12 Mar
12Mar

Ngu Sbu Ngubane

Le mibhikisho okuthiwa ibhebhezelwa wukungalethwa kwamanzi endaweni yaseMsinga iyisimo ngokubona kwethu esasingagwemeka kudalo ukube abantu basheshe baphuma endlini eshayo...

Amatshe emgwaqeni kubhikishelwa ukwentuleka kwamanzi eMsinga ngowezi-2018

Abaholi abathile bezepolitiki kuleyandawo yaseMsinga abayeke ukwenza lokhu esikubona kwenziwa yiqembu eliphikisayo le-DA ephalamende; ukudala zonke izinkinga esinazo ezweni ngenhloso yokwenza abantu abamnyama bazonde labo ababalethela inkululeko.

Akungathi ngoba nakhu unabezindaba abakwesekayo ukufihla ubuze bakho bese wesulela ukwehluleka kwakho ukufeza izidingo zabantu ngabantu abangenacala.

Izinkinga zamanzi eMsinga zindala kabi. Nami njengomnikazi wephephandaba ezaseMsinga ngazalwa zikhona, ngakho-ke labo abathi zisuswa ubudedengu bukaMasipala omkhulu uMzinyathi bakhuluma ilumbo. Bawusola kanjani uMasipala omkhulu ngoba kumanje awuphethwe qembu, usezandleni zomlawuli?

Ukube lokhu bekuyiqiniso bekuzosho ukuthi lo Masipala omkhulu awusoze waholwa ngabantu abaqotho nanini ngoba phambilini singena entandweni yeningi ubungaphethwe yinhlangano ebusayo kodwa izinkinga zamanzi zilokhu zikhona.

Lokhu kuchaza ukuthi inkinga yamanzi kuleyandawo idalwa yivoti labantu abangaqondi ukuthi abaholi babo empeleni bawuhlobo luni lukapende futhi izinhloso zabo kwipolitiki ziyini. Kanti kukhona abathi ukube u-IEC eMsinga awuphethwe amalunga aziwayo e-IFP, i-ANC ngabe kudala yawuthatha lowaMasipala ngevoti.

Noma ungaze umthande kanjani uFaro noma ibhunu elimnyama, ingwe ayisoze yawushintsha umbala wayo. Ibhunu elimnyama alisoze laguquka ekutheni ukunethezeka kwalo kuqinisekiswa wukuhlupheka kwakho ngoba vele amabhunu amhlophe alakhayo nawo aphiliswa wukuhlupheka kwakho njengomuntu omnyama.

Ukube bayaqonda abantu baseMsinga ukuthi laba bantu bepolitiki ababathandayo babebambe qhaza lini ekuvikeleni umbuso wengcindezelo ngabe kade baphuma kuleziya zinkinga ezibakhungethe.

Njengoba umsebenzi wabo phambilini bekuwukusiza uhulumeni wengcindezelo ukuvimba inkululeko, umsebenzi wabo namhlanje sekuwukwakha inhlupheko kubantu ababaholayo basulele ngabanye abantu abangenacala ukuze abantu babo baziqhelelanise nohulumeni ongabasiza bese bebalawula kahle. Ngokwepolitiki yabo yobukhephithali akulula ukulawula umuntu uma engasahlupheki.

Lana ngikhuluma ngabantu esikhule befafaza inkololoze ngenhlangano ebusayo, bethi njengoba ilala ngubonye nje namaKhomanisi uma uthatha umkakho njengelunga layo kumele wazi ukuthi lowo muntu wesifazane akuyena nje unkosikazi wakho kuphela, kodwa ngowanoma iyiphi indoda eyiKhomanisi. Bethi amaKhomanisi odoti, izinto ezabelana ngayo yonke into le, ngisho nangamakhosikazi awo imbala. Inkololoze le ebeyifafazwa amakhothangqoko e-Central Intelligence Agency (CIA) empini yayo yokungcofa nokudicilela phansi isithunzi sezitha zayo ngesikhathi sempi yomshoshaphansi, phecelezi i-Cold War; obekungumaKhomanisi.

Umzekelo nje; isishimane sendoda ukuze sibambe ngesiketi unkosikazi esingazethembi kuye angathi nyaka senza isiqiniseko sokuthi akakwazi ukuzimela, ukuzenzela imali nokuziphilisa ngaphandle kwaso ukuze simlawule kalula.

Noma singaba sethubeni lokumfaka emsebenzini lowo nkosikazi angeke simfake ngoba asizethembi, sibona ezobona abantu abangcono kunaso emsebenzini uma esezimele; abaleke. Ngakho-ke ukudala isimo sokuthi lo nkosikazi anganyakazi kusinika ithuba lokumxhaphaza ngoba akanazimpiko zokuzindizela.

Yingakho nje ukuhlupheka kwabahlali baseMsinga kuyisibusiso kubona. Uma nje abantu baseMsinga beseswele amanzi kusenohulumeni weProvince oholwa yi-ANC abazokwesulela ngaye konke ukwehluleka kwabo, ivoti labo lokunethezeka liqinisekisiwe.

Mina nje laphaya ngakithi esigodini sakwaPhakwe kusenesihosha (umhlathi) sakwaMahlabinkonyane, oselo kwathi nhlo noma kusaphethe uMasipala wabo kuleyandawo ebeyiwu-Ward 12 phamblini akukaze kwakhiwe mgonqozo osebenzayo kuso.

Akukho sihosha esigeleza amanzi kuleyandawo injalo nje iqhelelene impela nomfula iNadi, nawo oshelwe ngamanzi ngikhuluma nje ngenxa yeBhunu abalivikelayo eseliphendule isiphethu salomfula idamu lokuphuzisa izinyamazane zalo bebe abantu bebulawa yisomiso ngezansi.

