24 May
24May

Ake nibe abaholi ngokwenu manje bantu abamnyama. Niyeke ukudlala amaxhegu nezalukazi. INkosi uJesu Khrestu akabakhanga abalandeli, wakha abaPhostoli. UKhrestu wakha amakholwa, hhayi abalandeli. Uma uzwa kuthiwa ngesiNgisi "Disciples", akukhulunywa ngabalandeli bakhe, kukhulunywa ngabaFundi bakhe. Inhloso yomfundi ukufana noThisha ekugcineni, hhayi ukuthi aze aqhakaze ekhanda engumfundi. SingoMesiya nje namhlanje yingoba uKhrestu wayezokhanda oMesiya abafana naye. Yi-Satanism kuphela eyakha abalandeli ngoba uSathane unomona, akafuni abalandeli bakhe bafike ezingeni lakhe ngelinye ilanga, bafane naye.

Ipolitiki ngoba ingekaSathane, ikufundisa ukuba wumlandeli womuntu impilo yakho yonke. Yingakho abelugu bebuyise uZuma empeshenini nje, yingoba babonile ukuthi abalandeli bakhe abasafuni ukuvota. Kwathiwa phezu kwabo Msholozi, phuquzisa uthuli nje lomlotha ongathi shu baxhopheke ngoba sibafuna bevotile, uyingozi kabi umuntu ongavoti ngoba akalawuleki. 

Akufanele uhlale ungumfundi impilo yakho yonke. Uma ipolitiki ikubeka ezingeni lokuba wumlandeli impilo yakho yonke lokho kuchaza ukuthi ayilungile. Ingumluthi. Akulungile ukuthi uhlale eNyuvesi njengomfundi impilo yakho yonke. Ukuthi sekungaze kubuye ixhegu empeshenini impela lizohola wena njengomuntu omnyama ezweni; yinhlamba leyo. Akudingeki nokuthi uze ube usosayensi ukuqonda ukuthi ngokukhula kwakhe umuntu umqondo ubuyela ebunganeni, acabange kancane.

Ukuguga okungakwenza ufune ukubuyela ePhalamende uyolungisa izinto ezikwehlule iminyaka engu-9 yonke uquve khona njengoMengameli wezwe. Waphiwa ne-6% wuJulius Malema we-EFF ukuguqula iConstitution, nayo kahle-hle engadinge kuguqulwa ngoba injengoba inje beyikunika igunya njengoMengameli lokuthatha umhlaba wabantu kubelungu abawuntshontshayo uwubuyisele kubo uma i-willing buyer willing seller ingasebenzi, awangakwenza lokho.

Manje ungathembela kanjani exhegwini ukuthi libe wumholi wakho selingubo ziye weni? Niyazibona izinkinga ezishiywe wuButhelezi eNdlunkulu ka Zulu ngokungafuni ukuthatha umhlalaphansi kwipolitiki?

Manje nisafunani kuZuma? Ucabanga ukuthi iJudambumbulu alikuqondi lokhu esikushoyo? Ucabanga ukuthi kwenziwa yini ukuthi ipolitiki igqishe ngesingqongqo samakhehla nezalukazi laphaya ePhalamende intsha efundile ikhona? Umlungu ufuna niholwe zingane esezimpunga la emakhanda okuthiwa amakhehla nezalukazi ukuze impilo yenu ime ndawonye.

Umzekelo nje: Ukhona umuntu ongavuma ukuthi kuphungulwe abantu bakubo abelungu ngegciwane ukuze kuvaleke ihlazo lokwehluleka kwezimboni zabo ukwakha amathuba emisebenzi ezweni? Yingane ekhasela eziko leyo. UMengameli nabaPhathiswa abasebasha babezowubamba zisuka nje lowa mkhonyovu weCovid bethi fuseg Bill Gates nobubi, ufuna siqothe isizwe sakithi ukuze wena namaJudambumbulu akini nidle ifa lawo babamkhulu!

Vele ayisoze yawakha amathuba omsebenzi i-Industrialisation ngoba ayilona uhlelo lukaMdali weZulu nomhlaba ukuthi abantu baphile ngemali nangokusebenza emafekthri, wumqondo kaSathane lowo ngokuhlala ezama ukuzibeka phambili kunoMdali.

