhobala iNdlunkulu nokuligayela ivoti), kanti ngakolunye uhlangothi eshushwa wukufuna ukuba ingxenye yezindaba zaseNdlunkulu noZulu ukuze kufezeke izinjongo zakhe neqembu lakhe. 

Mageba, kungani uMntwana engayiboni inkinga ayidalayo, njengalowo ozibiza ngoNdunankulu kaZulu? Ukwethembeka kukaMntwana kucheme ngaphi uma uMntwana ekwazi ukubiza abezindaba ezovikela iqembu lakhe lezepolitiki ngesigameko salo sokufaka uMntwana uMisuzulu (Naye njalo uMntwana uMisuzulu ekhonjwe ngentshebe nguMntwana esigabeni asibiza ngokuthi ngesikaNdunankulu), ezingqwembeni zalo zokukhankasela ukhetho lwezepolitiki.

Ndabezitha, uMntwana ukhwele wadilika kuMntwana uThulani waseZibindini nxa ekhuza umuga wokufakwa kwesithombe sikaMntwana uMisuzulu. Yonke inkulumo kaMntwana ngalolu daba ikubeke kwacaca ukuthi uMntwana ubekhulumela iqembu lakhe lezepolitiki nokuthi iSihlalo, iNdlunkulu, noZulu kuza muva uma kuqhathaniswa nezinjongo zikaMntwana neqembu lakhe. Kasethuki Mageba, selokhu kwathi nhlo, uMntwana usebenza kanjalo. 

Mageba, uMntwana utshele izwe ukuthi ukufakwa kwesithombe sikaMntwana uMisuzulu oqwembeni lokukhankasela iqembu lakhe kwaba liphutha. Kepha uma uMntwana eqhubeka ematanisa okwenziwe liqembu lakhe nalokho okwenziwa yinhlangano kaKhongolose ngowezi-2016, ifaka isithombe seNgonyama, kimi kuhlonza ukuthi okwenziwe liqembu likaMntwana bekungelona iphutha.

Mina ngibona uMntwana esophe ukudonsela iNdlunkulu embangweni wezepolitiki ophakathi kwakhe neqembu likaKhongolose. Ndabezitha, uma uMntwana akubona kuliphutha okwenziwa nguKhongolose, cishe njengoNdunankulu kaZulu nomvikeli weSihlalo soBukhosi neNdlunkulu azibiza ngaye uMntwana; bekumele ukuthi akuqinisekise ukuthi kakuphindi kwenzeke. Hhayi ukuthi uMntwana afune ukuthethelela isenzo seqembu lakhe ngokukhomba isenzo athi senziwa nguKhongolose ngowezi-2016, isenzo uMntwana asho yena ukuthi sasingalungile. 

Ndabezitha, yingane ekhasela eziko engakhuluma kanjalo. Mageba, leli "phutha" akusilona elokuqala. Elinye i-"phutha" ngelokuthi nxa uMntwana ekhuluma ngezindaba zaseNdlunkulu njengoNdunankulu, uMntwana simbone ephahlwe ngabaholi beqembu lakhe, kuyibo futhi abadidiyela izithangami zabezindaba, bebhala nemiyalezo eqondiswe kuZulu nasemhlabeni wonke. Laba baholi beqembu likaMntwana basuke befunani ezindabeni zaseNdlunkulu noma bafakwa nguMntwana njengophawu lokuthi liqembu lakhe elibhula amaphiko eNdlunkulu noma elibambe iNdlunkulu ngesidlozana sezepolitiki?

Mageba, lezi yizenzo okungelula ukuba zicinywe ngokuthi zibizwe "ngamaphutha”, ikakhulukazi uma zenziwa nguMntwana njengoba ehlala egabaza ngokuthi wakhulela eSigodlweni kwaDlamahlahla. Umbuzo ngothi, "Yikho-ke lokhu okwafundwa nguMntwana ngokukhulela kwakhe eSigodlweni?" 

Ndabezitha, noma isisebenzi leso singaxoshwa, uma sixoshiwe ngempela njengoba singazi nokuthi singubani noma singexoshwe, wona umonakalo uMntwana usewenzile. Mageba, uma ukuxosha kuyisixazululo, cishe kuyodingeka ukuthi uMntwana axoshe nalabo beqembu abasuke bemphahlile ezithangamini zabezindaba lapho uMntwana ekhuluma ngezindaba zeSihlalo. Uma kunjalo, cishe kuyodingeka ukuthi naye uMntwana azixoshe noma esule, ukuze sibone ukuthi Mntwana kaphambani nobulungiswa. 

UMntwana wakubika esidlangalaleni ukuhoxa kwakhe ebuholini beqembu lakhe, kwaze kwaqokwa uMongameli omusha. Ngokwenqubo, uMntwana uselilungu nje leqembu lakhe. Okungixakayo-ke wukuthi kungani kungadedelwanga ubuholi beqembu ukuthi bukhulume buvikele iqembu ngodaba Iwesithombe sikaMntwana uMisuzulu? 