Ubaba uMasithela Sithole wakwaDolo angangifakazela kulokhu. Le mpi yaleliBhunu useyilwe kakhulu, kusukela elisusa le ezansi ngasesikoleni iHlanzeni, elenyusa njalo kuze kube yila selikhona manje ngaseMavalane. Wathi lapho esethi uyalisusa unomphelo njengenduna wajikelwa yisigodi samehlisa esikhundleni, dukuduku kwakhona ophula umgogodla wembongolo yakhe ngokuyethwesa isihlabathi esingaphezu kwamandla ayo ngabomu. Namanje ufunga uyagomela ukuthi mhla wayithola le nswelaboya eyagila isilwane sakhe ngaleyandlela, kuyoqhuma nhlamvana ezinye ziyofekela.

                                                           KwaDolo

Imali oyithole kulebhajethi yonyaka uMasipala waseMsinga icishe ifike ezinkulungwane ezimbili zezigidi (+-200 million). Njengoba uMasipala omkhulu uMzinyathi ungakaphathwa qembu nje kusalindelwe imiphumela yokhetho oluzayo lwaseNquthu; nisho ukuthi ukube abaholi baloMasipala waseMsinga bebebathanda ngempela abantu babo sekungaze kufe abantu kungekho okwenziwayo ukuthola amanzi ngalemali engaka yebhajethi?

Ngokwazi kwami ukumba umgonqozo akwevile ngisho ezinkulungwane ezili-10 uwodwa. Kungangcono wakhiwe yibo kanye ngoba lemigonqozo eyakhiwa wuhulumeni wesiFundazwe iyaphulwa ngamabomu ukuze unyundelwe.

Namanje baphi ogandaganda abalethwa wuhulumeni wesiFundazwe ukuqeda izinkinga zokulima eMsinga mahhala. Angithi bephulwa ukuze uma ufuna ukulinyelwa ukhiphe imali ukuqasha ugandaganda wabo. Manje usungaze ubulalise abantu ngendlala yamanzi imali unayo ngoba nje ufuna kuzondwe elinye iqembu ongalithandi okumanje alingene kuyo yonke le nto?

Iphephandaba ezaseMsinga like lamenywa komunye umhlangano wokuqeda izimpi owawuhlelwe yinhlangano uBumbano lo Msinga ehholweni kwaMabaso. Uma isisho le nhlangano, okuthiwa inobudlelwano nabo, ithi yayilucelile uxhaso kuMasipala waseMsinga ngeziphuzo kulowamhlangano kodwa awanikela ngisho nangezigubhu lezi zamanzi ezithengwa ezitolo yize umhlangano wawuthanyelwe nangamakhosi imbala.

Thina sibona kuyipolitiki nje le yesimabomu, kuhlukunyezwa abantu ngesitayela ukuze lokhu kugcine kunomthelela kwabazovota naseNquthu, bazonde iqembu elingabakhulula kulolubishi bavotele inhlupheko endala.

Lokhu akwehlukene nalomkhuba okuthiwa wenziwa owayenguMengameli waseMelika uGeorge W. Bush, okuthiwa wahlela ngamabomu ukusakazwa kwamabhilidi aseNew York ngezindiza esigamekweni esesaziwa nge-9/11 ukuze athole isizathu sokuhlasela elase-Iraq kubulawe noSaddam Hussein.

Izinhlangano zepolitiki ezasungulwa yilolu phiko lwaseMelika lwabashokobezi bezomshoshaphansi okuthiwa yiCIA (Central Intelligence Agency) zikwenza mihla le lokhu ukudida imiqondo yabantu. Umholi weUNITA uJonas Savimbi waze wafela emahlathini ase-Angola elokhu elwisana nombuso wenkululeko kaMengameli wakhona uJose dos Santos yize abe-CIA base bemhlamukile ngoba sebebona ukuthi umsebenzi wakhe abasenawo.

Siyaphinda siyasho futhi ukuthi ukulandela iqembu elincane akwehlukene nokulandela iqembu lezebhola elingawini zicoco, elihlala livika izembe. Angeke kusize muntu lokhu ngoba laba bantu banjenga lama qembu amancane kuPSL alwela ukuhlala kwi-log ukuze athole igrant ka-R1.5 million njalo ngenyanga.

Nabo onkamalanga laba ngokuzuza oMasipala sebelwela ukuthola i-grant kahulumeni ukuhlohla izisu zabo nokukhulisa izibaya zabo ngevoti lakho ukuze ulokhu ubavotele wena kanti ayikho nento abangakusiza ngayo, uyasetshenziswa nje qha. Usake wazibuza ukuthi laba bantu njengoba iningi labo bengafundile nje, ngabe benza msebenzi muni ukube awukho lowa Masipala?

Izindawo eziphethwe yilaba bantu, ngisho besaphethe iProvince imbala zisakhungethwe zinkinga ezifanayo nalezi esizibona zihaqe abantu baseMsinga kumanje yize uMasipala uhlala uthola isabelomali esiyizigidi ngezigidi zemali kuhulumeni wesiFundazwe ukuxazulula izinkinga zomphakathi. Bayenzani yonke lemali?

Umbuzo osalayo-ke uthi njengoba bengongoma bayayona nje bajike basulele ngohulumeni weProvince, ukube babebathanda ngempela abantu baseMsinga; abazilungisanga ngani pho lezi zinkinga zamanzi besaphethe isiFundazwe ngokufaka imigonqozo esebenzayo zonke izindawo?

Ngokubona kwethu isixazululo salokhu sisodwa, akuvele kuqedwe nya ngoMasipala abancane ngoba umsebenzi wabo awucacile khona kuzophela nya lokhu kucasha ngesithupha itotolozi ihleli obala.

I BUILT MY SITE FOR FREE USING