UMdali umise umhlaba nemfuyo njengento umuntu okumele ayisebenzise ukuzondla impilo yakhe yonke. Yingakho nje i-Urbanisation yabo le besithole singayingeni indaba yayo la e-Afrika, sisadla ngoludala esalumiselwa wuMdali okungukufuya nokusebenza umhlaba ukuziphilisa ngoba yithina abaNtwana bakwa-Israel bangempela, bona bayinzalo ka-Esau, inzalo yenyoka ama-Edomites, oselo kwathi nhlo aziphilisa ngokuqola amafa ethu. 

Ukhondolo lolu abaphuma nalo esiswini sikakhokho wethu mhla u-Esau etshalwa wuSathane esiswini sikaRebecca ukuze abe yiwele likaJakobe, amqole ubukhosi bakwa-Israel, wehluleka. Kusukela lapho kwaZulu, iwele eliphuma kuqala njengo-Esau belibulawa, ngoba kwaziwa ukuthi aliyena umuntu wangempela, kodwa yisilwane nesithunzela seqola nesela lamafa elitshalwe wuSathane ukuba yisithombe sewele langempela, eliphuma ekugcineni.

Eye-Covid saze sayilamula ngokuveza ubufakazi ukuthi nazo izingane ezindala lezi abazihlohle ePhalamende zizodliwa ekugcineni uma sekuqediwe ngathi, kwayima ziphaphama zibona ukuthi uBill Gates uziholela ophathe. Ngakho-ke hlukana nokubambelela emsileni wekhehla nesalukazi ngoba bazokulimaza abelungu.

Uma umuntu eguga umqondo yinto yokuqala egugayo. Kulandele izinwele. Yingakho kuhlehla zona kuqala noma ziqhakaze. Izinwele azikwazi ukumila zizimelele emqondweni ontekentekana. Yingakho noma ingane isewusana kuthi gqwa gqwa lapha okhakhayini. Yingoba izinwele yizona ezixhumanisa umuntu noMdali wena owabona uthi lolu lomsakazo. Uma kuthiwa indlela ibuzwa kwabaphambili akuchazwa ukuthi ibuzwa emaxhegwini, kuqondwe ukuthi ibuzwa emadodeni aseqinile nje ngokukhula, hhayi umuntu osenezisini ukuguga, noma osehlala ngokuququda imihlathi. Sekuyingane leyo.

Impela siyakuhlonipha Msholozi njengomuntu omdala kodwa... 

Pheza ukusetshenziswa abakwa-Oppenheimer ukudida izingqondo zabantu abamnyama. Ayibekezeleleki le nto oyenzayo. Le infographic engenhla iqonde ukukukhuza ukuthi yeka ukusibambisa utalagu. Wazi kahle ukuthi abantu bafuna ukuya ehlathini, wena ubabuyisela eGibhite, indlu kaFaro okuthiwa yiPhalamende.

Msholozi, siyazi ukuthi i-ANC yathunywa amakhosi ukuyohlala etafuleni nomlungu ukuthola isixazululo ngodaba lomhlaba ngowe-1912, yona yadayiselwa i-Industrialisation amaqili afana nalomndeni wakwa-Oppenheimer phakathi kuka-1912 no-1961. Yingakho nawe ufuqela abantu ePhalamende ngoba usungenwe wumoya we-Industrialsation, usakholelwa entweni engadalelwanga thina, imali yomlungu.

Sikhathele manje amanga nezethembiso ezingafezeki. Awushintshe umshovo Msholozi usikhombise ukuthi wawuyisosha lo mzabalazo wenkululeko ngoba angeke isisebenzele le nto oyenzisa abantu. Ayisahambi leyo ndlela yasePhalamende ngoba ihanjwe iminyaka engama-30 yonke ayangasifikisa ezweni lesethembiso. Asisayingeni. Letha imishini manje Msholozi ukuze ubuyelwe yisithunzi, ungasifuqeli esibayeni sokukhuluphalisa abafazi okuthiwa yiPhalamende.

Usuyoze ufuqwe ngomgubane ukuze uvukwe wusinga Msholozi usihlomise. Hhayi bo ndoda, izinja kuphela ezifuqwa ngomhlabathi ukuze zilumane, hhayi umuntu. Saqhathwa thina Msholozi, angeke sivume ukungqongqozwa abanye abafana kanje emakhanda singakaze silwe nabo. Awulethe imishini yethu ngoba isosha elungu-Hani ngabe kade lasihlomisa. Manje ubanjwe yini wena ngoba uyabona siyabulawa kulelizwe?

I BUILT MY SITE FOR FREE USING