Kungenzeka ukuthi ukukhuluma kukaMntwana ngalolu daba kusahlonza khona ukuthi uzibona enamandla ngaphezu kweSihlalo sobukhosi, iNdlunkulu kanye noZulu wonkana? Uma Mntwana ethi ubekhuluma njengoNdunankulu kaZulu kuzoba kubi kakhulu ngenxa yokuthi eqinisweni lokho kuzosho ukuthi uMntwana ubesebenzisa isigaba sobuNdunankulu bukaZulu ukuvikela iqembu lakhe lezepolitiki. UMntwana aze adonse nezingqwembe zikaKhongolose nencwadi kaMzala Nxumalo impela.

Mageba, ukuhlasela uMntwana uThulani ngaloluyahlobo esidlangalaleni nxa evikela iSihlalo, kuhlonza ngokusobala ukuthi kuMntwana yizinjongo zakhe nezeqembu lakhe ezimqoka kuye ukwedlula ukuvikela iSihlalo, iNdlunkulu, uBukhosi bukaZulu., kanye noZulu wonkana. 

UMntwana usengakhuluma nje, acaphune umlando wokuzaleka kwakhe, iqhaza lezizukulwane ezehlukene zakwaButhelezi, nalokho akubiza ngomnikelo nokuzibophezela kwakhe siqu eZingonyameni asebenze ngaphansi kwazo, uBukhosi bukaZulu kanye noZulu wonkana, kepha-ke abaziyo bathi, "Action speaks louder than words". 

Lesi senzo, nezinye ngokomlando, zikuveza obala ukuthi uMntwana uchemile, nokuthi selokhu kwathi nhlo, uMntwana usebenzisa iSihlalo soBukhosi neNdlunkulu ukufeza izinjongo zakhe nezeqembu lakhe. Ngisho nesithutha siyabona manje, Mageba. Cishe kuyacaca manje ukuthi uMntwana kuyambinda ukusingatha futhi eshebe kahle isigaba sakhe sokuba nguNdunankulu nezinjongo zeqembu lakhe. 

Sengiphetha kulolu daba lwephutha; engingakusho wukuthi, "amaphutha" kaMntwana asemaningi kakhulu, abucayi futhi abeka ubuKhosi bukaZulu engcupheni.

Mageba kasikwazi ukuthula sibona ukuqothwa koMbuso kaZulu neSizwe sikaZulu kuqhubeka ngaphansi kwesandla soweNkosi. Isigaba sobuNdunankulu sisho ubuqotho nobulungiswa esigabeni sokuvikela uMbuso nesithunzi sikaZulu. UbuNdunankulu busho ukusebenzela nokuthatha imiyalelo eNdlunkulu. 

UNdunankulu akangeni agamanxe ezindabeni zegula. UNdunankulu usebenza ngokumenywa, akazifaki ngamandla futhi usebenza ngokuthula neNdlunkulu. UNdunankulu unamalungelo afingqiwe eNdlunkulu. Kepha sibona uMntwana edlubulundela, engenamkhawulo, enza ama "phutha" angenamkhawulo.

Mageba, uMntwana wazi kahle ukuthi okwenza asibone njengezitha zakhe yindlela nomgudu awusebenzisa ephambana nomthetho embhidlangweni wakhe wokuhlonza uMntwana uMisuzulu njengeNgonyama. Kuphambene nesiko, kuphambeme futhi nemithetho yezwe. 

Esikushoyo kasikusho ngoba senziwa yilokhu uMntwana akubiza ngomoya kaKhongolose, futhi azange sifunde lokhu akubiza nge-propaganda kaMzala Nxumalo - owabhala incwadi ethi - Gatsha Buthelezi - The Chief with a Double Agenda, lena uMntwana abeyiphethe kwingxoxo nabezindaba mhla zili-15 kuMfumfu kophezulu. Mageba, sasiyobe siyithathaphi incwadi kaMzala Nxumalo ngoba uMntwana wayivala? Bengiyocela ukuba uMntwana angiphe leyo ncwadi kengiyifunde ukuze ngazi ukuthi kanti yona iquketheni lena engaka. 

Mina Ndaba ngisukunyiswa ukubona abaNtwana neNdlunkulu bebanjwa isamuku emini ilanga libalele. Ngeke sithule sibona iNdlunkulu ibanjwa inkuzi emini kabha.

Mageba, ngiyaqaphela lapho uMntwana ethi khona uzalwa ngamaqhawe, futhi naye uliqhawe. Ngiya mangala Ndaba ukuthi likhona yini iqhawe elake lathi lihlabene libe lisoconge umuntu eboshwe izandla ngemumva. Ngikusho ngani lokhu Ndaba? Ngisho Mageba ngoba uMntwana waphazamisa ukuphawula kwami ngosuku lokufundwa kwencwadi yokwabiwa kwamafa eNdlovukazi yakwaKhangelamankengane.

