Ngu John Perkins
[Side Note: Umbhali uJohn Perkins usilandisa kabanzi ngomsebenzi omubi abewenza wokuwisa iminotho yamazwe asafufusa ukufukula umnotho waseMelika ngobugebengu obuhleliwe obubizwa ngeCorporocracy - okuwuzungu lokucekela phansi iminotho yamazwe amancane yimigulukudu ezenza oMsamariya abalungileyo. Sicaphuna amabalengwe kulencwadi eshaqise umhlabo wonke jikelele; i-Confessions of an Economic Hitman...]
John Perkins: Eqinisweni lilonke angikaze ngizibone njengochwepheshe kwezomnotho. Mina ngineBachelor's Degree ezifundweni zeSayensi nakwi-Business Administration engayithola enyuvesi yaseBoston, ngigxile ezifundweni ze-Marketing. Angikaze ngibe yingcweti ezibalweni. Ekolishi iMiddlesbury ngangigxile ezifundweni zobuciko, nginekhono lokuloba.
Isikhundla sokuba yi-Chief Economist nomphathi wokuhlelwa kweRegional Planning akuzona izinto engingazibala njengezikhundla engazithola ngoba kufanele, kunalokho ngangena kuzo ngenxa yokuvuma kwami ukwenza ucwaningo nokukhipha imiphumela ezojabulisa labo engibasebenzelayo namakhasimende ami.
Phezu kwalokhu, ngangihlakaniphe ngokwenele ukukwazi ukuhlonza ngiqashe nabantu ababazi kangcono kunami kulo mkhakha wakwa-Econimics, abanye babo bena-PhDs. Akumangazi ukuthi umbhali waleyo miyalezo yocwaningo ubejwayele ukuphetha ngokuthi athi: “Ave ngiziqhenya ngethimba engisebenzisana nalo.”
La maphepha ayequkethe lezi zinto bengihlala ngiwabeke phezu kwetafula lami, ngaso sonke isikhathi ngilokhu ngiwafunda. Kwesinye isikhathi ngizithole ngaphandle kwe-ofisi, ngizulazula emadeskini ezisebenzi zami, ngibuka izisebenzi zami ngidliwa wunembeza ngesengikwenze kuzona ukuze bazithole sebesebenzela mina ekwakheni igebe elikhulu phakathi kwabampofu nezicebi…
Njengenkabi yomnotho bengingaholelwa yiNSA (National Security Agency) noma uphiko thizeni lukahulumeni. Bengiyisakhamuzi nje njengabo bonke abantu, ngisebenzela inkampani ezimele. Ukuqonda ngalokhu kungenze ngasheshe ngabona ukuthi kungani kunokumbondelana okungaka kwezikhulu zezinkampani ezizimele zisebenza njengezinkabi zomnotho. Uhlobo olusha lwamasosha beseluqhibuka njengamakhowe emhlabeni wezono, lungenanembeza ngezenzo zalo zobumnyama.
Ngelinye ilanga ngaze ngaqopha phansi lo mlayezo: Namhlanje kunabafazi namadoda avakashela koThailand, Phillipines, Botswana, Bolivia nakwezinye izingxenye zomhlaba befunana nabantu abalambele imisebenzi.
Baya kulezi zindawo ngenhloso eyodwa, ukuthola abantu abazobaxhaphaza ngoba bayazihluphekela, abantu abanezingane ezilala zingadlile, abantu abalala emikhukhwini, abantu abangasenathemba ngekusasa labo.
La madoda nabafazi bashiya ama-ofisi abo amahle koManhattan, San Francisco nakoChicago, bandize banqamule izilwandle begibele amabhanoyi, balala emahhotela aphambili baphinde badle nasema-restaurent kanokusho. Ukusuka lapho bazingelana nabantu abahluphekayo. Nanamhlanje sisenabantu abahweba ngezigqila.
Kulesi sikhathi esiphila kuso abasasiboni isidingo sokunikela emahlathini ako-Afrika befunana nezigqila ezizobenzela inzuzo ephindaphindiwe endalini yakoCharleston, eCartagena nakoHavana.
Sebevele baqashe umuntu ohlwempu bakhe ifekthri ekhiqiza amajakhethi, odangala, amateku, ama-parts ezimoto, awama-compyutha nokunye okuningi abangakudayisa ezimakethe ezithandwa yibo. Noma uma bethanda benze sengathi amafekthri lawa akuwona awabo, baqashe usomabhizinisi wendawo ukubenzela wonke la manyala.
Laba bafazi namadoda abaziboni ubunjalo babo. Babuyela emakubo nezithombe ezingejwayelekile zezindawo ebebekuzo bakhombise izingane zabo. Banokuhlanganyela ngandlelathile emakhosombeni la bekhohlisana khona, becebisana nangezinto ezincane ezivamise ukuba zithiyo uma bevakashela amazwe akude.
Obasi babo banabameli abahlala bebakhuthaza ngokuthi akukho okungukwephula umthetho abakwenzayo. Banenqwaba yabeluleki abangama-psychotherapists nabanye emkhakheni wezokuqashwa kwabantu ukupholisa onembeza babo ngokubatshela ukuthi empeleni ngalemikhuba yabo basiza abantu abahluphekayo.
Umhwebi ngezigqila wasemandulo ubeziduduza ngokuthi laba bantu abagqilazayo akubona abantu ngokuphelele, nangokuthi ubapha ithuba lokuthi basindiswe ngokwenkolo. Ubekuqonda kahle ukuthi izigqila zibaluleke kangakanani ekufukuleni umphakathi wabantu abafana naye, ukuthi zingumgogodla wokufukula umnotho wakhe.
Usozigqila wanamhlanje uziduduza ngokuthi kungcono kabi ukuthi abantu abahluphekayo bathole i-dollar elilodwa ngosuku kunokungatholi lutho, nangokuthi lokhu kuyigxathu elibanzi lokuthi nabo bagcine beyingxenye ye-Global Village…
Kuleyo minyaka engu-30 izinkulungwane zamadoda nabafazi bezizibandakanya ekudicileleni phansi izwe lase-Ecuador. Abanye babo, njengami nje, babazi ukuthi benzani kodwa inqwaba yaleli thimba yayingaqondisisi kahle, bezitshela ukuthi benza imisebenzi abaqeqeshelwe ukuyenza kwezamabhizinisi, ubunjiniyela nakwezomthetho, belandela nje imiyalelo yabaqashi babo ngokwejwayelekile, ababenza isiqiniseko sokuthi babakhokhela imivuzo emihle.
Le genge ibizibona njengabantu abenza imisebenzi engenachashaza, ngelikhulu iqholo bezibona njengo-Msamariya olungileyo ngoku ‘takula’ abantu abahluphekayo obishini.
Yize bebeyizingquphunga eziphuphuthekayo, bengaboni ukuthi bayakhohliswa, le genge ibengeyona injini yalolu zungu oluhleliwe, bebewumlenze nje wenkulu inunu le umsebenzi wayo okuwukuwaka amazwe omhlaba iwafake ezikweletini ngendlela engakaze ibonwe.
Akekho umuntu obephuma ayofuna laba bantu njengomuntu efunana nenkabi, bekulula ukubathola ezinkampanini ezibaqashile, emabhange nakuma-agents kahulumeni.
Ukuthengwa kwabo bekuba ngukunikwa umholo omuhle, amabhonasi, ama-pension funds nama-insurance policies, behlala befundekelwa ngendendende yezintshumayelo ezibakhumbuza ngekusasa labantwana babo elingaba mfiliba uma bengalisebenzeli kanzima…