UMntwana kagcinanga lapho. Waqhubeka wayalela abezindaba ukuba bacishe imishini yabo yokuqopha. Lokhu kwenza kakulindelekile kumholi weqembu. Ngalena kokuthi kuhlonza ukuthi uMntwana ungundlovukayiphikiswa, sengathi kungakhuluma yena yedwa, kuvelele imibono yakhe; kuhlonza ukuthi uMntwana uyesaba lapho eqondwa ngqo ngamaqiniso, ufuna ukudica nje, abanye bebanjwe izandla ngemumva. Futhi kuhlonza ukuthi uMntwana intando yeningi yinto angazwani nayo nangengozi, futhi nangenandaba nayo. Lokhu kudweba isithombe ngosizi lwalabo abazithola besebenzisana naye ubusuku nemini. 

Ndabezitha, isenzo soweNkosi sokuphoqa u-1KZN TV ukungaqhubeki nengxenye yesibili yenkulumo yami kufakazela konke lokhu engikusho lapha ngenhla. Mina Mageba ngazi ukuthi ingxenye yesibili yengxoxo yami isivaliwe, ungakangithinti u-1KZN TV. UMntwana uThulani waseziBindini wafonela omunye waBantwana, echaza ngokungenami kwakho Mageba, ngalokho uMntwana athi kungukumuchapha ngenhlamba.

[Side Note: Nangesikhathi nathi silungiselela ukushicilela lolu daba, lowo obizwa ngoMengameli wezwe uCyril Ramaphosa umemezele ukuthi kuzoba nocimicimi ka-level 1 kuzwelonke kusukela emini ngothwalofu kuze kuyoshaya iSonto. Inhloso la, ngokubona kwethu ukuphazamisa ukufundwa kwalolu daba ezweni, kwazise URamaphosa noButhelezi bayasebenzisana kwezepolitiki. Lokhu kucacisa ngokusobala ukuthi ucimicimi lo akuwona owezinkinga zika-Eskom, kodwa yisikhali sezepolitki okuliwa ngazo izimpi ezahlukahlukene. Asikhohliwe ukuthi ngesikhathi sodlame lwase-East Rand phakathi kwe-IFP ne-ANC, umlungu okuthiwa wuCombrink wayecisha ugesi koThokoza ukuze abahlali bahlaseleke kahle ngobumnyama].

Okuhle Ndaba ngukuthi abanikazi bezinkampani zokuxhumana ngomakhalekhukhwini (cellular network service providers), bayazigcina izinkulumo. 

Nxa ngizwa lezi zindaba ezibuhlungu zokuvalwa kwengxenye yesibili yenkulumo yami, ngaze ngazibuza ukuthi pho kungani uMntwana engayi ku - 1KZN eyoziphendulela (right of reply), noma eyofuna icala lesinxephezelo eNkantolo (sue), nxa ngimchaphe ngenhlamba. 

Ngazibuza ukuthi kungani uMntwana angivale umlomo, akhethe umgudu owawusetshenziswa ngabacindezeli baMabhunu ngesikhathi sobandlululo, agxobe ngezinyawo ilungelo lami lokuzwakalisa izimvo zami (freedom of speech) eqinisekiswa ngumthethosisekelo wezwe.

Ngezwa nangethimba labayishumi nanye elahlangana nomphathi siteshi we-1KZN TV, uMnumzane uMncwango, limesabisa ukuba angaqhubeki nohlelo ngenxa yokuthi lolu hlelo luzoba nomthelela ongemuhle kuMntwana naseqenjini lakhe ngesikhathi lapho kuyiwa okhethweni. 

Ngezwa nokuthi umphathi siteshi wesatshiswa ngokuthi uma engavumi ukugoba uphondo, iqembu likaMntwana lizomashela isiteshi u-1 KZN TV. Mageba, uma konke lokhu esengikubalile kungeyona indlela yokwenza izinto kusetshenziswa amaqhinga angcolile (dirty tricks), kuzobizwa ngani?

Ndabezitha, noma uMntwana engasithuka ngazo zonke izinhlamba ezikhona ngaphansi komthunzi welanga, esikushoyo sithi aMakhosi oHlanga mawavuke azibonakalise, mawakhulume kuMntwana, mawangavumi ukuba izizukulwane zawo zibe sebugqileni nenhlupheko ungunaphakade.

Izwi loMdali weZulu noMhlaba engifisa ukuba uMntwana alihlaziye yileli: 

Eksodusi 7: 3-4 

"Mina ngiyakuyenza inhliziyo ka-Pharaoh ibe lukhuni, ngandise izibonakaliso zami nezimangaliso zami ezweni laseGibithe. Kepha uPhoroah akayukunilalela, ngiyakubeka isandla sami phezu kweGibhithe, ngikhiphe amabandla ami, isizwe sami, abaNtwana bakwa-Israyeli ezweni lami ngezahlulelo ezinkulu." 

Yimi ozithobayo; UMntwana uThokozani kaPenuel kaSolomon KaDinuZulu kaCetshwayo. Zingama-20 kuMfumfu (October) kowezi-2021

I BUILT MY SITE FOR FREE USING